Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/08 k. 32
  • “Iyamangalisa Ngempela!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Iyamangalisa Ngempela!”
  • I-Phaphama!—2008
I-Phaphama!—2008
g 7/08 k. 32

“Iyamangalisa Ngempela!”

◼ Yileyo ndlela umqondisi wenhlolo-vo yezemishado ayichaza ngayo incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Umbhangqwana owawuhilelekile kuleyo nhlolo-vo wamnika ikhophi yale ncwadi wamchazela ukuthi ukuyifunda kwawo kwakuwusize ukuba ulungiselele umshado.

Lo mqondisi wabhalela lo mbhangqwana ebonga “ngesipho esihle” owawumthumelele sona. Wabe esethi unethemba lokuthi imibhangqwana enjengawo ingafundisa eminye “ukuthi yini edingekayo ukuze imishado iqine futhi ijabulise.” Wayeqiniseka ngokuthi izincwadi ezinjengethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya zazingasiza abashadile ukuba babhekane nezinkinga ezingase zibe khona. Lo mqondisi waphawula ukuthi lo mbhangqwana wawusizwa ukholo oluqinile nokuthembela osizweni lukaNkulunkulu.

Lo mqondisi wachaza ukuthi ubeka le ncwadi etafuleni lakhe futhi uyibonisa abafundi bakhe lapho becela iseluleko ngomshado. Waphetha: “Ngangiqala ukuyibona le ncwadi, futhi iyamangalisa ngempela!”

Incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya isize izinkulungwane zemibhangqwana emhlabeni jikelele. Nawe ingakusiza ukuba usebenzise izimiso zeBhayibheli ezingenza ukuphila komkhaya wakho kujabulise kakhudlwana.

Ungacela ikhophi yale ncwadi enamakhasi angu-192 ngokumane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi kodwa ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela