Umbono WeBhayibheli
Isizathu Sokuba Uqaphele Ukusebenzelana Nemimoya
EZWENI elithile lase-Asia, isixuku siyagida phakathi nomkhosi wokuhlonipha imimoya. Lo mkhosi ufinyelela umvuthwandaba lapho kuqokwa abesifazane ababili abazovukwa imimoya. Bakweqa amehlo, bese beqala ukudlikizela wena owabona umuntu ebanjwa ugesi.
EPuerto Rico, isangoma (santero) sishweleza emoyeni okuthiwa uChangó, unkulunkulu wokuduma. Sichaza imibono, futhi bonke abasendlini baqala ukudlikizela njengokungathi bangenwe umoya.
Ukusebenzisa imilingo kuyinto evamile emazweni amaningi. Ukukholelwa emandleni angaphezu kwawemvelo kuya ngokuya kwanda, futhi kukhanga abantu abengeziwe. Izincwadi, imidlalo, izinhlelo zethelevishini, namabhayisikobho okubonisa amademoni, ubuthakathi, nezenzakalo ezingaphezu kwezemvelo sekusakazeke kakhulu kunanini ngaphambili.
Kodwa, iBhayibheli lifundisa ukuthi ukuzihlanganisa nanoma yiziphi izenzo zemilingo empeleni kuwukusebenzelana nemimoya. Ukusebenzelana nemimoya akukhona ukuzijabulisa okungenacala noma okungeyona ingozi. Akukhona nje ukufuna ukwazi okuthile okungaziwa. Kuwukuxhumana namademoni, izingelosi ezimbi ezavukela uNkulunkulu.—IsAmbulo 12:9, 12.
Empeleni, ukusebenzelana nemimoya kusiza amademoni afinyelele lokho abadobi abakwenza ngesicupho. Umdobi usebenzisa izicupho ezihlukahlukene ukuze abambe izinhlobo ezihlukene zezinhlanzi. Ngokufanayo, imimoya emibi isebenzisa izinhlobo ezihlukene zokusebenzelana nemimoya ukuze ifake zonke izinhlobo zabantu ngaphansi kwethonya layo. Umholi wamademoni ubizwa ngokuthi “unkulunkulu walesi simiso [esibi] sezinto.” Uyaphumelela ekuphuphuthekiseni izingqondo zabangakholwa ukuba bangaliboni iqiniso leZwi likaNkulunkulu nezinjongo zakhe.—2 Korinte 4:4.
Lapho Ukusebenzelana Nemimoya Kuholela Khona
Umgomo wemimoya emibi yilo: Ifuna ukusiphazamisa futhi isidukise ekwakheni ubuhlobo obuseduze noMdali wethu. Ithonya abantu ukuba bangazilaleli izimfuneko zikaNkulunkulu ezilungile, ngamabomu noma bengazi. Ngakho-ke, ukusebenzelana nemimoya kwenza umuntu angamukeleki kuNkulunkulu, aphelelwe yithemba futhi ekugcineni abhujiswe.—IsAmbulo 21:8.
ULuis wasePuerto Rico uthi: “Kusukela ngisemncane, umkhaya wakithi wawusebenzelana nemimoya. Kwakuyingxenye yenkolo yasekhaya futhi kuyindlela yokuphila. Ngangicabanga ukuthi lalingokwemvelo ikhono lami lokubikezela ikusasa nokufunda amakhadi okubikezela. Ngangivame ukuboniswa izinombolo zelotho futhi ngisize abanye ukuba bawine imali. Lezi ziphiwo zazimane nje ziyisithiyo esingiphazamisayo ekutholeni ulwazi lweBhayibheli nasekwakheni ubuhlobo noNkulunkulu.”—Johane 17:3.
Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi ukusebenzelana nemimoya akuyona ingozi, empeleni kuyazuzisa. Bangase bakhulume ngezipoki ezinobungane noma bathi ukusebenzelana nemimoya kungaholela olwazini, engcebweni noma enjabulweni. Lokhu kungamanga aluhlaza cwe. ULuis uthi: “Luhlale lukhona njalo ugibe.”
Insizwa okuthiwa uChad yaqala ukubona izinto ezithusayo nobuhlungu bokuphaphama njalo lapho ilele. Ithi: “Amademoni aqala ukungihlukumeza njalo ebusuku.” Singavikeleka kanjani ekuhlukunyezweni okunjalo?
Indlela Esithola Ngayo Isivikelo
Ukuze sivikeleke kufanele sigweme noma yini ehlobene nokusebenzelana nemimoya. (Galathiya 5:19-21) Yingakho uJehova uNkulunkulu eyala izinceku zakhe ukuba zigweme le mikhuba: “Akufanele kutholakale kuwe noma ubani . . . obhulayo, owenza umlingo nanoma ubani ofuna amabika noma umthakathi, noma ophonsa abanye ngeziphonso noma obuza konemimoya noma umbikezeli wezenzakalo nanoma ubani obuza kwabafileyo. Ngoba wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova.”—Duteronomi 18:10-12.
Ngokuvumelana nalawo mazwi, abaningi baye bathatha izinyathelo zokuzivikela ngokulahla zonke izincwadi noma ezinye izinto ezihlobene nokusebenzelana nemimoya. UKen, owagqashula ekusebenzelaneni nemimoya uthi: “Ngaphequlula zonke izinto zami ngalahla yonke into enganginomuzwa wokuthi yimbi.”—Bheka izEnzo 19:19, 20.
Isivikelo esikhulu kunazo zonke ukuhlakulela ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu weqiniso, uJehova. Phawula inkambo echazwe encwadini kaJakobe 4:7, 8: “Zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela. Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini. Hlanzani izandla zenu, nina zoni, futhi nihlanze izinhliziyo zenu, nina enimanqikanqika.”
UJehova uNkulunkulu ufundisa futhi avikele labo abasondela kuye. ‘Abaphanjwa amacebo kaSathane’ noma badukiswe imibono engamanga. (2 Korinte 2:11; 11:14) Futhi-ke uJehova unguMninimandla onke. Lapho bembiza ngokholo, uJehova uyobakhulula abahlukunyezwa imimoya emibi. UChad, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Ukwazi ukuthi yini eyayingihlasela nokunxusa uJehova uNkulunkulu ukuba angivikele ethonyeni layo kwayenza yangiyeka.”—IHubo 91:1, 2.
Kuyacaca ukuthi abalungile bangajabulela isivikelo sikaNkulunkulu manje futhi bazi ukuthi maduzane amademoni nabo bonke abazithoba egunyeni lawo bazobhujiswa. Cabanga ngenjabulo nokuthula okuyogcwala emhlabeni lapho isintu sesikhululekile emathonyeni okusebenzelana nemimoya!—Isaya 11:9; IsAmbulo 22:15.