Ingabe Igazi Elihlolwe Ingculaza Liphephile?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENIGERIA
◼ LO MBUZO waphakama eNigeria lapho kutholakala ukuthi usana oluyintombazane lwalungenwe yingculaza ngokumpontshelwa igazi kwesinye sezibhedlela eziphambili eNigeria.
Ngokusho komqondisi wezokwelapha kulesi sibhedlela, ngemva nje kokuzalwa kuka-Eniola, kwatholakala ukuthi une-jaundice. Odokotela batusa ukuba ampontshelwe igazi lomunye umuntu, futhi uyise wathekelisa ngamaphayinti athile egazi. Kodwa kwatholakala ukuthi igazi likayise alihambisani nelakhe, ngakho wampontshelwa igazi elaligcinwe egumbini lesibhedlela okugcinwa kulo igazi. Ngokushesha ngemva kwalokho, kwatholakala ukuthi lolu sana lunegciwane lesandulela-ngculaza lapho luhlolwa, nakuba bobabili abazali babengenalo. Ngokwesibhedlela, “igazi elampontshelwa kulolu sana lahlolwa futhi kwatholakala ukuthi alinayo ingculaza ngesikhathi lumpontshelwa.”
Pho, lolu sana lwalithola kanjani leli gciwane? Uhulumeni waseNigeria wayiphenyisisa le nkinga futhi waphetha ngokuthi cishe igciwane lalivela egazini elampontshelwa. Iphephandaba i-Nigerian Tribune lacaphuna isazi samagciwane esathi: “Ngesikhathi sokuthekelisa ngegazi, kwakuyinkathi lapho izimpawu zesandulela-ngculaza zazingakabonakali kulowo owathekelisa ngalo.”
Lesi isenzakalo esisodwa, kodwa siqokomisa iqiniso lokuthi ukumpontshelwa igazi kuhambisana nezingozi. Lapho ichaza inkathi yokungabonakali kwezimpawu zesandulela-ngculaza, i-U.S. Centers for Disease Control and Prevention ithi: “Kuthatha isikhathi ukuba isimiso sokuzivikela ezifweni sikhiqize amasosha anele angatholakala lapho kuhlolwa futhi lesi sikhathi singahlukahluka kuye ngomuntu. Lesi sikhathi ngokuvamile sibizwa ngokuthi ‘inkathi engenazimpawu’. Abantu abaningi bayoba namasosha atholakala lapho kuhlolwa ngemva kwamasonto amabili kuya kwangu-8 (isilinganiso siyizinsuku ezingu-25). Ngisho nalapho, kunethuba lokuthi abanye abantu kuyothatha isikhathi eside ukuba babe namasosha omzimba avelayo lapho behlolwa. . . . Ezimweni ezingavamile kakhulu, kungathatha cishe izinyanga eziyisithupha.”
Ngakho, iqiniso lokuthi igazi lihloliwe ukuthi alinaso yini isandulela-ngculaza alisona isiqinisekiso sokuthi liphephile. I-AIDS Foundation yaseSan Francisco iyaxwayisa: “Nakuba igciwane lesandulela-ngculaza lingase lingatholakali lapho umuntu ehlolwa enkathini engenazimpawu, lingadluliselwa kwabanye abantu phakathi nalesi sikhathi. Empeleni, abantu balisakaza kakhulu igciwane phakathi nalesi sikhathi (ngemva nje kokuchayeka egciwaneni lesandulela-ngculaza).”
OFakazi BakaJehova sekuyisikhathi eside belandela isiqondiso seBhayibheli sokuba ‘badede egazini.’ (IzEnzo 15:29) Isivikelo abaye basithola ngalokhu sigcizelela ukuhlakanipha kokulalela imiyalo kaNkulunkulu. Ukuze ufunde okwengeziwe ngezindlela zokwelapha ngaphandle kokumpontshelwa igazi, siza ubheke incwajana ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?a
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.