Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/08 k. 3-k. 4 isig. 1
  • “Kwenzekeni Enganeni Yami?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Kwenzekeni Enganeni Yami?”
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlakanipha Nokuqonda
  • Ukukhulumisana Nentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Isithasiselo—Imibuzo Ebuzwa Abazali
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ubusha—Ukulungiselela Ukuba Umuntu Omdala
    I-Phaphama!—2011
  • Lapho Ingane Yakho Eyeve Eshumini Nambili Ingabaza Inkolo Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 6/08 k. 3-k. 4 isig. 1

“Kwenzekeni Enganeni Yami?”

UScott noSandraa bamangala lapho indodakazi yabo eneminyaka engu-15 ingena egumbini lokuphumula. Izinwele zayo ezazikade zimpofana zase zibomvu tebhu! Okumangaza nakakhulu yingxoxo eyalandela.

“Ingabe sikunikile imvume yokudaya izinwele?”

“Phela anikaze nithi anginakuzidaya.”

“Awucelanga ngani?”

“Ngoba bengazi ukuthi ngeke nivume!”

NJENGOBA uScott noSandra bengavuma, inkathi yokuthomba iyisikhathi sezinxushunxushu—hhayi entsheni kuphela kodwa nakubazali bayo. Ngempela, obaba nomama abaningi abakulungele nhlobo ukubhekana noshintsho olwenzeka lapho ingane yabo ifinyelela ekuthombeni. UBarbara waseCanada ongumama uyakhumbula, “Indodakazi yethu yashintsha kungazelelwe. Ngazibuza, ‘Kwenzekeni enganeni yami?’ Kwakusengathi ngiphucwe indodakazi yami ngilele futhi nganikwa enye!”

Isimo sikaBarbara asiyona neze into engavamile. Cabangela lokho abazali emhlabeni wonke abakutshela i-Phaphama!

“Lapho indodana yami isiyibhobhodleyana, yaqala ukuba nemibono yayo ngokungalindelekile futhi yathambekela kakhulu ekungabazeni igunya lethu.”—ULia waseBrithani.

“Amadodakazi ethu aqala ukuzinyeza, ikakhulukazi ngendlela abukeka ngayo.”—UJohn waseGhana.

“Indodana yami yayifuna ukuzenzela izinqumo. Yayingafuni ukutshelwa ukuthi yenzeni.”—UCeline waseBrazil.

“Indodakazi yethu yayingasathandi ukuba siyange noma siyiqabule.”—U-Andrew waseCanada.

“Amadodana ethu aqala ukuba nolaka. Esikhundleni sokwamukela izinqumo zethu, ayeziphikisa futhi eqagulisana nathi.”—USteve wase-Australia.

“Indodakazi yami yayiyifihla imizwa yayo. Yayifuna ukuba yodwa, futhi icasuka lapho ngizama ukuxoxa nayo.”—UJoanne waseMexico.

“Izingane zethu zazivame ukuba nezimfihlo futhi zifuna ukuba zodwa. Zazithanda ukuba nabangane bazo esikhundleni sokuchitha isikhathi nathi.”—UDaniel wasePhilippines.

Njengomzali wengane esanda kuthomba, ungase uthole ukuthi ezinye izinkulumo ezingenhla ziveza isimo obhekene naso. Uma kunjalo, qiniseka ukuthi ungaluthola usizo njengoba ufuna ukuqonda lo “mfokazi” ohlala kwakho, indodana noma indodakazi yakho esakhula. IBhayibheli lingakusiza. Kanjani?

Ukuhlakanipha Nokuqonda

Isaga seBhayibheli sithi: “Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda.” (IzAga 4:5) Zombili lezi zimfanelo zibalulekile lapho usebenzelana nosemusha. Udinga ukuqonda ukuze ubone ngalé kokuziphatha kwengane yakho futhi uqonde ukuthi ibhekene nani ngempela. Udinga nokuhlakanipha ukuze usingathe isimo ngendlela eqhubeka iqondisa ingane yakho njengoba ikhulela ekubeni umuntu omdala onokwethenjelwa.

Ungakhohliswa yilokho okubonakala kuyigebe elikhulayo ebuhlotsheni bakho nendodana noma indodakazi yakho. Iqiniso liwukuthi intsha iyakudinga—empeleni iyafuna—ukuba abazali bayo babe nendima phakathi nalesi sigaba sokuphila esiyinselele. Ukuqonda nokuhlakanipha kungakusiza kanjani ukuba unikeze leso siqondiso?

[Umbhalo waphansi]

a Amagama akulezi zihloko eziwuchungechunge ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela