Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/08 k. 26-k. 29 isig. 9
  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imbangela Yokuphelelwa Yithemba
  • Ingabe Ayikho Indlela Yokuphunyula?
  • Izinto Ziyashintsha
  • Ukubaluleka Komthandazo
  • Lapho Inkinga Iphathelene Nempilo
  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ingabe Ukuzibulala Kuyikhambi?
    I-Phaphama!—1994
  • Ungaluthola Usizo
    I-Phaphama!—2001
  • Lapho Ithemba Nothando Kuqina
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 5/08 k. 26-k. 29 isig. 9

Intsha Iyabuza

Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?

Unyaka ngamunye izigidi zentsha zizama ukuzibulala. Izinkulungwane ziyaphumelela. Ngenxa yokudlanga kokuzibulala kwentsha, abashicileli be-“Phaphama!” bakubona kubalulekile ukuxoxa ngalesi sihloko.

“NGIYEKENI ngife. Kungcono ngife kunokuba ngiphile.” Ubani owasho la mazwi? Ingabe umuntu ongakholelwa kuNkulunkulu? Oye washiya uNkulunkulu? Oshiywe uNkulunkulu? Lutho neze. Owasho la mazwi kwakunguJona indoda eyayizinikele kodwa eyayithukuthele kakhulu.a (Jona 4:3, Today’s English Version) IBhayibheli alisho ukuthi uJona wayesefuna ukuzibulala. Noma kunjalo, ukunxusa kwakhe okuqotho kwembula iqiniso elibalulekile—lokuthi ngezinye izikhathi ngisho nenceku kaNkulunkulu ingahlaselwa kakhulu usizi.—IHubo 34:19.

Intsha ethile izizwa icindezeleke ngendlela efanayo kangangokuba ayibe isasibona isizathu sokuqhubeka iphila. Ingase izizwe ngendlela uLaura oneminyaka engu-16 azizwa ngayo,b owathi: “Sekuyiminyaka eminingi ngibhekana neziqubu zokucindezeleka. Ngivame ukucabanga ngokuzibulala.” Uma wazi othile oveze umuzwa wokufuna ukuzibulala—noma uma uke wacabanga kanjalo—yini ongayenza? Okokuqala, ake sihlolisise ukuthi ingabe umcabango onjalo ungabangelwa yini.

Imbangela Yokuphelelwa Yithemba

Yini engabangela ukuba umuntu afune ukuzibulala? Kungahileleka izici ezihlukahlukene. Esinye, ukuthi siphila “ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” futhi intsha eningi ikuzwa kakhulu ukucindezela kokuphila. (2 Thimothewu 3:1) Okunye futhi, ukungapheleli kwabantu kungabangela abanye ukuba bagxile emicabangweni engemihle ngabo nezwe elibazungezile. (Roma 7:22-24) Ngezinye izikhathi lokho kwenziwa indlela abaphathwa ngayo. Kwezinye izimo, kungase kuhileleke ukugula okuthile. Kuyaphawuleka ukuthi kwelinye izwe kulinganiselwa ukuthi amaphesenti angu-90 alabo abazibulala babenohlobo oluthile lokugula ngengqondo.c

Yiqiniso, akekho umuntu ogonyiwe kule nkinga. Empeleni, iBhayibheli lithi: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye.” (Roma 8:22) Lokho kuhlanganisa nentsha. Empeleni, izinto ezimbi njengalezi ezilandelayo zingayithinta kakhulu intsha:

◼ Ukufa kwesihlobo, umngane noma isilwane

◼ Izingxabano ekhaya

◼ Ukungaphumeleli esikoleni

◼ Ukwaliwa

◼ Ukuphathwa kabi (okungokomzimba noma ukuhlukunyezwa ngocansi)

Kuyavunywa, manje noma ngokuhamba kwesikhathi yonke intsha ibhekana nesinye sezimo ezibalwe ngenhla. Kungani abanye bekuhlomele kangcono ukubhekana nezimo ezinzima kunabanye? Ochwepheshe bathi intsha efuna ukuzibulala iba nomuzwa wokuthi akekho ongayisiza futhi ayinathemba. Ngamanye amazwi, ikholelwa ukuthi akukho engakwenza ukulungisa isimo sayo futhi ayinalo ithemba lesikhathi esizayo. UDkt. Kathleen McCoy watshela i-Phaphama!: “Ngokuvamile, le ntsha isuke ingafuni ngempela ukufa. Isuke ifuna ukuba ubuhlungu buphele.”

Ingabe Ayikho Indlela Yokuphunyula?

Mhlawumbe wazi othile ‘ofuna ukuba ubuhlungu buphele’—kangangokuba useze waveza umuzwa wokufuna ukuzibulala. Uma kunjalo, yini ongayenza?

Uma umngane ecindezeleke kangangokuba afune ukuzibulala, mnxuse ukuba acele usizo. Ngemva kwalokho, kungakhathaliseki ukuthi yena uzizwa kanjani ngalokho, khuluma nomuntu omdala ovuthiwe. Ungakhathazeki ngokuthi nizoxabana. Ngokubika le ndaba, ubonisa ukuthi ‘ungumngane weqiniso,’ lowo “ozalelwe isikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) Ungase usindise ukuphila kwalowo muntu!

Kodwa kuthiwani uma wena siqu uke wacabanga ngokuzibulala? UDkt. McCoy uyanxusa: “Funa usizo. Tshela othile ukuthi uzizwa kanjani—umzali, isihlobo, umngane, uthisha, noma othile okhonza naye—othile okhathalelayo, oyokwenza okuthile ngale ndaba, akulalele, futhi asize abanye osondelene nabo ukuba balalele ofuna ukukusho.”

Ngeke ulahlekelwe yilutho, kodwa uyozuza ngokukhuluma ngezinkinga zakho. Cabangela isibonelo esiseBhayibhelini. Ngesikhathi esithile ekuphileni kwayo, indoda eqotho uJobe yathi: “Umphefumulo wami uyakwenyanya ukuphila kwami.” Kodwa yabe isinezela: “Ngizozwakalisa ukukhathazeka kwami ngami. Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami!” (Jobe 10:1) UJobe wayephelelwe yithemba, futhi edinga ukukhuluma ngobuhlungu bakhe. Ungathola impumuzo ngokuthulula isifuba sakho kumngane ovuthiwe.

AmaKristu acindezelekile anomunye umthombo—abadala bebandla. (Jakobe 5:14, 15) Kuyiqiniso, ukukhuluma ngezinkinga zakho ngeke kuzenze zinyamalale. Kodwa kungase kukusize ukuzibheka ngendlela elinganiselayo, futhi ukusekela kothile omethembayo kungaba yinto oyidingayo ukuze uthole izisombululo ezisebenzayo.

Izinto Ziyashintsha

Lapho ucindezelekile, khumbula lokhu: Kungakhathaliseki ukuthi isimo singase sibonakale sinjani, ngokuhamba kwesikhathi izinto ziyoshintsha. Umhubi uDavide, owayebazi kahle ubunzima, washo okulandelayo lapho ethandaza: “Ngikhathele ngenxa yokububula kwami; ubusuku bonke ngibhukudisa ukhukho lwami; ngenze umbhede wami uchichime izinyembezi zami.” (IHubo 6:6) Kodwa, kwelinye ihubo wathi: “Ushintshé ukulila kwami kwaba ukudansa kimi.”—IHubo 30:11.

UDavide wayefunde kokuhlangenwe nakho kwakhe ukuthi izinkinga zokuphila ziyafika zidlule. Yiqiniso, ezinye zingase zibonakale zingaphezu kwamandla—okwangaleso sikhathi. Yiba nesineke. Izinto ziyashintsha, ngokuvamile zibe ngcono. Ezimweni ezithile, izinkinga zingase zinciphe ngezindlela obungazicabangi. Kwezinye, ungase uthole indlela yokubhekana nazo obungayicabangi. Iphuzu liwukuthi, izinkinga ezicindezelayo ngeke zihlale unomphela.—2 Korinte 4:17.

Ukubaluleka Komthandazo

Indlela ebaluleke kakhulu kunazo zonke yokukhuluma noNkulunkulu, umthandazo. Ungathandaza njengoDavide: “O Nkulunkulu ngihlolisise, wazi inhliziyo yami. Ngihlole, wazi imicabango yami engincisha ukuthula, ubone ukuthi ikhona yini indlela ebangela ubuhlungu kimi, ungihole ngendlela yaphakade.”—IHubo 139:23, 24.

Umthandazo awuyona nje indlela yokubhekana nezinkinga kuphela. Uyindlela yangempela yokukhulumisana noYihlo wasezulwini, ofuna ukuba ‘uthulule inhliziyo yakho’ kuye. (IHubo 62:8) Cabanga ngamaqiniso alandelayo ayisisekelo ngoNkulunkulu:

◼ Uyaziqaphela izimo ezikwenza ucindezeleke.—IHubo 103:14.

◼ Ukwazi kangcono kunokuba wena uzazi.—1 Johane 3:20.

◼ ‘Uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.

◼ Emhlabeni wakhe omusha, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi” emehlweni akho.—IsAmbulo 21:4.

Lapho Inkinga Iphathelene Nempilo

Njengoba kushiwo ngaphambili, ngokuvamile imizwa yokufuna ukuzibulala ibangelwa uhlobo oluthile lokugula. Uma kunjalo ngawe, ungabi namahloni okucela usizo. UJesu wavuma ukuthi labo abagulayo badinga udokotela. (Mathewu 9:12) Okujabulisayo ukuthi izifo eziningi zingelashwa. Futhi ukwelashwa kungakusiza ukuba uzizwe ungcono!

IBhayibheli lithembisa ukuthi emhlabeni omusha kaNkulunkulu, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) Okwamanje, yenza konke okusemandleni ukuze ubhekane nezinselele zokuphila. UHeidi, ohlala eJalimane, wenza kanjalo. Uthi: “Ngezinye izikhathi, ngicindezeleka kakhulu kangangokuba ngize ngifune nje ukufa, kodwa manje ukuphila kwami sekungcono, ngenxa yokuphikelela emthandazweni nokuthola ukwelashwa.” Kungenzeka okufanayo nakuwe!d

Isihloko esizayo ochungechungeni oluthi “Intsha Iyabuza” sizodingida indlela yokubhekana nokufa kwengane yakini ezibulele

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Kuthiwa ukuzibulala akuziqedi izinkinga zakho; kumane nje kuzidlulisele komunye umuntu. Kuyiqiniso kangakanani lokho?

◼ Ungaxoxa nobani uma ukhathazeke ngokujulile?

[Imibhalo yaphansi]

a URebheka, uMose, u-Eliya noJobe baveza imizwa efanayo.—Genesise 25:22; 27:46; Numeri 11:15; 1 AmaKhosi 19:4; Jobe 3:21; 14:13.

b Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

c Kodwa, kubalulekile ukuphawula ukuthi intsha eningi egula ngengqondo ayizibulali.

d Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokubhekana nemizwa yokucindezeleka, bheka uchungechunge oluthi “Usizo Entsheni Ecindezelekile,” kuyi-Phaphama! ka-September 8, 2001, kanye nochungechunge oluthi “Ukuqonda Ukuguquguquka Kwemizwelo,” kumagazini ka-January 8, 2004.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 29]

OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI

Ezingxenyeni ezithile zomhlaba, ukuzibulala kwentsha kuvame ngendlela eshaqisayo. Ngokwesibonelo, e-United States, ukuzibulala kuyimbangela yesithathu ephambili yokufa kwentsha eneminyaka ephakathi kwengu-15 nengu-25, futhi phakathi neminyaka engamashumi amabili edlule, izinga lokuzibulala kwalabo abaphakathi kweminyaka eyishumi nengu-14 liye laphindeka kabili. Intsha esengozini kakhulu ihlanganisa leyo enezifo zokuphazamiseka kwengqondo, enomlando wokuzibulala kwamalungu omkhaya kanye naleyo eyake yazama ukuzibulala. Izimpawu eziyisixwayiso zokuthi osemusha kungenzeka ucabanga ukuzibulala zihlanganisa lezi ezilandelayo:

◼ Ukuzihlukanisa nomkhaya nabangane

◼ Ukushintsha kwemikhuba yokudla nokulala

◼ Ukuphelelwa umdlandla ngezinto umuntu ayezijabulela ngaphambili

◼ Ukushintsha kobuntu okuphawulekayo

◼ Ukusebenzisa kabi izidakamizwa noma uphuzo oludakayo

◼ Ukupha abanye izinto ebeziyigugu

◼ Ukukhuluma ngokufa noma ukugxila kakhulu ezindabeni eziphathelene nako

UDkt. Kathleen McCoy watshela i-Phaphama! ukuthi elinye lamaphutha amakhulu umzali angalenza ukungazinaki lezi zimpawu eziyisixwayiso. Uthi: “Akekho umuntu ofuna ukucabanga ukuthi kukhona okungahambi kahle ngengane yakhe, ngakho abanye abazali bayalishalazela iqiniso. Bazitshela ukuthi, ‘Kuyisigaba nje sokukhula’ noma ‘Kuzodlula’ noma ‘Ubelokhu ethanda izinto ezixakile.’ Kuyingozi lokho. Zonke izinsongo kufanele zisukunyelwe.”

Ungabi namahloni okucelela indodana noma indodakazi yakho usizo uma inokucindezeleka okukhulu noma esinye isifo sokuphazamiseka kwengqondo. Futhi uma usola ukuthi ingane yakho icabanga ukuzibulala, yibuze. Umbono wokuthi ukukhuluma ngokuzibulala kuzoyikhuthaza ukuba izibulale ungamanga. Intsha eningi iyakhululeka lapho abazali bevusa lolu daba. Ngakho uma ingane ivuma ukuthi icabanga ukuzibulala, buza ukuthi ibisihlele ukukwenza kanjani, futhi uma kunjalo, ibisihambe ibanga elingakanani. Lapho uthola imininingwane eyihlelile yokuzibulala, kuphuthuma nakakhulu ukuba uthathe isinyathelo.e

Ungacabangi ukuthi lokho kucindezeleka kuzodamba ngokuzenzekelayo. Uma kubonakala sengathi kuyadamba, ungacabangi ukuthi inkinga isixazululekile. Abanye ochwepheshe bathi yilesi sikhathi esiyingozi kakhulu. Ngani? UDkt. McCoy uthi: “Osemusha obecindezeleke kakhulu angase angabi namandla okuzibulala. Lapho ukucindezeleka kudamba, osemusha angase abe namandla anele okuzibulala.”

Kuyadabukisa ngempela ukuthi ngenxa yokuphelelwa yithemba, enye intsha icabanga ukuzibulala. Ngokunaka izimpawu nokuthatha isinyathelo, abazali nabanye abantu abadala abakhathalelayo ‘bangakhuluma ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile’ futhi babe njengesiphephelo entsheni.—1 Thesalonika 5:14.

[Umbhalo waphansi]

e Ochwepheshe baxwayisa nangokuthi imikhaya enemithi engaba yingozi lapho iphuzwa ngokweqile noma enezibhamu ezinezinhlamvu futhi ezitholakala kalula isengozini ngokukhethekile. Ngokuphathelene nezibhamu, i-American Foundation for Suicide Prevention ithi: “Nakuba abantu abaningi abanezibhamu bebika ukuthi bazigcinele ‘ukuzivikela,’ amaphesenti angu-83 abantu abafa ngazo kule mikhaya basuke bezibulele, ngokuvamile ngesibhamu somunye umuntu.”

[Isithombe ekhasini 28]

Indlela ebaluleke kakhulu kunazo zonke yokukhuluma noNkulunkulu, umthandazo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela