Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/08 k. 22-k. 23 isig. 6
  • Umculo​—Isipho SikaNkulunkulu Sokujabulisa Inhliziyo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umculo​—Isipho SikaNkulunkulu Sokujabulisa Inhliziyo
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Nawe Ungakwazi Ukuhlabelela!
  • Umculo Owakhayo Ungaba Ikhambi Elihle
  • ‘Ngizodumisa UNkulunkulu Ngengoma’
  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Ngikhetha Muphi Umculo?
    Intsha Iyabuza
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 5/08 k. 22-k. 23 isig. 6

Umculo​—Isipho SikaNkulunkulu Sokujabulisa Inhliziyo

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN

UMCULO unamandla. Ungasenza sizole, usishukumise futhi usijabulise. Ungaveza injabulo nosizi lwethu. Njengoba utholakala cishe kuwo wonke amasiko—angesikhathi esidlule nawamanje—umculo uwulimi oluthinta ingqondo nenhliziyo. Yebo, ngempela umculo uyisipho esivela kuNkulunkulu.—Genesise 4:21.

Kusukela sizalwa, cishe sezwa uhlobo oluthile lomculo. Mhlawumbe umama wayesilolozela ngengoma. Lapho sesikhulakhulile, kungenzeka sahlakulela uthando lomculo owawushukumisa izinhliziyo zethu. Ngisho nalapho sesikhulile, iningi lethu liyawujabulela umculo opholile lapho lishayela noma lisekhaya ekupheleni kosuku olumatasa.

Izosha zengoma zingaqukatha izici ezithile zesiko noma umlando wezwe. Ama-Israyeli asendulo ayekhumbula izenzakalo eziningi ezikhethekile ngengoma. (Eksodusi 15:1-21; AbaHluleli 5:1-31) Umprofethi uMose waqamba ingoma eyayihlanganisa umlando nesikhuthazo esiqotho esiya kubantu. (Duteronomi 32:1-43) Akungabazeki ukuthi izingoma ezinjalo zaziyizinsiza-nkumbulo ezinhle.

Nawe Ungakwazi Ukuhlabelela!

Mhlawumbe uyacabanga, ‘Ngiyibhimbi.’ Ake ucabange ngephimbo lakho. Ngenxa yokuthi le nsimbi yomculo esizalwa nayo isebenza ngezindlela ezihlukahlukene, cishe wonke umuntu angakwazi ukuhlabelela ngandlela-thile, ehambisana nezinye izinsimbi zomculo noma zingekho. Okufanele ukwenze nje ukuvula umlomo uhlabelele. Lapho wenza kanjalo, ungakhathazeki ngokuthi ngeke unconywe noma uklonyeliswe ngephimbo lakho. Uma uprakthiza uyothuthuka.

Umagazini weSpanishi i-Psy-chologies uthi: “Iphimbo lithintana ngokuqondile nomnyombo wemizwelo yethu ejulile, futhi liyinsimbi enhle kakhulu yokuyiveza.” Umculi wendlela yesibili u-Ainhoa Arteta uthi: “[Ukuhlabelela] kuyajabulisa. Ngingatusa ukuba noma ubani ofisa ukuveza imizwa yakhe ngengoma enze kanjalo ngokukhululekile, angesabi.”

Ngenxa yokuthi umculo ungaba nethonya elinamandla enhliziyweni, kufanele sikhethe. Ngokwesibonelo, isigqi esimnandi singase sifihle izosha ezingathandeki ezithethelela noma zize zikhuthaze inzondo, ukuziphatha okubi, noma ubudlova—izinto okungekho muntu ophila ngezimiso ozithola zijabulisa. (Efesu 4:17-19; 5:3, 4) IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.” (IzAga 4:23) Yebo, ukuthi imuphi umculo owukhethayo akuyona into encane.a

Umculo Owakhayo Ungaba Ikhambi Elihle

Incwadi ethi Principles and Practice of Stress Management ithi: “Phakathi kwezizathu ezenza kube khona umculo cishe kuwo wonke amasiko yikhono lawo lokukhuthaza nokulondoloza impilo nenhlalakahle yabantu.” Enye incwadi ithi lapho sihlabelela, wonke umzimba wethu uyananela futhi uvevezele. Lokho kuvevezela okuncane kwenza izicubu zizole futhi zithambe, okungase kusize ekunciphiseni izinhlungu.

Ngenxa yalokho, abanye abelaphi bakhuthaza iziguli ezicindezelekile ukuba zilalele umculo othobayo, ongathuthukisa nemizwelo yomuntu. Ezinye izibhedlela zidlala nomculo emagumbini abantu ababangwa nezibi. Izinsana ezizalwa ngaphambi kwesikhathi kanye neziguli ebekade zihlinzwa ziyawujabulela umculo omnandi. Ngokwe-Principles and Practice of Stress Management, ucwaningo lubonisa ukuthi ukulalela umculo owenza umuntu akhululeke “kukunciphisa kakhulu ukucindezeleka phakathi nokuhlinzwa.”

Umculo unganciphisa nokucindezeleka kwabesifazane abakhulelwe ngokubasiza bakhululeke lapho benemihelo nalapho bebeletha. Ngezinye izikhathi odokotela bamazinyo badlala umculo opholile ukuze benze iziguli ezethukile zikhululeke. Kodwa umculo nokuhlabelela kungenza okungaphezu kwalokho. Kungasisiza ngendlela engokomoya.

‘Ngizodumisa UNkulunkulu Ngengoma’

Bewazi yini ukuthi cishe ingxenye yeshumi yeBhayibheli yalotshwa njengezingoma zohlobo oluthile? Isibonelo esivelele amaHubo, isiHlabelelo SeziHlabelelo nesiLilo. Kuyaqondakala ukuthi kungani iningi lezikhombo ezingaba amakhulu amathathu ezibhekisele ezingomeni zihlobene nokukhulekelwa kukaNkulunkulu. Inkosi yakwa-Israyeli uDavide, eyayingumculi nomqambi wezingoma onekhono, yabhala: “UJehova uyizikhwepha zami . . . , ngizomdumisa ngengoma yami.”—IHubo 28:7.

Empeleni, uDavide wahlela amadoda angu-4 000 esizwe sakwaLevi ukuba abe abahlabeleli eJerusalema. Kulawa, angu-288 ‘ayeqeqeshelwe ukuculela uJehova, onke engochwepheshe.’ (1 IziKronike 23:4, 5; 25:7) Akungabazeki ukuthi laba bahlabeleli babeprakthiza ngokuzimisela. Empeleni, umculo wawubaluleke kakhulu ekukhulekeleni uNkulunkulu kangangokuba abahlabeleli babekhululwa emisebenzini ethile yasethempelini ukuze bagxile kulo msebenzi wabo.—1 IziKronike 9:33.

Ngobusuku obandulela ukufa kwakhe, uJesu nabaphostoli bakhe bahlabelela izindumiso zikaNkulunkulu, okungenzeka kwakuyiHubo 113 kuya ku-118. Ngesikhathi sikaJesu, la mahubo—ayebizwa ngokuthi “amaHubo eHallel”—ayehlatshelelwa ngomkhosi wePhasika. (Mathewu 26:26-30) Inkulumo ethi “amaHubo eHallel” ibhekisela ekusebenziseni kwawo ngokuphindaphindiwe inkulumo ethi “Haleluya!” esho ukuthi “Dumisani uJah!” Elithi “Jah” liwukufushaniswa okusankondlo kwegama elithi Jehova, igama likaNkulunkulu oPhezukonke.—IHubo 83:18.

Ukuhlabelela kwaba nayingxenye yokukhulekela kwamaKristu. Incwadi ethi The History of Music ithi: “Ukuhlabelela ekukhulekeleni kwasobala nangasese kwakuyinkambiso yamaKristu okuqala. KumaJuda ayephendukele ebuKristwini lokhu kwakuwukuqhutshwa kwamasiko asesinagogeni . . . Ngaphandle kwamaHubo esiHebheru . . . , lolu kholo olusha lwaluvame ukuqamba izingoma ezintsha.” Nanamuhla, oFakazi BakaJehova abangamaKristu bayakujabulela ukumdumisa ngengoma, ngasese nasemihlanganweni yabo yobuKristu.

Ngenxa yokuthi umculo usisiza ukuba siveze cishe yonke imizwelo nangenxa yokuthi ungaba nethonya elinamandla enhliziyweni, engqondweni nasemzimbeni, kufanele sisihloniphe ngokujulile ‘lesi sipho esiphelele esivela phezulu.’ (Jakobe 1:17) Yebo, kwangathi singasisebenzisa ngokungazigodli nangokuhlakanipha.

[Umbhalo waphansi]

a Ngaphandle kokwenqaba izingoma ezikhuthaza inzondo, ukuziphatha okubi, noma ubudlova, abathanda uNkulunkulu nomakhelwane bayakwenqaba ukulalela nezingoma ezikhuthaza ukukhonza izithombe, ubuzwe, noma amanga enkolo.—Isaya 2:4; 2 Korinte 6:14-18; 1 Johane 5:21.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela