Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/08 k. 19-k. 21 isig. 5
  • Ingabe Izenzo Zokuphana Ziyikhambi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Izenzo Zokuphana Ziyikhambi?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Inkathi Yokupha Okukhulu?
  • Amandla Ezenzo Zokuphana
  • Okwenza Kungadingeki Imali Kuphela
  • UMuphi Omkhulu Kunabo Bonke
  • Ingabe Abantu Bangagomela Ngokuletha Ikusasa Elijabulisayo?
    I-Phaphama!—2008
  • Ingabe Okufezwe Umuntu Kungayivimbela Inhlekelele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ingabe Konke Lokhu Kuxhaswa Kanjani Ngokwezimali?
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Umbono Olinganiselayo Ngemali
    I-Phaphama!—2015
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 5/08 k. 19-k. 21 isig. 5

Ingabe Izenzo Zokuphana Ziyikhambi?

NAKUBA izinhlekelele zemvelo, ubumpofu, indlala, izifo nezinsongo zemvelo ziwundabuzekwayo, kunomkhuba ojabulisayo osuphawulekile—owukupha. Ngezinye izikhathi ezindabeni kuba nezimemezelo zabantu abacebile abanikela ngezigidi eziningi zamaRandi ngezinjongo ezinhle. Osaziwayo bavame ukubonakala besebenzisa udumo lwabo ukuze baqokomise izinkinga ezinkulu. Ngisho nabantu abaningi abavamile banikelela izinjongo ezihlukahlukene. Kodwa, ukuphana ngemali kungasiza ngezinga elingakanani, ikakhulukazi uma kubhekwa isikhathi eside esizayo?

Ingabe Inkathi Yokupha Okukhulu?

Umkhuba wokupha kubonakala wanda ngokushesha kwamanye amazwe. Omunye umthombo wathi: “Ekuqaleni kwekhulu lamashumi amabili nanye, kube nezinhlangano eziningi [ezenza izenzo zokuphana] ezinengcebo enkulu emazweni amaningi kunanini ngaphambili.” Njengoba anda amanani abantu abacebile, kulindeleke ukuba ukupha kwande. Akukhona nje ukuthi abanye bayoba nokuningi abaphana ngakho kodwa njengoba abacebile befa futhi beshiyela abanye ingcebo yabo, isabelo esinikezwa izinhlangano zosizo kulindeleke ukuba sande. Ngesizathu esihle umagazini wezindaba waseBrithani i-Economist wathi kungenzeka sisekuqaleni ‘kwenkathi yokupha okukhulu.’

Umthelela kulo mkhuba ukwehluleka kohulumeni ukuxazulula izinkinga zomhlaba ezicindezelayo. Inxusa elikhethekile le-UN le-HIV/AIDS e-Afrika labala “ukuhluleka kwabaholi bezombangazwe” njengesinye sezizathu zokwanda kosaziwayo abahileleka ekuxazululweni kwezinkinga zempilo zomhlaba wonke. Kungakhathaliseki ukuthi inkinga ihilela ubumpofu, ukunakekelwa kwempilo, imvelo, imfundo noma ubulungisa kwezenhlalo, abacebile ngokukhethekile “baphelelwa yisineke ngokuhluleka kwemizamo kahulumeni neyamazwe omhlaba ukuxazulula noma ukunciphisa lezo zinkinga,” kusho uJoel Fleishman encwadini yakhe ethi The Foundation: A Great American Secret—How Private Wealth Is Changing the World. Njengoba bemagange ukwenza umahluko manje, abanye abacebile abanesandla esivulekile bazama ukusebenzisa izindlela ezabenza baphumelela kwezebhizinisi.

Amandla Ezenzo Zokuphana

Ekuqaleni kwekhulu lama-20 kwaba nalokho okwakubizwa ngokuthi inkathi yokuphana okukhulu. Izinginga ezinjengo-Andrew Carnegie noJohn D. Rockefeller, Sr., zanquma ukusebenzisa ingcebo yazo ukuze zisize abaswele. Laba bantu ababenesandla esivulekile babona ukuthi izinhlangano ezivamile zokunikeza usizo, nakuba zazondla abantu abalambile noma zinakekela izingane ezigulayo, zazingazixazululi izimbangela zalezo zinkinga. Bebona isidingo sokuthola indlela yokupha ehleliwe, bavula izinhlangano ezaziyokhuthaza ushintsho emphakathini futhi zisekele ucwaningo oluhloselwe ukuxazulula izimbangela zalezo zinkinga. Kusukela ngaleyo minyaka eyadlula, kuye kwasungulwa izinkulungwane eziningi zalezo zinhlangano emhlabeni wonke, futhi ezingaphezu kuka-50 kuzo zinengcebo engaphezu kwama-dollar ayizigidi eziyinkulungwane.

Akunakuphikwa ukuthi kuye kwafezwa okuhle kakhulu ngenxa yalokhu. Izikole eziningi, imitapo yezincwadi, izibhedlela, amapaki neminyuziyamu kuwubufakazi balokho. Ngokufanayo, izinhlelo zokuthuthukisa isivuno nokukhiqizwa kokudla ziye zasiza ekuletheleni amazwe ampofu ukudla okwengeziwe. Ukuxhaswa ngezimali kocwaningo lwezokwelapha kuye kwasiza ekuthuthukiseni izinga lokunakekelwa kwempilo, futhi kwezinye izimo, kwasiza nasekuqedweni kwezifo ezithile, njenge-yellow fever.

Njengoba namuhla kulwiwa nezinkinga zomhlaba ngokuphuthumayo futhi kunemithombo yosizo eminingi kunanini ngaphambili, abantu abaningi balibona lilihle ithuba lokuphumelela. Owayengumongameli wase-United States watshela iqembu labantu abanesandla esivulekile ngo-2006: “Akunandlela yokugcizelela umphumela ukuphana kwabantu okuyoba nawo ekusizeni umphakathi.”

Kodwa abaningi baqaphile kulokho abakulindele. ULaurie Garrett, onguchwepheshe emkhakheni wokunakekelwa kwezempilo emhlabeni wonke, wabhala: “Umuntu ubengacabanga ukuthi njengoba kunemali eningi kangaka, bekungase kube lula ukuthola amakhambi ezinkinga eziningi zempilo emhlabeni kabanzi. Kodwa ubeyobe enza iphutha.” Ngani? Ubala izinqubo zikahulumeni ezibizayo, inkohlakalo, ukungabikho kwemizamo ehlelekile, kanye nokunqunyelwa yilabo abanikelayo ukuthi yiziphi izinkinga zempilo—ngokwesibonelo, ingculaza—okufanele izimali zabo zisetshenziselwe zona.

Ngenxa yokuthi ayikho imizamo ehlelekile futhi imali “ngokuyinhloko ifakwa ezifweni ezithile ezidumile—kunasekunakekelweni kwayo yonke impilo yomphakathi,” uGarrett unomuzwa wokuthi “kunengozi enkulu yokuthi inkathi yamanje yokuphana ingase ingagcini nje ngokungakufezi okulindelwe kodwa empeleni ingase yenze izinto zibe zimbi nakakhulu.”

Okwenza Kungadingeki Imali Kuphela

Ukuphumelela kwezenzo zokuphana, kungakhathaliseki ukuthi zihloselweni, kuyohlale kulinganiselwe. Ngani? Phakathi kokunye, akuyona imali noma imfundo ephakeme engaqeda izinkinga ezinjengokuhaha, inzondo, ukucwasana, ubuzwe, ubuhlanga nezinkolelo zenkolo ezingamanga. Nakuba lezi zinto zinezela ezinkingeni zesintu, aziwona umsuka wokuhlupheka. Njengoba iBhayibheli libonisa, kuhileleke nezinye izinkinga ezibaluleke kakhulu.

Enye yazo ukuthi umuntu ongaphelele wazalelwa esonweni. (Roma 3:23; 5:12) Ukungapheleli kwethu kusenza sithambekele ekucabangeni nasekuziphatheni okungalungile. UGenesise 8:21 uthi: “Ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke.” Ngokuvumela lokhu kuthambekela okungalungile, izigidi zihileleka ekuziphatheni okubi kobulili nasekusebenziseni kabi izidakamizwa. Lezi zinto nazo ziholela ekusakazekeni kwezifo ezihlukahlukene, kuhlanganise nengculaza.—Roma 1:26, 27.

Imbangela yesibili yokuhlupheka kwabantu ukwehluleka kwethu ukuzibusa ngokuphumelelayo. UJeremiya 10:23 uthi: “Akukona okomuntu . . . ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” “Ukuhluleka kwabaholi bezombangazwe,” okukhulunywe ngakho ekuqaleni, kungesinye isizathu esenza ukuba izinhlangano eziningi zezenzo zokuphana zingabahileli ohulumeni. IBhayibheli lichaza ukuthi abantu babedalelwe ukuncika kuMdali wabo njengoMbusi, hhayi komunye umuntu.—Isaya 33:22.

Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lithembisa ukuthi uMdali, uJehova uNkulunkulu, uyoxazulula zonke izinkinga ezihlupha isintu. Empeleni, kakade usethathe izinyathelo ezibalulekile ukuze afeze lokho.

UMuphi Omkhulu Kunabo Bonke

Akekho onothando olukhulu ngesintu kunoMdali wethu. UJohane 3:16 uthi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” Yebo, uJehova wanikela okungaphezulu kakhulu kwemali ukuze akhulule isintu emandleni esono nokufa. Wanikela ngeNdodana yakhe eyigugu ‘njengesihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Umphostoli uPetru wabhala ngoJesu: “Yena ngokwakhe wathwala izono zethu emzimbeni wakhe esigxotsheni, ukuze sihlukane nezono futhi siphilele ukulunga. Futhi ‘naphulukiswa ngemivimbo yakhe.’”—1 Petru 2:24.

UJehova uyixazululile nenkinga yobubusi. Ngenxa yalokho, umise uhulumeni womhlaba wonke obizwa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu. Lowo Mbuso, obusa usezulwini, uyosusa bonke ababi futhi ulethe ukuthula nobunye kuNozungezilanga onguMhlaba.—IHubo 37:10, 11; Daniyeli 2:44; 7:13, 14.

Ngokuzixazulula ngokuphelele izimbangela zokuhlupheka kwabantu, uNkulunkulu uyofeza lokho okungaphezu kwamandla abo bonke abantu, kungakhathaliseki ukuthi abantu ngabanye noma njengeqembu. Ngokuvumelana nalokhu, esikhundleni sokumisa izinhlangano zokuphana, oFakazi BakaJehova, belingisa uJesu Kristu, bakhetha ukunikela isikhathi sabo nengcebo yabo ekumemezeleni “izindaba ezinhle zombuso [kaNkulunkulu].”—Mathewu 24:14; Luka 4:43.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 21]

“UNkulunkulu Uthanda Umuphi Onamileyo”

Lawo mazwi, atholakala eBhayibhelini kweyesi-2 Korinte 9:7, ayisiqondiso koFakazi BakaJehova. Lapho benikela ngesikhathi sabo, amandla nezinto ezibonakalayo ukuze kuzuze abanye, balwela ukulalela lesi sikhuthazo: “Masibe nothando, hhayi ngezwi noma ngomlomo, kodwa ngesenzo nangeqiniso.”—1 Johane 3:18.

Lapho kuphakama isidingo, njengalapho kugadla izinhlekelele zemvelo, oFakazi bakubheka njengelungelo ukusiza abathintekile. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba iZiphepho uKatrina, uRita noWilma zigadle ezifundazweni eziseningizimu ye-United States, izinkulungwane eziningi zamavolontiya angoFakazi zathuthelekela ezindaweni ezithintekile ziyonikeza usizo futhi ziyokwakha. Ngaphansi kokuqondisa kwamakomiti endawo okunikeza usizo, la mavolontiya alungisa futhi avuselela imizi engaphezu kuka-5 600 yoFakazi BakaJehova namaHholo OMbuso angu-90—cishe wonke lawo ayelimele.

OFakazi BakaJehova abakhiphi okweshumi noma bakhankasele izimali nganoma iyiphi indlela. Umsebenzi wabo usekelwa ngokuphelele ngeminikelo yokuzithandela.—Mathewu 6:3, 4; 2 Korinte 8:12.

[Izithombe ekhasini 19]

Imali ayinakuziqeda izimbangela zokugula nokuhlupheka kwabantu

[Umthombo]

©Chris de Bode/Panos Pictures

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela