Ingabe Abantu Bangagomela Ngokuletha Ikusasa Elijabulisayo?
Usanda kuthuthela endlini entsha ebonakala yakhiwe ngezitini eziqinile futhi ekhangayo. Iyilokho obulokhu uphupha ngakho. Ikusasa libonakala liqhakazile! Kodwa ngemva nje kweminyaka embalwa, le ndlu iqala ukuba nezimfa ezimbi futhi kufanele idilizwe. Inhliziyo yakho iba buhlungu. Kodwa awuwedwa. Kunezinkinga ezifanayo nakwezinye izindlu endaweni yakini. Abaphenyi bembula ukuthi izimbangela abaklami nokusetshenziswa kwezitini ezingakhiwanga kahle.
IZWE lisenkingeni enkulu njengaleyo ndlu. Naphezu kwezinto eziningi eziye zazanywa kwezenhlalo nakwezombangazwe kanye nentuthuko eyisimangaliso kwezesayensi nakwezobuchwepheshe, umgogodla womphakathi ubonakala uwohloka. Emazweni amaningi, ukungabi namthetho nesiyaluyalu sekuyinsakavukela. Ingabe ukuphelelwa ithemba kuyoshukumisela abantu ukuba baxazulule izinkinga zabo, ukuze bagcine bakhe uhulumeni okahle? Cabangela lokho ezinye iziphathimandla eziye zakusho ngomlando wesintu.
“Sikuzame Konke”
Bezama ukwenza umhlaba ube indawo engcono, ongqondongqondo kusukela esazini sefilosofi esingumGreki uPlato kuye kwesefilosofi yezombangazwe futhi esiyisazi sezenhlalo esingumJalimane uKarl Marx, baye bahlongoza izindlela eziningi zokubusa. Ube yini umphumela? Isihloko ephephabhukwini i-New Statesman sathi: “Asibuqedanga ubumpofu noma senza ukuthula emhlabeni. Ngakolunye uhlangothi, kubonakala sifeze okuphambene kunalokho. Akukhona ukuthi asizange sizame. Sikuzame konke kusukela ekubuseni kobukhomanisi kuya ekuhwebeni ngokukhululekile; kusukela eNhlanganweni Yezizwe kuya ekulondolozeni izikhali zenuzi. Sesilwe ‘izimpi eziningi zokuqeda impi’ ukuba singazitshela ukuthi siyakwazi ukuqeda impi, futhi enkabeni yamadolobha ethu kusengathi kuhlale kunempi.” Lesi sihloko saqhubeka: “Saqala ikhulu lama-20 ngomdlandla sikholelwa ukuthi ososayensi bazosisindisa kodwa njengoba liphela asisakukholwa ngisho nokukodwa abakushoyo.”
Ngo-2001 uprofesa osewathatha umhlalaphansi wezomnotho nezomlando wokuhlalisana kwabantu eLondon University u-Eric Hobsbawm wabhala ukuthi izimiso zesintu zezombangazwe “zibhekene nenkathi lapho umphumela wezenzo zomuntu emvelweni nasembulungeni yonke usudale umonakalo omkhulu kakhulu.” Ukuxazululwa noma ukunqandwa kwalezi zinkinga “kuyodinga ukuba kuthathwe izinyathelo ngokuqinisekile ezingeke zisekelwe ebuningini bamavoti noma kulokho okuthandwa abantu. Lokhu akunikezi ithemba elihlala njalo ngombuso wentando yeningi noma ngomhlaba.”
Sibona isintu sibhekene ngqo nenhlekelele, isazi esidumile sesayensi yokuhlolwa kwezinkanyezi nesingumlobi ohamba phambili uStephen Hawking sabuza: “Ezweni eligcwele izinxushunxushu zezombangazwe, zezenhlalo nezemvelo, isintu singazigcina kanjani siphila eminye iminyaka eyikhulu?”
Kungani Sinomlando Omubi Kangaka Wokwehluleka?
YiBhayibheli kuphela elikuchaza ngokugculisayo ukwehluleka kwesintu ukuzibusa. Phakathi kokunye, iBhayibheli lisinikeza ukuhlaziya okungagwegwesi ngempela kwesimo sabantu. Ngokwesibonelo, cabanga ngamaqiniso amane alandelayo ayisisekelo.
Sonke asiphelele. “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Njengoba izitini ezingakhiwanga kahle zingase zibangele isakhiwo ukuba sibe buthaka futhi sidilike, ukungapheleli okwazuzwa njengefa okukubantu kuzibonakalisa ngezindlela ezingenza umphakathi ube buthaka. Lokhu kuhlanganisa ukuthambekela enkohlakalweni, ekungathembekini, ebugovwini nasekusebenziseni kabi igunya. Lokhu akuyona into entsha. Eminyakeni engaba yizinkulungwane ezintathu ezidlule, umlobi weBhayibheli ohlakaniphile wathi: ‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.
Abaholi kuhulumeni nakwezomthetho bayavuma ukuthi asiphelele futhi sibuthaka, ngakho bazama ukulungisa lokhu ngokushaya inqwaba yemithetho. Kodwa bakwenza lokhu bazi kahle kamhlophe ukuthi umuntu akanakushayelwa umthetho wokuba athande umakhelwane noma abe nesifiso sokugcina umthetho.
Ukufa kuyasifica. “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa. Umoya wayo [noma amandla okuphila] uyaphuma, iphindela emhlabathini wayo; ngalolo suku imicabango yayo iyashabalala.” (IHubo 146:3, 4) INkosi uSolomoni yakwa-Israyeli wasendulo, ebhekwa njengenye yamakhosi ahlakaniphile ake aphila emlandweni, yabona ukuthi wawungaba yize kangakanani umsebenzi wayo onzima. Yabhala: “Mina, yebo, mina ngawuzonda wonke umsebenzi wami onzima engangiwusebenza kanzima phansi kwelanga, engangiyowushiya ngemuva ngiwushiyele umuntu owayeyoba khona ngemva kwami. Futhi ubani owaziyo ukuthi uyoba ngohlakaniphile yini noma oyisiwula? Nokho uyowulawula wonke umsebenzi wami onzima . . . Nalokhu kuyize.”—UmShumayeli 2:18, 19.
Asikwazi ukuzibusa ngokuphumelelayo. “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Ngaphandle nje kokungapheleli kwethu, iBhayibheli lifundisa ukuthi ngokwenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni, uNkulunkulu akabanikanga abantu ilungelo lokuzibusa futhi abanalo ikhono lokwenza kanjalo ngokuphumelelayo. Ngokwesibonelo, kungani abantu bengawuthandisisi umqondo wokuba omunye umuntu noma iqembu labantu libatshele ukuthi benzeni noma libashayele imithetho yokuziphatha? Impendulo iwukuthi: Sadalelwa ukuba sithembele egunyeni eliphakeme kunathi ukuze sithole isiqondiso ekuphileni. Lelo Gunya nguNkulunkulu.—Isaya 33:22; IzEnzo 4:19; 5:29.
Abantu bathonywa umbusi ongabonakali. “Lonke izwe lisemandleni omubi”—uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Uma abaphathi benkampani bekhohlakele ngokuphelele—futhi bengenakuthintwa—yini isisebenzi esivamile esingayenza ukuze silungise izinto? Kuncane kakhulu, uma kukhona. Kuyinto efanayo uma kuziwa ekulungiseni izinkinga ezibangelwa ababusi abangabonakali baleli zwe—izidalwa ezimbi ezingabonakali ezisebenza ngaphansi kwegunya likaSathane. IBhayibheli lichaza labo babusi ngokuthi “ohulumeni,” “amagunya,” “ababusi bezwe balobu bumnyama,” nangokuthi “ibandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.”—Efesu 6:12.
Nokho, iBhayibheli aligcini ngokwambula ukuhluleka kwesintu nababusi bezwe abangabonakali. Lisinikeza nezindaba ezinhle zokuthi kunekhambi eliqinisekile lazo zonke izinkinga zethu, kanjalo lisinike isisekelo esizwakalayo sethemba.
Insindiso Evela KuMdali Wethu
Uma singashiywa sisodwa, asisoze salithola ikhambi lalezi zinkinga. Ngisho nabantu abangongqondongqondo, abanamandla, noma abacebile abanawo amandla okushintsha ngisho neyodwa yalezi zinto ezine ezishiwo kulesi sihloko.a Kodwa njengoba kuchazwa esihlokweni esilandelayo, uMdali wethu akasikhohliwe futhi akasilahlile. Empeleni, njengoMbusi womhlaba ofanele, uzosusa zonke izithiyo eziphazamisa injabulo yethu. (1 Johane 4:8) Ngaphezu kwalokho, uzokwenza kanjalo maduzane. Sazi kanjani?
Njengoba kwachazwa kumagazini wenyanga edlule, izenzakalo zezwe nezimo zezenhlalo zikwenza kucace ngokuphelele ukuthi sesingene shí “ezinsukwini zokugcina” zaleli zwe lamanje. (2 Thimothewu 3:1; Mathewu 24:3-7) Cha, ukuphela ngeke kube ukhukhulela-ngoqo wenuzi noma ukungqubuzana netshe elisemkhathini noma ngendlela ethile eyobhubhisa abalungile nababi ngokungakhethi. Kunalokho, kuyolethwa ukungenela kukaNkulunkulu okuqondiswe kwababi ngokukhethekile, kuhlanganise nalabo abaphikelelayo ekuthuthukiseni ukubusa kwabantu. (IHubo 37:10; 2 Petru 3:7) Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu uyoqeda konke ukuhlupheka okubangelwe yilabo baphikisi baKhe.b—2 Thesalonika 1:6-9.
Ngemva kwalokho, uMdali uyoxazulula izinkinga zethu zohulumeni ngokunika lonke igunya phezu komhlaba umbuso obizwa ngokuthi “umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 4:43) Njengoba sizobona manje, lowo hulumeni womhlaba wonke uyolishintsha ngokuphelele ikusasa.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ingabe Izenzo Zokuphana Ziyikhambi?” ekhasini 19.
b Umbuzo othi “Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?” uphendulwa ekhasini 106 lencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 5]
“IZITINI” EZINGAKHIWANGA KAHLE ZOMPHAKATHI WESINTU
◼ Sonke asiphelele.
◼ Ukufa kuyasifica.
◼ Asikwazi ukuzibusa ngokuphumelelayo.
◼ Abantu bathonywa umbusi ongabonakali.
[Ibhokisi ekhasini 6]
ABANTU NGEKE BAWUCHITHE UMHLABA!
IBhayibheli liyayisekela injongo yoMdali yokuba umhlaba ube ikhaya eliphephile, elinokuthula labantu abesaba uNkulu-nkulu. Cabangela imiBhalo elandelayo.
“Usekelé umhlaba phezu kwezindawo zawo ezimisiweyo; ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.”—IHubo 104:5.
“Uwumisé ngokuqinile umhlaba, ukuze uqhubeke umile.”—IHubo 119:90.
“Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza; kodwa umhlaba umi kuze kube nini nanini.”—UmShumayeli 1:4.
“Umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.
“[UJehova unguMbumbi] womhlaba noMenzi wawo, Yena owawumisa waqina, ongazange awudalele ize nje, owawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa.”—Isaya 45:18.