Ukunqoba Ukucindezeleka Kwentsha
ABAFUNDI ababefunda ulimi lwesiNgisi eMexico bacelwa ukuba balungiselele inkulumo ekhuluma ngesihloko abazikhethele sona. UMaritza uyachaza: “Ngangike ngabhekana nokucindezeleka, futhi uchungechunge lwezihloko ezithi ‘Usizo Entsheni Ecindezelekile,’ kuyi-Phaphama! ka-September 8, 2001, lwangisiza. Ngakho ngasebenzisa ukwaziswa okukulo magazini, futhi ngathola amamaki aphezulu kakhulu. Ngemva kwalokho, nganika abafundi nothisha ikhophi yalezi zihloko eziwuchungechunge.”
Ngemva kweminyaka emibili, lapho uMaritza esenkonzweni yobuKristu, wavakashela umfundi naye owayefunda isiNgisi. UMaritza wathola isimanga, lo mfundi wambonisa ikhophi yesihloko se-Phaphama! esikhuluma ngokucindezeleka kwentsha. Kubonakala sengathi uthisha usazisa kakhulu lesi sihloko kangangokuba unikeza umfundi ngamunye ikhophi!
Ukwaziswa okwengeziwe okuphathelene nokucindezeleka kwentsha kungatholakala encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Izihloko zayo zihlanganisa ezithi “Kungani Ngingazithandi?,” “Kungani Ngicindezeleka Kangaka?” nesithi “Ngingakuqeda Kanjani Ukuba Kwami Nesizungu?” Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.