Ukubuka Okwezwe
◼ Ngo-2006, “izintatheli ezingu-167 nezisebenzi ezikanye nazo,” njengabashayeli nabahumushi, “bafa bezama ukucoshela izindaba.” Iningi labo lalibika ngobugebengu, inkohlakalo, noma izimpi zendawo. Abangaba ngu-133 babulawa.—I-INTERNATIONAL NEWS SAFETY INSTITUTE, EBELGIUM.
◼ Kukhiqizwa izinhlamvu eziphakathi kwezigidi eziyizinkulungwane eziyishumi nezingu-14 minyaka yonke, “eziningi ngokwanele ukubulala bonke abantu abasemhlabeni ngokuphindwe kabili.”—I-ROYAL MELBOURNE INSTITUTE OF TECHNOLOGY, E-AUSTRALIA.
Ukuzamazama Komhlaba Okubangelwa Abantu?
Kusukela ekhulwini le-19, izinto ezenziwa abantu ziye zabangela ukuzamazama komhlaba okukhulu okungaphezu kuka-200, ngokusho kombiko ephephandabeni lesiJalimane i-Zeit. Izimayini zabangela isigamu salokhu kuzamazama. Kubonakala sengathi ezinye izimbangela ukukhishwa kwegesi, ukumbiwa kukawoyela, noma ukudonswa kwamanzi; ukumpontshelwa kwamanzi emigodini; nokwakhiwa kwamadamu okugcina amanzi. Ukuzamazama komhlaba kwango-1989 eNewcastle, e-Australia, ososayensi abathi kwabangelwa imayini yamalahle engaphansi komhlaba, kwabulala abantu abangu-13, kwalimaza abangu-165, futhi kwadala umonakalo obalelwa emaRandini ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-25. Kulinganiselwa ukuthi umonakalo owabangelwa yilokho kuzamazama wawungaphezu kwengqikithi yemali eyayisitholakale ezimayini zaseNewcastle kusukela kwaqalwa ukumba lapho eminyakeni engamakhulu amabili edlule.
Isimo SobuKatolika EFrance
Ngo-1994, abantu abangamaphesenti angu-67 eFrance babethi bangamaKatolika. Umagazini i-Monde des Religions uthi namuhla lelo nani selingamaphesenti angu-51. Inhlolo-vo yembula ukuthi ingxenye yamaKatolika aseFrance iya esontweni lapho kunezenzakalo ezikhethekile ezinjengemishado kuphela. Nakuba abangamaphesenti angu-88 bethi bawazi ngekhanda umthandazo kaBaba Wethu, abangamaphesenti angu-30 bathi abakaze bathandaze. Cishe isigamu semizi yamaKatolika sinalo iBhayibheli, kodwa lokhu akusho ukuthi liyafundwa ngempela.
Izinkinga Zokukhuluma Kubantwana
Umagazini wasePoland i-Wprost uthi: “Bayanda abantwana abaqala ukukhuluma sebebadala futhi basebenzisa amagama ambalwa kakhulu ngenxa yokuthi abantu abadala abaxoxi nabo.” Ngokwesilinganiso, omama bachitha imizuzu engu-30 ngosuku nabantwana babo, kanti obaba bachitha “imizuzu engu-7 kuphela.” Ngenxa yalokho, cishe umntwana oyedwa kwabahlanu “unezinkinga ezithile zokukhuluma ezibangelwa nje ukuba budedengu kwabazali.” UMichał Bitniok, ongumelaphi wezifo zokukhuluma nesazi solimi eSilesian University, uyaxwayisa: “Uma abantwana abanjalo bengelashwa ngokushesha futhi bahlale benakekelwe, izinkinga zabo zokukhuluma zingase zibabangele ubunzima esikoleni nakamuva ekuphileni kwabo.”
Ukusebenzisa Inkolelo-ze EJapane
Ukulahla udoti ngokungemthetho endaweni kamasipala kuyinkinga enkulu eJapane. Onogada abasebenza emini bayehluleka ukuyinqanda. Abantu bamane balethe udoti wabo ebusuku. Manje, ngokwakha ama-torii, amasango okhuni abomvu aklanyelwe ukubukeka njengamasango amathempeli obuShinto, omasipala sebesebenzisa inkolelo-ze ekunqandeni le nkinga. I-IHT Asahi Shimbun iyachaza: “Leli cebo lilula kakhulu. Ngokuvamile abantu babheka i-torii njengengcwele, ngakho ukulahla udoti phambi kwayo kungaletha amashwa.” Njengoba kulindelekile, abantu abasawulahli udoti phambi kwawo. Leli phephandaba lithi: “Uma uqhela kancane usuka kuleyo ndawo, uthola isimo esihlukile.”