Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ingabe Umshado Ungalubekezelela Uvivinyo? (July 2006) Ngiwufunda njalo umagazini i-Phaphama! NgingumKatolika, kodwa ngiwuthola uthakazelisa kakhulu futhi ufundisa umagazini wenu. Nokho, angivumelani namazwi enu athi: “Ngo-1983 leli sonto lathambisa imithetho yalo ephathelene nezibopho zomshado lakwenza kwaba lula ngamaKatolika ukuthola isehlukaniso.”
G.V.M., Zambia
I-“Phaphama!” iyaphendula: Sasikhuluma ngoshintsho lwenqubo olwenziwa eSimisweni Senqubo YeSonto Sika-1983. Imiphumela yalolo shintsho ibe mkhulu, ikakhulukazi e-United States. Ngokusho koMbhishobhi wamaRoma Katolika uMark A. Pivarunas, kwagunyazwa izehlukaniso ezingu-338 kuphela ngo-1968 kwelase-United States. Kodwa ngo-1990, lelo nani lase lenyukele ku-62 824. Kungani kwaba nalokhu kwanda?
Isazi somthetho wesonto u-Edward Peters sithi: “Kuye kwenziwa ushintsho olukhulu enqubweni yesimiso sesonto kule minyaka engu-30 edlule, ushintsho olwenza kwaba lula ukufakwa kwezicelo zokuchitha umshado kanye namathuba okuba lezo zicelo zigunyazwe.” Ngemva kokukhuluma ngoshintsho oluningana olwenziwa kulesi simiso, uPeters wanezela: “Ngalunye lwalolu shintsho ezimisweni zesonto lamaRoma ngokungangabazeki luye lwanezela ekwandeni okukhulu kwezicelo zokuchitha umshado.” Njengoba i-“Phaphama!” yasho, kungakhathaliseki ukuthi lwaluhloselweni lolu shintsho, umphumela walo oqondile waba ukuthi: “[Isonto] lakwenza kwaba lula ngamaKatolika ukuthola isehlukaniso,” okungenani e-United States.
Ingabe Ukhona UMdali? (September 2006) Le Phaphama! ekhethekile yayingeyekhethelo. Izizathu ezavezwa zazilula, zinamandla, zinengqondo futhi zizwakala. Ngayithanda kakhulu indlela ehlelwe ngayo, ngoba wonke umagazini wawudingida isihloko esifanayo ngezindlela ezihlukahlukene.
A. B., Spain
Ngiyabonga ngalo magazini omuhle futhi othakazelisayo. Izizathu ezihlukahlukene nemifanekiso ekuwo kudumisa uJehova. Uyakufanelekela ukudunyiswa ngale ndlela.
R. B., Switzerland
Bangihlaba umxhwele ubufakazi obuqand’ ikhanda futhi obulula obusekela indalo. Ukuthi ukuziphendukela kwemvelo kungamanga kwavezwa ngaphandle kobutha kodwa ngokunemba okukhulu okudingeka kuyisayensi.
L. G., France
AmaRom—Iminyaka Eyinkulungwane Yenjabulo Nosizi (October 2006) Bengilokhu ngiwathanda kakhulu amaRom. Ngokudabukisayo, asacwaswa namanje. Ngiyaqiniseka ukuthi isihloko senu sizoshukumisa izingqondo zabantu abaningi. Yeka indlela okuqinisekisa ngayo ukwazi ukuthi uJehova akakhethi nokuthi amaRom abalwa phakathi kwabakhulekeli bakhe!
B. B., France
SingamaRom. Ubaba akayena omunye woFakazi BakaJehova, futhi akakuthandi kangako ukufunda. Kodwa wayewufuna lo magazini, futhi manje uhlala etafuleni lakhe!
A. G., Finland