Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/07 k. 16-k. 17 isig. 3
  • Isimo Esibucayi Soshaka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimo Esibucayi Soshaka
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kufanele Kuthathwe Isinyathelo Ukuze Basinde
  • Ushaka Omhlophe Omkhulu—Uyahlaselwa
    I-Phaphama!—2000
  • Inhlanzi Engathandwa-muntu
    I-Phaphama!—1991
  • Isikhumba Sikashaka
    I-Phaphama!—2010
  • IShark Bay Indawo Emangalisayo Yendalo
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 10/07 k. 16-k. 17 isig. 3

Isimo Esibucayi Soshaka

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO

ZIMBALWA izilwane ezesabeka njengoshaka. Emhlabeni wonke, kunezehlakalo ezilinganiselwa ku-75 zabantu abahlaselwa oshaka ngaphandle kwesizathu unyaka ngamunye, futhi abangaba yishumi kubo bayafa. Leyo mibiko yokuhlaselwa esakazwa kabanzi, kuhlanganise nesithombe esibi esivezwa amabhayisikobho, kuveza oshaka njengezilwane ezidla abantu. Kuyiqiniso ukuthi oshaka kumelwe bahlonishwe. Kodwa uma sesikhuluma iqiniso, abantu abaningi babulawa ukuntinyelwa yizinyosi nayizingwenya kunokuhlaselwa oshaka.

Ngokuphambene, abantu bahlasela oshaka. “Unyaka ngamunye kubanjwa oshaka abayizigidi eziyikhulu—abaningi kangangokuba uma singababeka sibalandelanise, bangazungeza umhlaba izikhathi eziyisihlanu,” kubika umcwaningi wenhlangano i-Argus Mariner Consulting Scientists kumagazini i-Premier. Ngaphezu kwalokho izinga labo eliphansi lokuzalana ngokwemvelo, ukwephuza kwabo ukukhula nesikhathi eside sokukhulelwa kuhlanganise nokungcoliswa kwendawo abazalelwa kuyo kwenza amanani oshaka anciphe ngokushesha. Lapho sebeyingcosana, kungathatha iminyaka ukuphinde bande.

Iningi loshaka libanjelwa amaphiko alo, ayigugu kakhulu kubantu abathile base-Asia abawasebenzisela ukwenza imithi yokwelapha neyokuvusa inkanuko.a Isobho lamaphiko kashaka liyisibiliboco esibizayo esingakhokhelwa u-R1 000 isitsha! Ukudayisela imakethe yase-Asia engenisa izindodla zemali kuye kwaholela emkhubeni ononya futhi osaphazayo wokusika amaphiko kashaka ophilayo bese uphonswa olwandle ukuze ubulawe yindlala noma uminze.

Kufanele Kuthathwe Isinyathelo Ukuze Basinde

Ingabe kufanele sikhathazeke ngesimo esibucayi soshaka? Singase singabazweli oshaka ngendlela esizizwela ngayo izindlovu noma imikhomo. Kodwa kumelwe siqaphele indima yabo ebalulekile ekulondolozeni ukuzinza kwemvelo olwandle. Ngokwesibonelo, indlela abadla ngayo iyasiza ekulawuleni amanani ezinye izinhlanzi.

Ukudoba oshaka akulawulwa kwamanye amazwe. Muva nje, ngemva kwempikiswano yeminyaka eyishumi, kwelaseMexico, lapho kudotshwa khona amathani angaphezu kwangu-30 000 ngonyaka, kushaywe umthetho onqabela ukudotshwa koshaka ngenxa yamaphiko abo. Okubonisa ezinye izinkinga ezihilelekile ukuthi ukufunwa kwamaphiko oshaka kuye kwaholela ekwandeni kokudoba ngokungemthetho ezindaweni ezivikelwe ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba. Ngokwesibonelo, umqondisi weGalápagos National Park Service ukhononda ngokuthi: “Ukudotshwa ngokungemthetho koshaka ukuze kutholakale amaphiko abo eGalapagos kuye kwanda kakhulu kule minyaka embalwa edlule. Kungenisa inzuzo enkulu futhi kuye kwabangela amaqembu ezigelekeqe kule ndawo.”

Kuye kwathathwa isinyathelo esihle sokuzama ukusindisa oshaka—amanye amazwe aye akuvimbela ukudotshwa kwabo ngenxa yamaphiko. Kodwa uCharlotte Mogensen, isikhulu sohlelo lwe-World Wildlife Fund, uxwayisa ngokuthi kusadingeka okukhulu kunalokho. Uthi: “Oshaka basesengcupheni emhlabeni wonke. Sinxuxa zonke izinhlangano eziqondisa ukudoba ukuba zingagcini nje ngokuvimbela ukudotshwa koshaka ngenxa yamaphiko abo kuphela, kodwa futhi zibeke nemithetho yokuqongelelwa kokwaziswa ngabo, ukuncishiswa kokubanjwa kwabo ngephutha kanye nezindlela zokubadoba ngokulinganisela.”

Ngokujabulisayo, uMdali wezilwane ngeke esakuvumela ukuba kuqhubeke ukucekelwa phansi kwendalo yakhe ebabazekayo. Lokhu kuhlanganisa noshaka abesabekayo kodwa ababalulekile.—IsAmbulo 11:18.

[Umbhalo waphansi]

a Kuyindida ukuthi kuye kwatholakala ukuthi amaphiko oshaka anezinga eliphakeme lesigidi, elingabulala inzalo emadodeni.

[Ibhokisi Izithombe ekhasini 17]

AMAQINISO NGOSHAKA

Ubukhulu: Uhlobo olukhulu kakhulu, i-whale shark (ngenhla), lungafinyelela amamitha angu-18 ubude nesisindo esingamathani ambalwa. Kodwa luyisilwane esingeyona ingozi esidla izilwanyana zasolwandle nezinhlanzi ezincane.

Ubude besikhathi sokukhulelwa: Zizala ngemva kokukhulelwa izinyanga ezingaba ngu-22.

Izinga lokuzala: Ngokuvamile ushaka uzala abantwana abangaba babili kuya kwabayishumi ngasikhathi ngokwesilinganiso. Izinhlobo eziningi zizalwa ziphila.

Izinga lokukhula: Abaningi bathatha iminyaka ephakathi kwengu-12 nengu-15 ukufinyelela izinga lokuzala.

Ubude bokuphila: Akulula ukunquma ubude bokuphila kwezinhlobo eziningi zoshaka, kodwa i-great white enolaka (ngezansi) kulinganiselwa ukuthi iphila iminyaka engu-60.

[Umthombo]

Seawatch.org

© Kelvin Aitken/age fotostock

[Isithombe ekhasinii 16, 17]

Phakathi kwezinhlobo zoshaka ezingaphezu kuka-300, ezingu-62 sezisengcupheni yokuqothulwa

[Umthombo]

© Mark Strickland/SeaPics.com

[Isithombe ekhasinii 17]

Ikhilogremu nje elilodwa lamaphiko kashaka lingadayisa ngo-R3 000 noma ngaphezulu. Imihlathi ye-great white ingadayisa ngemali engafinyelela ku-R70 000

[Umthombo]

© Ron & Valerie Taylor/SeaPics.com

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela