Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/07 k. 8-k. 9 isig. 1
  • Sezizophela Izinhlekelele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sezizophela Izinhlekelele
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lalela UNkulunkulu Ukuze Uphile!
  • Ithemba Eliqinisekile Ngabafileyo
    Lapho Ufelwa Othandekayo
  • Izigidi Ezifile Manje Ziyophila Futhi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ithemba Ngabafileyo​—⁠Uvuko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukufa Akusona Isiphetho Sakho Konke!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 9/07 k. 8-k. 9 isig. 1

Sezizophela Izinhlekelele

UKUZAMAZAMA komhlaba, izimpi, indlala nezifo—lezi ezinye zezinto uJesu abikezela ukuthi zaziyophawula ‘isiphelo sesimiso sezinto’ esiphila kuso njengamanje. (Mathewu 24:3, 7, 8; Luka 21:7, 10, 11) Kodwa-ke, lezo zenzakalo azizona izenzo zikaNkulunkulu. Futhi azibangelwa uJesu noma uYise, uJehova uNkulunkulu.

Kodwa uNkulunkulu nguyena oyobangela lokho okwandulelwa yilezi zenzakalo ezabikezelwa, okungukuthi, ukuza koMbuso kaNkulunkulu—uhulumeni wasezulwini osezandleni zikaJesu Kristu—nokubhujiswa kwabo bonke abenqaba ubukhosi bukaJehova. (Daniyeli 2:44; 7:13, 14) Ngemva kwalokho, umhlaba uyokwenziwa indawo ephephile yokuthula, lapho kuyobe kungasekho ukwesaba izinhlekelele zemvelo. Lesi sithembiso sikaNkulunkulu siyogcwaliseka ngomqondo ophelele: “Abantu bami bayohlala endaweni yokuhlala enokuthula nasezindaweni zokuhlala zokuqiniseka okuphelele nasezindaweni zokuphumula ezingaphazanyiswa.”—Isaya 32:18.

Lalela UNkulunkulu Ukuze Uphile!

Njengoba sekuchaziwe esihlokweni esandulele kulolu chungechunge, ukulalela izixwayiso kungasindisa ukuphila. Leso simiso sisebenza ngisho nakakhulu ezixwayisweni zikaNkulunkulu ezilotshwe eBhayibhelini. UNkulunkulu uyathembisa: “Kepha ongilalelayo, uyohlala ngokulondeka angaphazanyiswa yingebhe yenhlekelele.”—IzAga 1:33.

OFakazi BakaJehova bayazikhandla ukuze balalele uNkulunkulu ngokufunda iZwi lakhe eliphefumulelwe njalo nangokusebenzisa izimfundiso zalo. Bakumema ukuba nawe wenze okufanayo. Yebo, bonke abalalela uJehova ngokuzithoba akudingekile ukuba besabe ikusasa nenhlekelele ezokwehlela ababi. Kunalokho, bangabheka phambili ekuzuzeni ukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni, lapho ‘beyothola khona injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.’—IHubo 37:10, 11.

[Ibhokisi ekhasini 8]

INDUDUZO KWABALILAYO

Ingabe ushonelwe abathandekayo bakho, mhlawumbe ngenxa yenhlekelele yemvelo noma enye ingozi? Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, umngane omkhulu kaJesu, uLazaru, wafa ngaphambi kwesikhathi. Lapho ezwa ngalokhu, uJesu waya emzini wakubo kaLazaru, eBhethaniya, wayesemvusa “ebuthongweni” bokufa.—Johane 11:1-44.

UJesu akenzanga lesi simangaliso ngoba ethanda uLazaru nomkhaya wakubo kuphela kodwa ukuze aqinisekise nesithembiso asenza sokuvusa “bonke abasemathuneni” ngaphansi kokubusa koMbuso wakhe. (Johane 5:28, 29) Yebo, ePharadesi elizayo, uJesu uyolungisa wonke umonakalo owaqala ngokuvukela kwase-Edene.a—1 Johane 3:8.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole iseluleko esingokomBhalo sokubhekana nokushonelwa othandekayo kanye nengxoxo eningiliziwe mayelana nesithembiso sovuko, siza ubheke incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

UKUZAMAZAMA KOMHLABA KWASHINTSHA INKAMBO YOKUPHILA KWAMI

Ngo-1971, ngangingumama osemusha futhi ngifuna ukuba umculi wendlela yokuqala kuyi-opera. Ngo-1957 ngathutha endaweni engazalelwa kuyo eWinnipeg, eManitoba, eCanada, ukuze ngibe seduze neHollywood, eCalifornia, e-U.S.A., nginethemba lokuphishekela into engangizifela ngayo, umculo.

Kwaphela iminyaka engu-9 umama, ongomunye woFakazi BakaJehova, engivakashela njalo ehlobo esuka eCanada. Wayevame ukusebenzisa lawo mathuba ukuze axoxe nami ngeBhayibheli, eqiniseka ukuthi lalineseluleko esihle kakhulu esiphathelene nokuphila komkhaya nokuthola injabulo. Ngangimthanda umama futhi ngangimlalela ngenhlonipho. Kodwa njalo lapho ehamba ngangizilahla izincwadi ayenginika zona, ngiqiniseka ukuthi ukuphila kwami kwakuzohamba kahle.

Khona-ke, ngolunye usuku ekuseni kunguLwesibili ngo-February 1971, ngavuswa ukuzamazama komhlaba okwakungu-6,6 esikalini sikaRichter. Umsindo wako wawuvala izindlebe, futhi ukundindizela kunamandla. Ngithukile, ngagijima ngayobheka indodana yami futhi kwathi gidi lapho ngithola ukuthi izilalele embhedeni wayo. Lapho ukundindizela sekuphelile, kwakugcwele phansi izingilazi eziphukile nezinto ezaziwe emakhabetheni, futhi lonke igceke laligcwele amanzi ayesechibini lokubhukuda. Nakuba umkhaya wami wawulondekile, angibange ngisakwazi ukulala.

Umama wayeke wakhuluma ‘ngezinsuku zokugcina,’ ezaziyophawuleka ‘ngokuzamazama okukhulu komhlaba.’ (2 Thimothewu 3:1; Luka 21:7-11) Ehlobo ngalowo nyaka wabuya ezovakasha futhi kodwa engaziphethe izincwadi zeBhayibheli. Njengoba ayesengishumayeze iminyaka engu-9 ngaphandle kwemiphumela, wayecabanga ukuthi anginaso isithakazelo. Wayeshaye phansi! Kusukela ngesikhathi afika ngaso, ngamphonsa ngethala lemibuzo. Ukucula nodumo kwase kuvele kwaphenduka ize.

Ngalo lelo sonto ngaya nomama emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso lendawo, futhi ngemva kwalokho kwakuqabukela ukuba ngiphuthe. Wahlela ukuba ngiqhutshelwe isifundo seBhayibheli sasekhaya. Ngabhapathizwa ngo-1973, futhi namuhla ngichitha amahora angaba ngu-70 inyanga ngayinye ngimemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwabanye. (Mathewu 24:14) Yebo, esikhundleni sokuqeda ukholo lwami kuNkulunkulu, ukuzamazama komhlaba kwangisiza ukuba ngilwakhe.—Njengoba ilandiswa nguColleen Esparza.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela