Ingabe Zibangelwa Unkulunkulu?
“UNKULUNKULU uluthando,” kusho iBhayibheli. (1 Johane 4:8) Futhi unobulungisa nesihe. “IDwala, uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.”—Duteronomi 32:4.
NjengoMdali, uJehova uNkulunkulu unekhono lokubona zonke izinto ezingase zibangele ingozi, futhi unamandla okungenela. Ngenxa yala maqiniso kanye nezimfanelo iBhayibheli elithi uNkulunkulu unazo, abanye babuza kufanele, “Kungani uNkulunkulu evumela izinhlekelele zemvelo zenzeke?”a Njengoba izigidi zabantu ababuza lo mbuzo ngobuqotho zitholile, uNkulunkulu uqobo unikeze impendulo enengqondo eZwini lakhe elilotshiwe. (2 Thimothewu 3:16) Siza ucabangele okulandelayo.
Balwenqaba Uthando LukaNkulunkulu
IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu wanika abazali bethu bokuqala konke ababekudinga ukuze baphile ngenjabulo nangokuphepha. Ngaphezu kwalokho, njengoba bona nenzalo yabo belalela umyalo kaNkulunkulu wokuba ‘bazale bande bagcwalise umhlaba,’ umkhaya wesintu okhulayo wawungaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzoqhubeka ewunakekela.—Genesise 1:28.
Kodwa kuyadabukisa ukuthi u-Adamu no-Eva bafulathela uMdali wabo ngokungamlaleli ngamabomu nangokukhetha inkambo yokuzibusa ngaphandle kwakhe. (Genesise 1:28; 3:1-6) Iningi lenzalo yabo lilandele ezinyathelweni zabo. (Genesise 6:5, 6, 11, 12) Ngamafuphi, bonke abantu bakhethe ukuzibusa nokuphatha ikhaya labo eliwumhlaba ngaphandle kwesiqondiso sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi uJehova unguNkulunkulu wothando okuhloniphayo ukuzikhethela kwabantu, akabaphoqeleli ukuba bamukele ubukhosi bakhe, ngisho nalapho inkambo yabo ingase iholele engozini.b
Nakuba kunjalo, uJehova akazange awulahle umkhaya wesintu. Kuze kube namuhla ‘wenza ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle futhi wenza imvula ine phezu kwabantu abalungile nabangalungile.’ (Mathewu 5:45) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wanika abantu ikhono lokufunda ngomhlaba nemijikelezo yawo, futhi ngamazinga ahlukahlukene, lolu lwazi lusize abantu ukuba bakwazi ukubikezela isimo sezulu esibi nezinye izinto ezingase zibe yingozi, njengokuqhuma kwezintaba-mlilo.
Abantu baye bathola nokuthi iziphi izingxenye zomhlaba ezisengozini enkulu yokuzamazama noma yesimo sezulu esibi kakhulu. Emazweni athile lolu lwazi luye lwasiza ekusindiseni ukuphila ngokufundiswa kwabantu kanye nokusungulwa kwezindlela ezingcono zokwakha nezimiso zokuxwayisa. Noma kunjalo, inani lezinhlekelele zemvelo ezibikwa minyaka yonke belilokhu landa kancane kancane. Izizathu zalokhu ziningi futhi ziyinkimbinkimbi.
Ukuhlala Ezindaweni Ezisengozini Enkulu
Umonakalo obangelwa yinhlekelele ngokuvamile awuxhomekile emandleni emvelo ahilelekile. Ubuningi babantu endaweni ethintekile ngokuvamile buba nomthelela omkhudlwana. Ngokombiko owakhishwa iBhange Lomhlaba, emazweni angaphezu kwangu-160, izakhamuzi ezingaphezu kwengxenye yesine zihlala ezindaweni ezisengozini enkulu yokufa ngenxa yezinhlekelele zemvelo. Usosayensi uKlaus Jacob waseColumbia University e-United States uthi: “Uma ubeka abantu abengeziwe endaweni eyingozi, udala inhlekelele ngento ngaphambili eyayiyisenzakalo nje esingokwemvelo.”
Ezinye izinto ezenza isimo sibe sibi nakakhulu ukwakhiwa kwamadolobha okusheshayo nokungahleliwe, ukuqothulwa kwamahlathi nokukhonkwa kakhulu kwenhlabathi ebingabamba amanzi. Ikakhulukazi ukuqothulwa kwamahlathi nokukhonkwa kwenhlabathi kungabangela ukuguguleka kwenhlabathi okubhubhisayo nezikhukhula ezingavamile.
Izinto ezenziwa abantu nazo zingenza ukuzamazama komhlaba kube inhlekelele enkulu, ngoba akukhona ukuzamazama komhlaba nje okubulala futhi kulimaze abantu abaningi kodwa ukuwa kwezakhiwo. Ngesizathu esihle izazi zokuzamazama komhlaba zinesisho esithi: “Ukuzamazama komhlaba akubabulali abantu. Yizakhiwo ezibulala abantu.”
Ukuhluleka kwabaholi bezombangazwe nakho kungandisa inani labafayo. Ezweni elithile eNingizimu Melika, ukuzamazama komhlaba kuyicekele phansi kathathu inhloko-dolobha kule minyaka engu-400 edlule. Kusukela ekuzamazameni kokugcina, okwenzeka ngo-1967, inani labantu liphindeke kabili lafinyelela ezigidini ezinhlanu. Umagazini i-New Scientist uthi: “Kodwa imithetho yokwakha ebingavikela umphakathi ayikho noma ayisetshenziswa.”
La mazwi okugcina ayasebenza esimweni sedolobha laseNew Orleans, eLouisiana, e-U.S.A., elakhiwa endaweni ephansi, ethandwa yizikhukhula. Nakuba kunezitamukoko namaphampu amanzi, inhlekelele abaningi ababenovalo lokuthi izokwenzeka yagcina ifikile ngo-2005 lapho kugadla iSiphepho uKatrina. Umbiko we-USA Today wathi “izixwayiso okukade zikhona” azinakwa noma “azilalelwa ngokugcwele.”
Abantu abalaleli ngokugcwele nalapho kukhulunywa ngokufudumala kwembulunga, ososayensi abaningi abakholelwa ukuthi kungase kubhebhethekise izinhlekelele ezibangelwa yisimo sezulu futhi kwandise izinga lamanzi olwandle. Ngokusobala, izici zezombangazwe, zenhlalo nezomnotho—izinto ezingenziwanga uNkulunkulu—kumelwe zicatshangelwe. Lezi zinto ezibangelwe umuntu zisikhumbuza iqiniso leBhayibheli lokuthi umuntu akakwazi “ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Enye inkinga ngabantu yindlela abazibheka ngayo izixwayiso—ezingokwemvelo nezivela kuziphathimandla.
Funda Ukuqaphela Izimpawu Eziyisixwayiso
Okokuqala, kumelwe sivume ukuthi izinhlekelele zemvelo zingagadla kungalindelwe. UmShumayeli 9:11 uthi: “Isikhathi nesenzakalo esingalindelekile [sisehlela sonke].” Kodwa ngokuvamile kuba nesixwayiso—esingokwemvelo noma esivela kuziphathimandla—sokuthi kunenhlekelele esongelayo. Ngakho, lapho abantu bezazi izimpawu, bangandisa amathuba abo okusinda.
Lapho kuhlasela i-tsunami esiqhingini sase-Indonesia iSimeulue ngo-2004, kwafa abantu abangu-7 phakathi kwezinkulungwane eziningi zezakhamuzi. Ngokwazi ukuthi ama-tsunami andulelwa ukuhlehla okungavamile kolwandle, abantu abaningi babaleka lapho ulwandle luhlehla. Ngokufanayo, abantu baye basinda eziphephweni ezinamandla nasekuqhumeni kwezintaba-mlilo ngokulalela izixwayiso. Ngenxa yokuthi izixwayiso ezingokwemvelo zivame ukwandulela izixwayiso ezivela kuziphathimandla, kuwukuhlakanipha ukuzazi zombili, ikakhulukazi uma uhlala endaweni ethandwa yizinhlekelele.
Kodwa kuyadabukisa ukuthi “abantu banomkhuba wokuyiphika ingozi ngisho nalapho isobala,” kusho isazi sezintaba-mlilo. Lokhu kunjalo ikakhulukazi lapho kuvame khona izinhlabamkhosi eziyiphutha noma lapho inhlekelele yenzeka khona esikhathini eside esidlule. Futhi ngezinye izikhathi abantu abafuni ukushiya impahla yabo, ngisho nalapho bebhekene nenhlekelele.
Ezindaweni eziningi abantu bampofu kakhulu ukuthi bangathuthela endaweni ephephile. Kodwa kunokuba aveze uMdali wethu njengesehluleki, amaqiniso obumpofu aveza ukuhluleka kwabantu. Ngokwesibonelo, ohulumeni bavame ukuchitha izindodla zemali ezikhalini kodwa bangenzi lutho ekusizeni abaswele.
Noma kunjalo, abantu abaningi bayaluthola usizo ngezinga elithile, kungakhathaliseki ukuthi isimo sabo sinjani. Kanjani? Ngokuthi uNkulunkulu, ngeZwi lakhe elilotshiwe, iBhayibheli Elingcwele, usinikeze izimiso eziningi ezinhle ezingasindisa ukuphila lapho zisetshenziswa.
Izimiso Ezisindisa Ukuphila
◼ Ungamvivinyi uNkulunkulu. “Ningamvivinyi uJehova uNkulunkulu wenu,” kusho uDuteronomi 6:16. AmaKristu eqiniso awaphili ngokukholelwa ezeni, ecabanga ukuthi uNkulunkulu uyowavikela njalo ezingozini ezingokoqobo. Ngakho, lapho kunengozi esongelayo, alalela iseluleko esiphefumulelwe: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.”—IzAga 22:3.
◼ Yazisa ukuphila ngaphezu kwezinto ezibonakalayo. “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Yebo, izinto ezibonakalayo zinendawo yazo, kodwa azibasizi ngalutho abafileyo. Ngakho-ke, labo abathanda ukuphila futhi abalazisayo ilungelo lokukhonza uNkulunkulu abazifaki ezingozini ezingadingekile ukuze bavikele impahla yabo.—IHubo 115:17.
Ngo-2004, uTadashi, ohlala eJapane, waphuma emzini wakhe ngokushesha ngemva kokugadla kokuzamazama komhlaba, ngaphambi kokuba iziphathimandla zikhiphe isiqondiso. Wayazisa ukuphila kwakhe ngaphezu komuzi wakhe nempahla yakhe. U-Akira, ohlala endaweni efanayo, wabhala ukuthi “ubukhulu bomonakalo abuxhomekile ekulahlekelweni yizinto ezibonakalayo, kodwa embonweni womuntu. Ngabheka le nhlekelele njengethuba elihle lokwenza ukuphila kwami kube lula.”
◼ Lalela izixwayiso zikahulumeni. ‘Zithobe emagunyeni aphakeme.’ (Roma 13:1) Lapho iziphathimandla zikhipha isiqondiso sokuthi abantu baphume noma balandele inqubo ethile yokuphepha, kuwukuhlakanipha ukulalela. UTadashi wasuka endaweni eyingozi ngoba elalela isiqondiso sokuthi abantu baphume, kanjalo wagwema ukulimala noma ukubulawa ukundindizela okwalandela ngemva kokuzamazama komhlaba.
Uma iziphathimandla zingasikhiphi isixwayiso sokusongela kwenhlekelele, abantu kumelwe bazinqumele ukuthi bazosilandela nini futhi kanjani, becabangela wonke amaqiniso endaba. Ezindaweni ezithile ohulumeni bendawo bangase banikeze iziqondiso eziwusizo zokusinda enhlekeleleni. Uma ukwaziswa okunjalo kukhona endaweni yakini, ingabe uyakwazi? Ingabe usuxoxile ngako nomkhaya wakho? (Bheka ibhokisi elihambisana nalesi sihloko.) Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, amabandla oFakazi, eqondiswa amahhovisi egatsha endawo oFakazi BakaJehova, anezinhlelo zesimo esiphuthumayo okufanele zilandelwe uma kwenzeka kusongela noma kugadla inhlekelele, futhi lezi zinhlelo ziye zaba usizo kakhulu.
◼ Bonisa uthando lobuKristu. UJesu wathi: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile.” (Johane 13:34) Abantu ababonisa uthando lokuzidela olunjengolukaKristu basizana ngangokusemandleni abo ukuze balungele inhlekelele yemvelo noma ukusinda kuyo. Phakathi koFakazi BakaJehova, abadala bamabandla bayazikhandla bexhumana nawo wonke amalungu ebandla ukuze baqiniseke ukuthi aphephile noma angakwazi ukuthola indawo ephephile. Okunye futhi, bayahlola ukuze baqiniseke ukuthi ilungu ngalinye linezinto ezidingekile ekuphileni, njengamanzi ahlanzekile, ukudla, okokwembatha kanye nemithi edingekayo. Phakathi naleso sikhathi, imikhaya yoFakazi esezindaweni eziphephile ivula imizi yayo ukuze yamukele oFakazi abaphakathi kwalabo ababalekele inhlekelele. Ngempela, uthando olunjalo “luyisibopho esiphelele sobunye.”—Kolose 3:14.
Ingabe izinhlekelele zemvelo zizoba zimbi kakhulu, njengoba abanye bebikezela? Kungenzeka, kodwa okwesikhashana. Ngani? Ngoba inkathi eyinhlekelele yokuzibusa kwesintu ngaphandle kukaNkulunkulu isizophela. Ngemva kwalokho, wonke umhlaba nakho konke okukuwo uyobuswa ngokugcwele ubukhosi bukaJehova bothando, obuyoba nemiphumela emangalisayo, njengoba sizobona.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuzamazama komhlaba, isimo sezulu esibi, ukuqhuma kwezintaba-mlilo nokunye akuzona ngempela izinhlekelele. Kuba yizinhlekelele uma kulimaza abantu nempahla yabo.
b Ukuze uthole incazelo eningiliziwe yokuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka nobubi okwesikhashana, siza ubheke izihloko eziwuchungechunge ezithi “Ukuphendula Umbuzo Onzima Kakhulu Othi ‘Kungani?’” kulo magazini ka-November 2006 kanye nesahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
Ingabe Ukuhlomele Ukubaleka?
I-Office of Emergency Management yaseNew York City itusa ukuba imikhaya ilungele ukubaleka ngokuba “nesikhwama sokubaleka”—ujosaka ogcinwa eduze futhi othwaleka kalula, onezinto ezibalulekile ezidingeka lapho kunesimo esiphuthumayo. Singase sibe nezinto ezilandelayo:c
◼ Amakhophi ezincwadi ezibalulekile entweni engangeni manzi
◼ Okhiye abayizipele bemoto nabendlu
◼ Amakhadi okuthenga ngesikweleti, awasebhange kanye nokheshe
◼ Amanzi asemabhodleleni nokudla okungaboli
◼ Amathoshi, umsakazo, umakhalekhukhwini (uma unawo), namabhethri angakasetshenziswa
◼ Imithi okungenani yesonto elilodwa, uhlu lwendlela okufanele isetshenziswe ngayo, izincwadi zikadokotela ezigunyaza ukutholakala kwemithi namagama nezinombolo zodokotela. (Qiniseka ukuba ushintshe imithi ingakaphelelwa isikhathi)
◼ Ibhokisi elinezinto ezidingeka esimweni esiphuthumayo
◼ Izicathulo eziqinile, ezintofontofo kanye nezingubo zemvula
◼ Ukwaziswa okunezinombolo nendawo umkhaya ozohlangana kuyo, kuhlanganise nebalazwe lendawo
◼ Izinto zokunakekela izingane
[Umbhalo waphansi]
c Nakuba okungenhla kusekelwe ohlwini olukhishwa uhulumeni, kwenziwe ushintsho oluncane. Akuzona zonke izinto ezibalwe ohlwini ezingase zifaneleke esimweni senu noma engxenyeni yezwe enihlala kuyo futhi kungase kudingeke kunezelwe ezinye izinto. Ngokwesibonelo, asebekhulile nabakhubazekile banezidingo zabo ezikhethekile.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
USGS, David A. Johnston, Cascades Volcano Observatory