Intsha Iyabuza . . .
Kungani Ngikhishwa Inyumbazana Njalo?
“Ngempelasonto kubonakala sengathi wonke umuntu emhlabeni uyazijabulisa ngaphandle kwami.”—URenee.
“Intsha ibuthana ndawonye ingishiye nje kanjalo!”—UJeremy.
LICWATHILE kodwa akukho okuhlelile. Kodwa wonke omunye umuntu unokuthile akuhlelile. Bonke abangane bakho bahambile bayozijabulisa. Wena uphinde wasala!
Ukuba omunye walabo abangamenyiwe kubuhlungu, kodwa ukuthi kungani ungamenywanga kungaba buhlungu nakakhulu. Ungase ucabange, ‘Mhlawumbe kunokuthile okungalungile kimi. Kungani abantu bengafuni ukuba nami?’
Okwenza Kube Buhlungu
Kungokwemvelo ukufisa ukuba yingxenye yeqembu nokwamukeleka kulo. Empeleni, njengezidalwa ezijabulela ukuba ndawonye, kuyasijabulisa ukuba nobudlelwane nabanye. Ngaphambi kokuba adale u-Eva, uJehova wathi ngo-Adamu: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa.” (Genesise 2:18) Ngokusobala, umuntu uyamdinga omunye; senziwa kanjalo. Futhi yilokho kanye okwenza kube buhlungu kangaka ukukhishwa inyumbazana.
Kungadumaza kakhulu uma ushiywa njalo noma unikezwa umuzwa wokuthi awulifinyeleli izinga lalabo ofuna ukuba umngane wabo. Intokazi okuthiwa uMarie ithi: “Kunamaqenjana entsha efinyelela izinto ezinkulu, kodwa uyakwazi ukubona ukuthi icabanga ukuthi awukufanelekeli ukuba phakathi kwayo.” Lapho abanye bekukhipha inyumbazana, ugcina usuzizwa ushiyiwe futhi unesizungu.
Ngezinye izikhathi ungase uzizwe uwedwa ngisho nalapho usesixukwini. UNicole uthi: “Nakuba kuzwakala kungenangqondo, ngikhumbula ngizizwa nginesizungu kakhulu embuthanweni wokuzijabulisa. Ngicabanga ukuthi kwakungenxa yokuthi ngangiphakathi kwabantu abaningi, kodwa angizange ngizizwe ngisondelene ngisho nanoyedwa wabo.” Abanye bazizwa benesizungu ngisho nalapho besemihlanganweni yamaKristu emincane nemikhulu. UMeagan uthi: “Kubonakala sengathi bonke abantu bayazana ngaphandle nje kwami!” Owesifazane osemusha okuthiwa uMaria uzizwa ngendlela efanayo. Uthi: “Kuba sengathi ngizungezwe abangane kodwa anginabo.”
Bonke abantu baba nesizungu—ngisho nalabo okubonakala sengathi bayathandwa noma bajabule. Isaga seBhayibheli sithi: “Ngisho nasekuhlekeni inhliziyo ingaba sebuhlungwini.” (IzAga 14:13) Lapho isizungu siba namandla futhi siqhubeka, singalimaza. IBhayibheli lithi: “Ngenxa yobuhlungu benhliziyo kuba khona umoya omunyu.” Enye inguqulo ilihumusha kanje leli vesi: “Usizi lungakuchoboza.” (IzAga 15:13; Contemporary English Version) Uma uke wazizwa uchotshoziwe ngenxa yokukhishwa inyumbazana, yini ongayenza?
Ukulwa Nesizungu
Ukuze ulwe nesizungu, zama izinyathelo ezilandelayo:
◼ Gxila ezimfanelweni zakho ezinhle. (2 Korinte 11:6) Zibuze, ‘Yiziphi izimfanelo zami ezinhle?’ Cabanga ngamakhono noma izimfanelo ezinhle onazo, bese uzibhala ngezansi.
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
Lapho unomuzwa wokuthi ukhishwa inyumbazana, khumbula izimfanelo zakho ezinhle—njengalezo ozibhale ngenhla. Yiqiniso, unobuthaka futhi kufanele usebenzele ukubulungisa. Noma kunjalo, zama ukungakhathazeki kakhulu ngamaphutha akho. Esikhundleni salokho, zibheke njengomuntu osathuthuka. Kungenzeka ukuthi akukona konke okuhamba kahle, kodwa kukhona okunye okuhamba kahle. Gxila kulokho!
◼ Yanuleka. (2 Korinte 6:11-13) Zethule kuqala kubantu. Kuyavunywa, lokhu kungase kube nzima. ULiz oneminyaka engu-19 uthi: “Amaqembu angase abonakale esabisa kakhulu, kodwa uma uya kothile ufike uthi, sawubona, ngokushesha nje uba yingxenye yalelo qembu.” (Bheka ibhokisi elithi “Amacebiso Okuxoxa.”) Njengoba sikhuluma ngokukhishwa inyumbazana, qiniseka ukuthi wena awenzi kanjalo kwabanye—njengakwasebekhulile. “Lapho ngineminyaka eyishumi noma engu-11, nganginomngane owayemdala kakhulu kunami. Sasingamathe nolimi, nakuba sasingalingani.”
Cabanga ngabantu abadala ababili ebandleni lakini ongathanda ukubazi kangcono.
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
Emhlanganweni olandelayo webandla lenu, kunganjani uye komunye wabantu obabhale ngenhla. Qala ingxoxo. Mbuze lowo muntu ukuthi waqala kanjani ukuba nesithakazelo eBhayibhelini. Njengoba uqhubeka wenza umzamo wokwazi “bonke abazalwane,” cishe kuyoncipha ukuzizwa ukhishwa inyumbazana noma unesizungu.—1 Petru 2:17.
◼ Thulula isifuba. (IzAga 17:17) Ukuxoxa nabazali bakho noma nomunye umuntu omdala ngezinto ezikukhathazayo kungakusiza ukuba unciphise isizungu. Yilokho intombazane ethile eneminyaka engu-16 eyakuthola. Ekuqaleni, kwakuyikhathaza kakhulu ukukhishwa inyumbazana. Ithi: “Ngangicabanga ngalokho okwenzekile okungenze ngazizwa ngikhishwe inyumbazana, ngikuphindaphinde engqondweni. Kodwa ngangixoxa nomama ngakho, futhi wayengicebisa ukuthi ngisisingathe kanjani isimo. Ukuxoxa ngakho kuyasiza ngempela!”
Uma kwenzeka udinga ukukhuluma nothile ngesizungu esiphikelelayo, ungaxoxa nobani?
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
◼ Cabangela abanye. (1 Korinte 10:24) IBhayibheli lithi kufanele ‘singakhathaleli nje kuphela izindaba zethu siqu, kodwa futhi sikhathalele nezabanye.’ (Filipi 2:4) Yiqiniso, uma uzizwa ukhishwa inyumbazana, kulula ukuzizwa ucindezelekile noma ulusizi. Kodwa esikhundleni sokubisha ekuphelelweni ithemba, kungani ungamenzeli okuthile oswele? Ungase ukwazi nokwakha ubuhlobo obusha ngaleyo ndlela!
Cabanga ngothile, mhlawumbe emkhayeni wakini noma ebandleni, ongajabulela ukuchitha isikhathi nawe noma odinga usizo lwakho ngandlela-thile. Bhala igama lalowo muntu ngezansi, bese uchaza ukuthi ungamsiza kanjani.
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
Lapho ucabangela nabanye abantu kunokuzicabangela wena wedwa, bese ubenzela izinto, siba sincane isikhathi sokuzizwa unesizungu. Lokhu kungathuthukisa umbono wakho nendlela obaphatha ngayo abanye, kukwenze ukhange njengomuntu ongaba umngane. IzAga 11:25 zithi: ‘Ophuzisa abanye ngokungagodli naye uyophuziswa ngokungagodli.’
◼ Khetha. (IzAga 13:20) Kungcono ukuba nabangane abambalwa beqiniso abakukhathalelayo kunokuba nenqwaba yabangane mbumbulu abangase bakufake enkingeni. (1 Korinte 15:33) Cabanga ngoSamuweli osemncane okukhulunywa ngaye eBhayibhelini. Kungenzeka wayenesizungu etabernakele. Phakathi kwabantu ayesebenza nabo kwakukhona uHofini noFinehasi, izenzo zabo ezimbi ezabenza baba abangane ababi—nakuba babengamadodana ompristi omkhulu. Ukube uSamuweli wazama ukuzenza ingxenye yabo wayeyobe ezibulala ngokomoya. Kodwa uSamuweli wayengafuni nhlobo ukwenza lokho! IBhayibheli lithi: “Sonke leso sikhathi umfana uSamuweli wayelokhu ekhula futhi ethandeka ngokwengeziwe kuJehova nakubantu.” (1 Samuweli 2:26) Yibaphi labo bantu? Ngokuqinisekile kwakungebona oHofini noFinehasi, okungenzeka babemgwema ngisho nokumgwema uSamuweli ngenxa yezenzo zakhe ezinhle. Kunalokho, izimfanelo ezitusekayo zikaSamuweli zamenza wathandeka kulabo ababephila ngezindinganiso zikaNkulunkulu. Abantu abathanda uJehova bawuhlobo lwabangane oludingayo!
◼ Yiba nombono omuhle. (IzAga 15:15) Wonke umuntu uzizwa ekhishwa inyumbazana ngezikhathi ezithile—okungenani ngezinga elithile. Yini engasiza? Esikhundleni sokugxila ezintweni eziphambene, lwela ukuba nombono omuhle ngokuphila. Khumbula, nakuba ungase ungakwazi ukulawula zonke izimo zokuphila kwakho, ungakwazi ukulawula indlela ozibheka ngayo izinto.
Ngakho-ke, uma uzizwa ukhishwa inyumbazana, yenza okuthile okuzokwakha ukuze ushintshe isimo noma okungenani ushintshe umbono wakho ngaso. Khumbula njalo ukuthi uJehova uyayazi indlela owenziwe ngayo, ngakho uyazazi izidingo zakho nokuthi zinganeliswa kangcono ngayiphi indlela. Thandaza kuJehova nganoma imiphi imizwa ephikelelayo yesizungu okungenzeka unayo. Ungaqiniseka ukuthi “yena uyokusekela.”—IHubo 55:22.
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . . ” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Yiziphi izinyathelo ezakhayo engingazithatha uma nginomuzwa wokuthi ngikhishwa inyumbazana?
◼ Imiphi imiBhalo eyongisiza ukuba ngibe nombono olinganiselayo ngami kunokuba ngigajwe imicabango ephambene?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12]
Amacebiso Okuxoxa
◼ Momotheka. Uma unobungane, uyobakhanga abanye ukuba baxoxe nawe.
◼ Zethule kwabanye. Batshele igama lakho nokuthi uvelaphi.
◼ Buza imibuzo. Ngaphandle kokugxambukela ezindabeni zabantu, buza imibuzo efanelekile ngesizinda somuntu.
◼ Lalela. Ungalokhu ucabanga ukuthi uzothini ngokulandelayo. Okubalulekile ukuba ulalele. Umbuzo wakho noma amazwi akho alandelayo ayozifikela.
◼ Khululeka! Ukuxoxa kungavula amathuba okuthola abangane abasha. Ngakho kujabulele!