Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/07 k. 15
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amagciwane Ehhovisi
  • “AmaKristu Nje Ngegama”
  • Abantu Nezilwane Balwela Ukudla
  • Imikhumbi Iphazamisa Isimo Sezulu Sasolwandle
  • INairobi National Park—Isiqiwu Izilwane Ezizicanaselayo Kuso
    I-Phaphama!—2003
  • IDolobha LaseMexico—Ingabe Liyisithabathaba Esikhulayo?
    I-Phaphama!—1991
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1999
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 1/07 k. 15

Ukubuka Okwezwe

◼ Esikhathini esingangezinyanga ezingu-15, kwatholakala izinsana ezingu-82 zilahlwe emigwaqweni yaseMexico City, ezingu-27 kuzo sezifile.—I-UNIVERSAL, EMEXICO.

◼ Ukuhlolwa kwemihume eziqiwini ezimbili zaseCalifornia, e-U.S.A., kwaphumela ekutholakaleni kwezinhlobo ezingu-27 zezilwane ebezingaziwa. “Lokhu kubonisa ngokuqinisekile ukuthi kuncane kangakanani esikwaziyo ngomhlaba osizungezile,” kusho uJoel Despain, isazi semihume eNational Park Service.—I-SMITHSONIAN, E-U.S.A.

◼ Kubo bonke abantu abakhona emhlabeni, amaphesenti angu-20 abo antula amanzi ahlanzekile. Amaphesenti angu-40 antula izinto eziyisisekelo zokukhuculula indle.—I-MILENIO, EMEXICO.

◼ Abazingeli bezinyamazane abangemthetho babulala izilwane eziphakathi kuka-20 000 no-30 000 ngonyaka eSerengeti National Park nje kuphela.—I-DAILY NEWS, ETANZANIA.

◼ Ukuhlola okwenziwa eBarcelona, eSpain, kwembula ukuthi umfundi oyedwa kwabathathu abaneminyaka engu-16 ubhema insangu njalo.—I-VANGUARDIA, ESPAIN.

Amagciwane Ehhovisi

Izazi zamagciwane e-University of Arizona ziye zacwaninga ukuze zithole ukuthi angakanani amagciwane atholakala emahhovisi emadolobheni amaningana ase-United States of America. Iphephandaba i-Globe and Mail lithi lezi zazi zathola ukuthi “izindawo ezinhlanu ezinamagciwane kakhulu (ngokulandelana kwazo), yizingcingo, amadeski, izibambo zompompi bamanzi nezezivalo zama-microwave nama-keyboard.” Ngokwalo mbiko, “ideski elivamile linamagciwane aphindwe izikhathi eziyikhulu kunalawo atholakala etafuleni lasekhishini futhi linaphindwe izikhathi ezingu-400 kunalawo atholakala ezihlalweni zasendlini encane.”

“AmaKristu Nje Ngegama”

IPhilippines iye yachazwa njengezwe okuwukuphela kwalo “elingelobuKristu” e-Asia. Nokho, uMbhishobhi u-Efraim Tendero we-Philippine Council of Evangelical Churches wathi: “Iningi lethu lingamaKristu nje ngegama hhayi ngezenzo.” Njengoba kwashiwo kuyi-Manila Bulletin, ngokwengxenye abantu okumelwe basolwe ngalokhu abaholi benkolo, abahluleka “ukusiza abantu ukuba baqaphele futhi bazise iBhayibheli.” Kuthiwa ezinye izintshumayelo zesonto ziqokomisa ezombangazwe kunemiBhalo.

Abantu Nezilwane Balwela Ukudla

Iphephandaba laseNairobi i-East African lithi: “Sekuvamile manje ukuba kubikwe ngezimfene nezimpisi ezihlasela imiphakathi yaseSomalia ekhungethwe isomiso.” Kwenye impi okwakubangwa kuyo amanzi, kwafa izimfene eziningana kwalimala nabanikazi bemfuyo abathile. Kuthiwa imihlambi yezimfene ima ngomumo “ezimpambanweni zemigwaqo noma emabhulohweni asezindaweni ezikahle” ukuze ihlasele amaloli ayisa ukudla ezimakethe zendawo. Leli phephandaba lanezela: “Sekuvamile ukubona izilwane zibaleka nezixha zikabhanana noma amakhabe [amakhulu].”

Imikhumbi Iphazamisa Isimo Sezulu Sasolwandle

Iphephandaba laseJalimane i-Kölner Stadt-Anzeiger libika ukuthi imikhumbi ehamba emizileni yamanzi ephithizelayo ingaphazamisa isimo sezulu sasolwandle. Abacwaningi e-Max Planck Institute for Meteorology, eHamburg, bahlaziya ukwakheka kwamafu kuyi-English Channel. Bathola ukuthi amafu asezindaweni ezingasolwandle aselula, kuyilapho lawo asezindaweni ezingasemizileni yemikhumbi esemnyama kunakuqala. Lokhu kuthiwa kubangelwa intuthu ekhishwa imikhumbi. Kuthiwa isisi esikhishwa imikhumbi senza umhwamuko ube amafu, okwandisa ukwakheka kwamaconsi amanzi. Leli phephandaba lithi: “Kule minyaka engu-50 edlule ukusetshenziswa kukawoyela wemikhumbi kuye kwanda ngokuphindwe kane.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela