Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/06 k. 26-k. 27 isig. 8
  • Yini Ebesingayenza Ngaphandle Kwezimbongolo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Ebesingayenza Ngaphandle Kwezimbongolo?
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimbongolo Enhloko-dolobha
  • Kufanele Zihlonishwe
  • Imbongolo Iyakhuluma
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Lapho Amakamela Namahhashi Asendle Etshakadula Khona
    I-Phaphama!—2001
  • UJesu Uza Njengenkosi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Imbongolo KaBhalami Iyakhuluma
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 12/06 k. 26-k. 27 isig. 8

Yini Ebesingayenza Ngaphandle Kwezimbongolo?

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ETOPIYA

EZITALADINI zase-Addis Ababa—inhloko-dolobha yaseTopiya, izwe le-16 kwanabantu abaningi kakhulu emhlabeni—sekuyisikhathi eside imbongolo iyindlela ebalulekile yokuthutha. Abashayeli abaningi bezimoto baye bafunda ukuzivumelanisa nazo, beqaphela ukuthi ngokuvamile izimbongolo ziyazi ukuthi kufanele ziye kuphi futhi ziyazimisela. Yize izimbongolo zingabesabi ubuningi bezimoto emgwaqweni, imithwalo yazo ebanzi idinga ukuqapha, futhi azibheki emuva. Ngakho, uma ungafuni ukugudlana namalahle, amalongwe, nanoma yini eziyithwele, kungcono udede endleleni!

Inani lezimbongolo eTopiya libalelwa ezigidini eziyisihlanu, cishe imbongolo eyodwa kubantu abangu-12. Izigidi zabantu baseTopiya zihlala eziqongweni zamagquma aqhelelene, ahlukaniswa yimihosha ejulile. Izingxenye ezinkulu zamathafa aphakeme kuleli zwe zihlukaniswa yimifudlana eminingi. Ukwakha amabhuloho noma imigwaqo eyibhuqu kulezi zindawo bekungaba nzima kakhulu ngokwezimali kunoma yiliphi izwe. Ngakho-ke imbongolo ebekezelayo futhi ezimelelayo iyindlela enhle yokuthutha.

Imbongolo ingabekezelela cishe noma isiphi isimo sezulu saseTopiya—kusukela ezindaweni eziphansi ezomile futhi ezishisayo kuya ezintabeni. Futhi ikufanelekela kahle ukucaca imiqansa, ukuhamba ezindleleni eziwumngcingo, ukuwela amazibuko anamatshe, ukunqamula izindlela ezinodaka ngisho nezindawo ezimazombezombe. Ingahamba lapho ihhashi noma ikamela lingeke lihambe khona. Ezigidini zabantu, imbongolo iyindlela eyinhloko yokuthutha izimpahla, ikakhulukazi emadolobheni lapho imizi eminingi ingenakufinyelelwa ngezimoto.

Izimbongolo ziyakwazi ukuthubeleza ezingosini nasezindleleni ezincane ezigudla uthango. Aziwadingi amasondo abizayo futhi azivamile ukuba nenkinga ezindaweni ezishelelayo. Zithwala imithwalo enhlobonhlobo, ziyihambise noma kuyiphi indawo. Izimbongolo zizihambela kalula emigwaqweni ephithizela izimoto, nakuba abashayeli abacasukile bona beshaya ama-hooter. Alikho iphoyisa elingacabanga ukuhlawulisa imbongolo uma ingena ohlangothini lomgwaqo olungafanele. Futhi ukupaka akuyona inkinga. Imbongolo ingase idayiswe ngamaRandi angu-370, kodwa uma ucabanga izindleko zokuhamba ngemoto, lokhu akunakuqhathaniswa!

Izimbongolo Enhloko-dolobha

Ekuseni, izimbongolo eziyizinkulungwane zilibangisa e-Addis Ababa—enabantu abangaphezu kwezigidi ezintathu—ngokuvamile zisuka ezindaweni eziqhele ngamakhilomitha angu-25. Kuphithizela kakhulu ngoLwesithathu nangoMgqibelo, njengoba lezi kuyizinsuku zokuya emakethe. Uhambo lungase luthathe amahora amathathu, kudingeke ukuba kusukwe entathakusa. Ngezinye izikhathi abanikazi bazo bahamba eceleni kwazo, kodwa ngokuvamile, bagijima emva kwazo, bezama ukuhambisana nazo.

Zivame ukuthwala amasaka anokusanhlamvu, imifino, izinkuni zokubasa, usimende, amalahle, kanye nemigqomo yensimbi kakalakateni namakesi eziphuzo ezisemabhodleleni. Ezinye izimbongolo zithwala imithwalo enesisindo esingamakhilogremu angu-90 noma ngaphezulu. Imithwalo emide, enjengoqalo noma izigxobo zikagamthilini, iboshelwa ndawonye emaceleni bese ziyihudula emgwaqweni. Mhlawumbe imithwalo ekhanga kakhulu izinyanda zotshani obomile ezivele zicishe zizemboze izimbongolo.

Endleleni eya kodayisa emakethe ekuseni njengoba zithwele imithwalo esindayo, izimbongolo zingase zihambe ngejubane elithe xaxa. Uma sekuqediwe ukudayisa futhi zingasathwele lutho, ziphindela emakhaya zizihambela nje zingajahe lutho, zize zithi ukuma kancane zinqampune uhlaza oluseceleni komgwaqo. Ngezinsuku zazo zokuphumula, ziyaqhubeka zisetshenziselwa imisebenzi yazo yansuku zonke yokulanda amanzi nezinkuni. Zingase futhi zibolekwe othile noma ziqashiswe. Abanye baze babe “noxhaxha” lwezimbongolo abaqhuba ngazo ibhizinisi lokuthutha! Kwezinye izindawo izimbongolo zidonsa amakalishi, noma ngezinye izikhathi, zibe zimbili zidonse inqola.

Kufanele Zihlonishwe

Ngokuvamile izimbongolo azidingi ukunakekelwa kakhulu. Ziyazifunela ukudla futhi zidla cishe noma yini. Uma ziphethwe kahle, izimbongolo ziyabathanda abanikazi bazo. Uma kuziwa ekuhlakanipheni, kuthiwa zihlakaniphe kakhulu kunamahhashi. Zinenkumbulo enhle yendlela. Zikwazi ukuhamba zodwa ziyolanda amanzi ezindaweni eziqhele ngamakhilomitha angu-8, zidinge nje ukuba othile azithwese amanzi uma zifika nothile ozophinde azethule. Zifakwa ngisho nezinsimbi ezikhalayo ukuze abantu abasezindleleni ezidlula kuzo bazizwe bathathe lokho ezikulethile.

Nakuba izimbongolo zikhuthele, zinemibono eqinile mayelana nobukhulu bomthwalo ezingawuthwala, kanye nalapho kudingeka zihlabe ikhefu. Ezimweni ezinjengalezi, noma lapho umthwalo ubekwe ngendlela ebangela ubuhlungu, zingavele zilale phansi. Ngezikhathi ezinjalo abantu bangase bangaziqondi kahle bese bezithethisa noma bazishaye. Ungase ukhumbule indaba eseBhayibhelini okwenzeka kuyo lokhu.—Numeri 22:20-31.

Ngokuqinisekile, izimbongolo ziyakufanelekela ukucatshangelwa nokunakekelwa. Kuyinto edabukisayo uma umthwalo ungaboshwanga kahle bese unyakaza, ubangele ukuba imbongolo iphonseke emseleni iphuke imilenze. Izilonda, izilwanyana eziwuhlupho, ukubola kwezinselo, inyumoniya, kanye nezinye izinkinga kungaziqeda amandla lezi zilwane ezithwala imithwalo. Ngenxa yalokhu, kuye kwenziwa umtholampilo wesimanje wezimbongolo eDebre Zeyit, indawo engekude ne-Addis Ababa. Inama-computer, amagumbi okwelapha, ama-ambulense osizo lokuqala, ngisho negumbi elihle lokuhlinzela izimbongolo. Ngenxa yalokho, ngo-2002, izimbongolo ezicishe zibe ngu-40 000 zathola izinhlobo ezihlukene zokwelashwa.

Inzalamizi u-Abrahama yayihamba ngembongolo lapho inqamula izwe elinezintaba ibheke eNtabeni iMoriya. (Genesise 22:3) Kuwo wonke umlando omude wesizwe sakwa-Israyeli, imbongolo yayiyingxenye yokuphila kwansuku zonke. Ngisho nangesikhathi uJesu Kristu engena ngokunqoba eJerusalema wayegibele imbongolo.—Mathewu 21:1-9.

NaseTopiya imbongolo inomlando omude. Kodwa, kuleli zwe ayikalahlekelwa ukubaluleka kwayo ekuphileni kwabantu. Nakuba amaloli nezimoto kuye kwashintsha ngokuhamba kweminyaka, imbongolo isalokhu injalo. Futhi iyakufanelekela ngempela ukuhlonishwa!

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

‘The Donkey Sanctuary’, Sidmouth, Devon, UK

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela