I-calypso—Umculo Womdabu WaseTrinidad Oyingqayizivele
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ETRINIDAD
LAPHO uzwa ngeriphabhuliki eneziqhingi ezimbili iTrinidad neTobago, yini efika engqondweni? Abaningi bangacabanga ngomsindo wezinsimbi zomculo kanye nesigqi esimnandi somculo we-calypso. Empeleni, isigqi esimnandi se-calypso nesitayela sayo esiyingqayizivele asithandwa nje lapho lo mculo udabuka khona eningizimu yeCaribbean Sea, kodwa uthandwa nakwezinye izindawo.a
Ngokwencwadi ethi Calypso Calaloo, igama elithi calypso lingabhekisela “kunoma iyiphi ingoma eyayiculwa abantu abaxokozelayo emigwaqweni noma abahlabeleli abasafufusa nabayizingcweti esiteji ngesikhathi soMkhosi eTrinidad cishe ngemva kuka-1898.” Kungenzeka i-calypso yavela esikweni lama-Afrika lokulandisa ngezomlando elafika nezigqila zase-Afrika eTrinidad. Kamuva, izici ezithandwayo zezingoma zase-Afrika, umdanso nezigubhu zakhona, kanye nethonya lamaFulentshi, amaHispanic, amaNgisi nezinye izici zabomdabu zakha inhlanganisela eyagcina isiveze i-calypso.
Akwaziwa kahle ukuthi igama elithi calypso lisuselwaphi. Abanye bakholelwa ukuthi livela egameni laseNtshonalanga Afrika elithi kaiso, elalisetshenziswa lapho kuhalaliselwa umculo noma umdanso owenziwe kahle. Ngisho nangaphambi kokuphela kobugqila eTrinidad naseTobago ngawo-1830, izixuku zazibuthana emikhosini yaminyaka yonke zizolalela ama-chantuelle (abaculi) ezibongela futhi eklolodelana ngezingoma. Ukuze avelele, umculi ngamunye we-calypso wayezetha igama aziwa ngalo kwezomculo, abe nesitayela sakhe sekhethelo.
Isitayela Nethonya Layo
Sekuyisikhathi eside abaculi be-calypso bedume ngokubhuqa. Ngaphezu kwalokho, abaculi abaningi baye bahlakulela ikhono elimangalisayo lokuqamba ngokuzenzekelayo amavesi amaningi anezosha ezinesigqi, baze bawanonge nangamazwi ahambisana kahle nesihloko sengoma avele akhe isithombe esicacile. Ezikhathini zakudala, abaculi ngokuyinhloko kwakungabantukazana baseTrinidad abadabuka e-Afrika, kodwa namuhla bavela kuzo zonke izinhlanga, ibala lesikhumba nezigaba zezenhlalo.
UDkt. Hollis Liverpool, owayengumqondisi wezamasiko eTrinidad naseTobago, uyisazi-mlando nomculi we-calypso. Ekhuluma ngabaculi be-calypso bakudala, watshela i-Phaphama!: “Babenekhono lokwenza amahlaya, ngoba abantu ikakhulukazi babeza etendeni [le-calypso] bezozijabulisa, bezolalela amahlebezi, futhi bezoqinisekisa ukuthi izindaba ababezizwile ziyiqiniso yini. Izicukuthwane zona zaziza zizolalela ukuthi abantukazana benzani, kuyilapho umbusi nethimba lakhe babeza bezolalela ukuthi bathandwa noma bazondwa kangakanani kwezombusazwe.”
Ngokuvamile, abaculi be-calypso babeklolodela izikhulu zombuso nezicukuthwane. Ngenxa yalokho, laba baculi babedunyiswa njengamaqhawe nabalweli babantukazana kodwa izikhulu zazibabheka njengohlupho. Ngezinye izikhathi abaculi babeqamba izingoma ezigxeka kakhulu kangangokuthi ekugcineni uhulumeni owawuphethe la makoloni wazizwa ubophekile ukushaya umthetho ohloselwe ukubalawula. Abaculi basabela ngokuqamba izingoma ezinezosha ezinencazelo ekabili, futhi baba ochwepheshe balobu buciko. Kuze kube namuhla, izosha ze-calypso ezinencazelo ekabili zisavamile kulo mculo.
Abaculi be-calypso babengagcini nje ngokusebenzisa ulimi kodwa futhi babeluqamba. Empeleni, baye babamba iqhaza elikhulu ekuqambeni uhlelo lolimi lwezigodi zaseWest Indies. Akumangalisi ukuthi abantu abaningi, ngisho nabezombangazwe imbala, bavame ukucaphuna abaculi be-calypso ukuze bagcizelele iphuzu.
I-calypso Yanamuhla
Ezikhathini zamuva nje kuye kwaqanjwa izitayela nenhlanganisela ye-calypso ethandwa abantu abakhonze umculo ohlukahlukene. Njengezinye izinhlobo eziningi zomculo, izosha zezinye izingoma ze-calypso ziveza izindinganiso zokuziphatha eziwohlokile. Ngokusobala, kuwukuhlakanipha ukukhetha ukuthi sizichaya ohlotsheni olunjani lwenkulumo. (Efesu 5:3, 4) Singase sizibuze, ‘Ingabe bengingazizwa nginamahloni ukuchazela izingane zami noma umuntu ongawujwayele lo mculo inkulumo ethile enencazelo ekabili?’
Uma uvakashela eTrinidad naseTobago, akungabazeki ukuthi uyowajabulela amabhishi amahle nezixhobo zamakhorali, futhi uyohlabeka umxhwele ngezinhlanga ezihlukahlukene namasiko akulezi ziqhingi. Futhi ungase ujabulele nomculo wezinsimbi ne-calypso—isigqi esimnandi futhi esikhangayo esiye saheha abasha nabadala emhlabeni jikelele.
[Umbhalo waphansi]
a Amaqembu ezinsimbi zomculo avame ukudlala izingoma ze-calypso, kodwa lapho ecula, umculi we-calypso ngokuvamile uhambisana nezinsimbi ezinjengesiginci, icilongo, i-saxophone nezigubhu.
[Izithombe ekhasini 24, 25]
Izigubhu zomculo zensimbi