Ubungaphendula Kanjani?
KWENZEKA KUPHI?
1. Lesi senzakalo senzeka kuyiphi intaba?
Kokelezela impendulo yakho ebalazweni.
INt. IHermoni
INt. IKarmeli
INt. IGerizimu
INt. IMoriya
◆ Isiphi isakhiwo esakhiwa kamuva kule ntaba?
․․․․․
◆ Kungani u-Abrahama azama ukwenza umhlatshelo ngo-Isaka?
․․․․․
◆ Ingabe u-Isaka wayeyingane encane ngaleso sikhathi?
․․․․․
◼ Eningaxoxa Ngakho: Ucabanga ukuthi kungani u-Isaka abambisana noyise? UJesu wayefana kanjani no-Isaka?
KWENZEKA NINI?
Dweba umugqa ohlanganisa inkosi nonyaka eyaqala ngawo ukubusa.
1037 B.C.E. 977 936 716 659 607
NGINGUBANI?
5. Ngathunjelwa eBhabhiloni kodwa ngabuyela eJerusalema, lapho ngafike ngaqedela khona ukubusa njengenkosi.
NGINGUBANI?
6. Ngaloba ingxenye ethile yeBhayibheli ngiseBhabhiloni ngesikhathi amaRoma ebusa iJerusalema.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
Ikhasi 4 Uyini umehluko phakathi kwezahlulelo zikaNkulunkulu ezichazwe eBhayibhelini nezinhlekelele ezingokwemvelo? (Genesise 18:____)
Ikhasi 5 Ingabe akulungile ukubuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? (Habakuki 1:____)
Ikhasi 19 Uma ulwa nomkhuba wokushaya indlwabu, kungani kungafanele uzigxeke uma uphinda ubuya? (IHubo 103:____)
Ikhasi 28-9 Isiphi esinye sezizathu zokubalekela ubufebe? (1 Korinte 6:____)
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
(Izimpendulo zisekhasini 14)
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. INtaba iMoriya.
◆Ithempeli likaSolomoni.
◆Wayelalela umyalo kaJehova.
◆Cha.
2. 1037 B.C.E.
3. 659 B.C.E.
4. 936 B.C.E.
5. UManase.
6. UPetru.