Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/06 k. 32
  • “Yinhle Kakhulu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Yinhle Kakhulu”
  • I-Phaphama!—2006
I-Phaphama!—2006
g 11/06 k. 32

“Yinhle Kakhulu”

Yilokho okwabhalwa umbhangqwana othile eGeorgia, e-U.S.A., mayelana nencwadi enemifanekiso emihle enamakhasi angu-224 ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, eyanyatheliswa ngo-2005. Wachaza: “Ilula kangangokuba cishe wonke umuntu angayisebenzisa. Kodwa ijule ngokwanele ukuba yanelise isidingo esingokomoya sabantu abafundile.”

Isihloko sayo ngokwaso siye sakhanga abantu, njengoba kubonakala kulokho okwenzeka ngombhangqwana othile eNew Jersey, e-U.S.A. Ngemva kokuya emhlanganweni woFakazi BakaJehova eFlorida, lapho wathola khona ikhophi yale ncwadi, lo mbhangqwana wathatha indiza waya eholidini eBahamas. Lapho isikhulu sezomthetho sihlola imithwalo yawo, sabona le ncwadi, safunda isihloko, sabe sesithi: “Sekuyisikhathi ngifuna ukwazi impendulo yalowo mbuzo.” Lesi sikhulu sajabula lapho lo mbhangqwana ongoFakazi usinika enye ikhophi.

Ngakusasa wona lo mbhangqwana ofanayo wawufunda le ncwadi ebhishi lapho ibonwa owesifazane othile odayisela izivakashi. Wachaza ukuthi ngaphambidlana ngalolo suku wayethandaze kuNkulunkulu ecela impendulo yawo cishe lo mbuzo—Lifundisani ngempela iBhayibheli? Wabuza ukuthi angayithola kanjani le ncwadi futhi wajabula wafa lapho lezi zivakashi zimnika ikhophi yazo eyayisele.

Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? isitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-145, futhi kakade sekunyatheliswe amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-40. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela