Ukubuka Okwezwe
◼ Emhlabeni wonke kuzanywa izikhathi ezingaphezu kwezigidi ezingu-5,7 usuku ngalunye ukugebenga abantu abasebenzisa i-Internet.—I-MAGAZINE, SPAIN.
◼ “Inani labantu abazibulalayo eJapane lenyuke ladlula ku-30 000 iminyaka engu-8 ilandelana ngo-2005.” IJapane inelinye lamanani aphezulu kunawo wonke abantu abazibulalayo emhlabeni.—I-MAINICHI DAILY NEWS, JAPAN.
◼ “Kule minyaka engu-500 edlule, imisebenzi yabantu iye yabangela ukuqothulwa kwezinhlobo zezilwane ezingaphezu kuka-844.”—I-IUCN, WORLD CONSERVATION UNION, SWITZERLAND.
◼ Ngokwemibiko kahulumeni, amaphesenti ayisithupha abantu baseBrithani—amadoda nabesifazene—angongqingili. Umthetho owashaywa ngo-2005 “uvumela abantu bobulili obufanayo ukuba ‘bashade,’” futhi ubanikeza amalungelo afanayo nawemibhangqwana eshadile yobulili obungafani.—I-DAILY TELEGRAPH, ENGLAND.
Izinguzunga Zeqhwa Ezihamba Kakhulu
“Liya likhuphuka ijubane lokuhamba kwezinguzunga zeqhwa ezindaweni zeqhwa eGreenland,” kubika umagazini i-Science. Ukuhlola ngesiphuphutheki kubonisa ukuthi phakathi nale minyaka emihlanu edlule, ijubane leqhwa eliningi eliyizinguzunga laseGreenland liye laphindeka kabili, lafinyelela kumakhilomitha angaphezu kwangu-12 unyaka ngamunye. Phakathi nale minyaka eyishumi edlule, ukuncibilika kweqhwa kuye kwanyuka kusukela kuma-cubic kilometer angu-90 ngonyaka kwaya kwangu-220 ngonyaka. Ngakho-ke ososayensi basikisela ukuthi “kuphansi kakhulu ukulinganisa okukhona njengamanje kokuthi izinga lamanzi olwandle liyokhuphuka kangakanani.”
Amasonto Agubha Umkhosi KaDarwin
Cishe amasonto angu-450 “amaKristu” e-United States agubha unyaka ka-197 wokuzalwa kukaCharles Darwin ngo-February 2006. Lesi senzakalo sahlanganisa “izinhlelo nezintshumayelo ezihloselwe ukugcizelela ukuthi imfundiso yakhe yokuziphendukela kwemvelo iyahambisana nokholo nokuthi asikho isidingo sokuba amaKristu akhethe phakathi kwenkolo nesayensi.” Ngokwe-Chicago Tribune, uMichael Zimmerman, oyisazi sezinto eziphilayo nenhloko yeCollege of Letters and Sciences, e-University of Wisconsin-Oshkosh, owahlela le mikhosi wathi: “Asikho isidingo sokuba ukhethe. Ungakuthola kokubili.”
Ukudelela Emsebenzini
“Ukudelela emsebenzini kungadla isikhathi senkampani, umzamo nekhono lokusebenza,” kusho i-Wall Street Journal. Inhlolo-vo eyenziwa kubantu abacishe babe ngu-3 000 yathola ukuthi amaphesenti angaphezu kuka-90 “abhekana nokudelelwa emsebenzini.” Ingxenye yalaba yathi “yalahlekelwa yisikhathi sokusebenza ikhathazwa okuthile okwenzekile,” “amaphesenti angu-25 anciphisa imizamo yawo emsebenzini,” kanti oyedwa kwabangu-8 wawuyeka umsebenzi. NgokukaChristine Porath, uprofesa wezokuphathwa kwezisebenzi e-University of Southern California, “ukudebesela emsebenzini, ukulova, ngisho nokweba kungaba yizimpawu zenkampani enenkinga yokungahloniphi,” kusho i-Journal.
Ibala Elikhulu Lemfucumfucu Olwandle
Ekuqaleni kuka-2006, imfucumfucu eningi yasolwandle “yakhukhulekela eningizimu yangena emanzini aseHawaii, yaletha inqwaba yezinto ezilahliwe zokudoba nemfucuza yepulasitiki emabhishi alezi ziqhingi,” kubika i-Honolulu Advertiser. Imisinga yamanzi ikhukhula le mfucumfucu entantayo eNyakatho Pacific iyiyise endaweni ezolile olwandle, kodwa ngenxa yomoya ngezikhathi ezithile, le mfucumfucu ikhukhulekela ngaseHawaii. Ngo-2005 “kwatholakala izicucu zemfucumfucu ezingaphezu kuka-2 000,” kanye namanetha okudoba angaphezu kwekhulu. Le mfucumfucu iyingozi ezilwaneni zasemanzini. UCharles Moore, umsunguli we-Algalita Marine Research Foundation, uthi: “Azisekho izinhlanzi zemvelo olwandle. Zonke zidla ipulasitiki.”