Ukubuka Okwezwe
◼ EBrazil, ukusetshenziswa kwama-amphetamine ukuze kuncishiswe umzimba ngokwenza inhliziyo ibe mnyama kuye kwanda ngamaphesenti angu-500 kusukela ngo-1997 kuya ku-2004.—I-FOLHA ONLINE, EBRAZIL.
◼ Abashayeli bezindiza cishe basengozini ephindwe kathathu yokuba nolwelwesi emehlweni, ngenxa yokuchayeka kakhulu emisebeni eyingozi evela emkhathini.—I-WALL STREET JOURNAL, E-U.S.A.
◼ Kule minyaka eyishumi ezayo, cishe isigamu sezingane zase-Asia eziyizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,27 ziyontula ezinye zezidingo zazo eziyisisekelo, njengamanzi ahlanzekile, ukudla, ukunakekelwa kwempilo, imfundo nendawo yokukhosela.—IHHOVISI LE-PLAN LESIFUNDA SASE-ASIA, ETHAILAND.
◼ Intuthu kagwayi ehogelwa yilabo abangabhemi ‘iyingozi kakhulu kunokuba abantu becabanga.’ Ezinyangeni ezingu-18 ngemva kokushaywa komthetho onqabela ukubhema emahhovisi, ezitolo zokudlela nakwezinye izakhiwo ePueblo, eColorado, e-U.S.A., inani lezakhamuzi ezihlaselwa isifo senhliziyo lehla ngamaphesenti angu-27.—I-TIME, E-U.S.A.
Kuyanda Ukuchitheka Kwemishado ESpain
Ngonyaka ka-2000 eSpain, inani labantu abashadayo landa ngokuphindwe kabili kunenani labantu abahlala ngokwahlukana nabahlukanisayo. Kodwa ngo-2004, kwakuchitheka imishado emibili kwemithathu eyayiba khona. Kusukela ngo-1981, lapho imithetho evumela isahlukaniso iqala ukusebenza, izingane ezingaphezu kwesigidi ziye zabona abazali bazo behlukana. Siyini isizathu salokhu kwanda okungaka kokuwohloka kwemishado? Ngokwesazi sokusebenza kwengqondo uPatricia Martínez, “isizathu esiyinhloko salesi simo sokuntengantenga kwemishado ukushintsha kwamasiko, ukuwohloka kwezimiso ezingokwenkolo nezokuziphatha, ukuqala kwabesifazane ukusebenza kanye nokungahlanganyeli kwamadoda ekusingatheni imisebenzi yasekhaya.”
Ukukhuluphala EChina
I-Guardian yaseLondon ithi iChina “iyoba nabantu abayizigidi ezingu-200 abakhuluphele ngendlela eyingozi eminyakeni eyishumi ezayo.” Izitolo ezithengisa ukudla okungenamsoco “sezithé chithi saka kuwo wonke amadolobha—abantu abaningi besigaba esiphakathi abawuvivinyi njalo umzimba, bahamba ngezimoto njalo futhi bachitha isikhathi esiningi bengenzi lutho ngaphandle kokugqolozela ithelevishini, badlale imidlalo ye-computer nama-video.” Inani lezingane ezibhekwa njengezikhuluphele landa ngamaphesenti angu-8 unyaka nonyaka, kanti eShanghai izingane ezingaphezu kwamaphesenti angu-15 ezifunda esikoleni semfundo ephansi sezikhuluphele kakade.
Umfula Ubonisa Ukwanda Kokusetshenziswa Kwezidakamizwa
Imiphumela yokuhlola eyanyatheliswa kumagazini i-Environmental Health yaveza ukuthi amasampula amanzi athathwa eMfuleni iPo e-Italy abonisa ukuthi abantu abakhe ngakulo mfula basebenzisa i-cocaine kakhulu kunezinga elilinganiselwa abaphathi bendawo. Umchamo walabo abasebenzisa i-cocaine unekhemikhali okuthiwa i-benzoylecgonine. Ngokuvamile, ukutholakala kwaleli khemikhali emzimbeni uma kuhlolwa igazi kusetshenziswa njengobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi lowo muntu usebenzisa i-cocaine. Isilinganiso saleli khemikhali elingena kulo mfula ngesimiso sokukhucululwa kwendle sibonisa ukuthi usuku nosuku abantu abakule ndawo okuthathwe kuyo la masampula basebenzisa amakhilogremu amane, noma ama-dose angu-40 000 e-cocaine—okuyisilinganiso esiphindwe izikhathi ezingu-80 kunaleso esasilinganiselwe ngaphambili.
Ukufa Okungase Kuvinjelwe
Umbiko ka-2005 we-World Health Organization uthi: “Kulo nyaka, cishe izingane eziyizigidi ezingu-11 ezingaphansi kweminyaka emihlanu ziyobulawa izifo ngokuvamile ezingase zivinjelwe.” Amaphesenti angu-90 alezi zingane abulawa izimbangela ezimbalwa nje: izinkinga ezingathí sina zezinsana njengokuzalwa ngaphambi kwesikhathi, izifo ezithathelwanayo nokuphelelwa umoya lapho zizalwa; izifo ezithathelwanayo zokucinana, ngokuyinhloko i-pneumonia, isifo sohudo, umalaleveva, isimungumungwana, kanye nesandulela-ngculaza noma ingculaza. Lo mbiko uthi: “Okuningi kwalokhu kufa kungagwenywa ngokuba kusetshenziswe izindlela zanamuhla zokwelapha, ezilula, ezingabizi futhi eziphumelelayo.” Ngaphezu kwalokho, unyaka nonyaka abesifazane abangaphezu kwesigamu sesigidi bafa ngesikhathi besakhulelwe noma lapho bebeletha, ngokuyinhloko ngenxa “yokuntuleka kochwepheshe bezokwelapha abanekhono.”