Intsha Iyabuza . . .
Kungani Kumelwe Ngifunde?
“Anginaso isineke soku-funda. Ngingamane ngibuke ithelevishini.”—UMargarita, oneminyaka engu-13, eRussia.
“Uma kufanele ngikhethe phakathi kokufunda incwadi nokudlala i-basketball, ngikhetha ukudlala.”—U-Oscar oneminyaka engu-19, e-United States.
UMA uzinike ithuba lokufunda uze ufike kulo musho, kufanele ukuba uyaqaphela ukuthi ukufunda kuyikhono okubalulekile ukuba silifunde. Noma kunjalo, ithuba lokufunda incwadi noma isihloko esithile sikamagazini ungase ulifanise nokuphuza umuthi: Uyazi ukuthi kuyazuzisa impela ukuwuphuza, kodwa ukhetha ukungawuphuzi.
I-Phaphama! yaxoxa nentsha yasemazweni angu-11 ukuze ithole ukuthi yini engayisho ngezinselele kanye nezinzuzo zokufunda. Nakhu eyakusho.
Kungani ukuthola kuyinselele kangaka ukufunda?
“Angivamile ukusithola isikhathi sokufunda.”—USemsihan oneminyaka engu-19, eJalimane.
“Kuwumsebenzi onzima ukufunda. Ngicabanga ukuthi nginokuvilapha nje okuncane.”—U-Ezekiel, oneminyaka engu-19, ePhillippines.
“Ngiyakuzonda ukuphoqelelwa ukuba ngifunde izihloko ezingangithakazelisi.”—UChristian, oneminyaka engu-15, eNgilandi.
“Uma incwadi inamakhasi ambalwa, ngingase ngithande ukuyifunda. Kodwa uma emaningi, iyangethusa.”—U-Eriko, oneminyaka engu-18, eJapane.
“Ngiyashesha ukuphazanyiswa ezinye izinto. Angikwazi ukugxila kulokho engikufundayo.”—UFrancisco, oneminyaka engu-13, eNingizimu Afrika.
Intsha engamaKristu ikhuthazwa ukuba ifunde iBhayi-bheli. (IHubo 1:1-3) Ingabe ukuthola kunzima lokho? Uma kunjalo, kungani?
“IBhayibheli liyincwadi enkulu! Ngicabanga ukuthi ngeke ngikwazi ukulifunda ngiliqede ekuphileni kwami konke!”—U-Anna, oneminyaka engu-13, eRussia.
“Zinzima ezinye izingxenye zeBhayibheli futhi azithokozisi kangako.”—UJezreel, oneminyaka engu-11, eNdiya.
“Ngikuthola kunzima ukufunda iBhayibheli njalo ngoba isimiso sami asihlelekile nhlobo.”—U-Elsa, oneminyaka engu-19, eNgilandi.
“Ngikuthola kuyinselele ngoba imisebenzi yasekhaya nomsebenzi wesikole kuthatha isikhathi sami esiningi.”—UZurisadai, oneminyaka engu-14, eMexico.
“Kulukhuni kimi ukufunda iBhayibheli ngoba kubonakala sengathi ngiyahluleka ukunciphisa isikhathi engisichitha kwezinye izinto zokuzilibazisa.”—USho, oneminyaka engu-14, eJapane.
Kuyacaca ukuthi ukufunda kuyinselele. Kodwa ingabe ikhona yini imivuzo yokwenza umzamo? Ukufunda kuye kwakuzuzisa kanjani?
“Ukufunda kuye kwandisa ulwazi lwami, futhi lokho kungenze ngazethemba nakakhulu lapho ngikhuluma nabantu.”—UMonisha, oneminyaka engu-14, eNdiya.
“Ukufunda kuyangiphumuza futhi kususa ingqondo yami ezinkingeni.”—U-Alison, oneminyaka engu-17, e-Australia.
“Ukufunda kungithatha kungibeke ezindaweni ebengingeke ngikwazi ukufika kuzo.”—UDuane, oneminyaka engu-19, eNingizimu Afrika.
“Ukufunda kungenza ngizihlolele ngokwami izinto, esikhundleni sokwethembela kwengikutshelwa abanye.”—U-Abihú, oneminyaka engu-16, eMexico.
Yini eye yakusiza ukuba ujabulele ukufunda?
“Kusukela ngisemncane, abazali bami baye bangikhuthaza ukuba ngifunde ngokuzwakalayo.”—UTanya, oneminyaka engu-18, eNdiya.
“Abazali bami baye bangikhuthaza ukuba ngibe nombono walokho engikufundayo, futhi ngizakhele isithombe saleso senzakalo ngeso lengqondo.”—UDaniel, oneminyaka engu-18, eNgilandi.
“Ubaba wasikisela ukuba ngiqale ngezincwadi zeBhayibheli ezazingithakazelisa kakhulu, njengamaHubo nezAga. Sekuyangijabulisa manje ukufunda iBhayibheli, akusewona umthwalo.”—UCharene, oneminyaka engu-16, eNingizimu Afrika.
“Ngathi ngiqambe ngiba neminyaka emine, kakade abazali bami base bengitholele itafula neshalofu elinazo zonke izincwadi ababengibekele zona kusukela ngizalwa.”—U-Airi, oneminyaka engu-14, eJapane.
Ucabanga ukuthi kungani kubalulekile ukufunda iBhayibheli?
“Abantu bakholelwa izinto eziningi ezingelona iqiniso ngeBhayibheli. Kungcono kakhulu uma uzihlolela lezi zinto ngokwakho.” (IzEnzo 17:11)—UMatthew, oneminyaka engu-15, e-United States.
“IBhayibheli lidinga ukuba ucabangisise. Kodwa liye langisiza ukuba ngikhulume ngokuzethemba nangokucacile lapho ngixoxa nabanye ngezinkolelo zami.” (1 Thimothewu 4:13)—UJane, oneminyaka engu-19, eNgilandi.
“Lapho ngifunda iBhayibheli, ngizwa sengathi uJehova ukhuluma nami ngokuqondile. Ngezinye izikhathi liyangithinta ngokomzwelo.” (Hebheru 4:12)—U-Obadiah, oneminyaka engu-15, eNdiya.
“Manje sengifunda ukukujabulela ukufunda iBhayibheli ngoba lingitshela ukuthi uJehova ucabangani ngami futhi linginika izeluleko ezinhle kakhulu.” (Isaya 48:17, 18)—UViktoriya, oneminyaka engu-14, eRussia.
Usithola nini isikhathi sokufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo?
“Nginesimiso. Into yokuqala nje engiyenzayo uma ngivuka njalo ekuseni, ngifunda isahluko esisodwa seBhayibheli.”—ULais, oneminyaka engu-17, eBrazil.
“Ngifunda iBhayibheli nezincwadi zamaKristu esitimeleni ngesikhathi ngiya esikoleni. Sekuphele iminyaka emine ngilokhu ngibambelele kulesi simiso.”—UTaichi, oneminyaka engu-19, eJapane.
“Ngifunda ingxenyana yeBhayibheli njalo ebusuku ngaphambi kokulala.”—UMaria, oneminyaka engu-15, eRussia.
“Ngifunda amakhasi amane e-‘Nqabayokulinda’ noma i-‘Phaphama!’ zonke izinsuku. Ngiyakwazi ukuwuqeda wonke umagazini ngaphambi kokuba kufike olandelayo.”—U-Eriko, oneminyaka engu-18, eJapane.
“Ngifunda iBhayibheli njalo ekuseni ngaphambi kokuya esikoleni.”—UJames, oneminyaka engu-17, eNgilandi.
Njengoba izinkulumo ezingenhla zibonisa, ukufunda kungathuthukisa ukuzethemba kwakho, kwandise nanolwazi lwakho. Ukufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo—kuhlanganise nalo magazini—kuyokusiza nokuba ‘usondele kuNkulunkulu.’ (Jakobe 4:8) Ngakho, ngisho noma ukuthola kuyinselele ukufunda, ungapheli amandla!
OKUFANELE KUCATSHANGELWE
◼ Kungani kubalulekile ukuba ufunde iZwi likaNkulunkulu?
◼ ‘Ungazithengisisela kanjani ithuba’ lokufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo?—Efesu 5:15, 16.
[Ibhokisi ekhasini 16]
HLOBANISA LOKHO OKUFUNDAYO
Hlobanisa lokho okufundayo nosukwazi kakade ngawe nendawo ekuzungezile. Zibuze le mibuzo elandelayo:
◼ Okufundayo Nosukufundile. Ingabe izimo noma izinkinga ezichazwe lapha ziyafana yini nalezo ezilandiswa kwezinye izincwadi, omagazini, noma ezindabeni esengizifundile? Ingabe abalingiswa banemikhuba efanayo neyabanye abantu esengifunde ngabo?
◼ Okufundayo Nawe Siqu. Lokhu engikufundayo kuhlangana kanjani nezimo zami, isiko lami kanye nezinkinga zami? Ngingakusebenzisa kanjani lokhu ukuze ngibhekane nezinkinga zami noma ngenze impilo yami ibe ngcono?
◼ Okufundayo Nokukuzungezile. Engikufundayo kungifundisani ngemvelo, nendawo namasiko ahlukene noma izinkinga zomphakathi? Lokhu kungifundisani ngoMdali?