Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/06 k. 4-k. 7 isig. 4
  • Indlela Yokuthola Injabulo Yangempela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuthola Injabulo Yangempela
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isiqondiso Esihlakaniphile Mayelana Nemali
  • Ukuzijabulisa Kunendawo Yako
  • Yiba Umuntu Ophanayo Nobongayo
  • Uthando Nethemba—Kubaluleke Kakhulu Ekutholeni Injabulo
  • Indlela Yokuthola Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indlela Yokuthola Injabulo Yangempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ingatholakalaphi Injabulo Yangempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Uthando Olunjani Olusenza Sijabule Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 4/06 k. 4-k. 7 isig. 4

Indlela Yokuthola Injabulo Yangempela

UKUZE umuntu apheke ukudla okwehla esiphundu, kudingeka abe nekhono nendlela ephumelelayo yokupheka! Ngandlela-thile, lokhu kuyefana nokuthola injabulo. Injabulo ayiwona umphumela wesici esisodwa nje kuphela, kodwa iwumphumela wezici eziningi zokuphila eziyinhlanganisela. Lezi zici zihlanganisa umsebenzi, ukudlala, isikhathi sokuba nomkhaya nabangane kanye nokwenza izinto ezingokomoya. Kodwa kukhona nezinye izici ezicashile, njengesimo sengqondo, izifiso nemigomo yomuntu ekuphileni.

Okujabulisayo ukuthi akudingeki ukuba sizitholele thina indlela yokuthola injabulo yeqiniso. Ngani? Ngoba uMdali wethu uye wasinikeza incwadi enhle kakhulu yesiqondiso, iBhayibheli, manje elitholakala liphelele noma ngokwengxenye ngezilimi ezinkulu nezezigodi ezingu-2 377—futhi ayikho enye incwadi enyatheliswa ngezilimi eziningi kangako emhlabeni!

Leli nani elimangalisayo lezilimi iBhayibheli elinyatheliswa ngazo libonisa indlela uNkulunkulu ayikhathalela ngayo injabulo kanye nenhlalakahle engokomoya yabo bonke abantu. (IzEnzo 10:34, 35; 17:26, 27) UNkulunkulu uthi: ‘Mina nginguLowo okufundisayo ukuze uzuze.’ Usithembisa ukuthi ukuthula kwethu kuyoba “njengomfula,” uma silalela imiyalo yakhe.—Isaya 48:17, 18.

Leso sithembiso sisikhumbuza amazwi kaJesu acashunwe esihlokweni esandulele: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Ukuqaphela lesi sidingo esingokomoya akukona nje ukuzinikela kokuzenzisa. Kunalokho, kuthonya ukuphila kwethu konke. Kubonisa ukuthi sizimisele ukulalela nokufundiswa uNkulunkulu ngoba siyaqaphela ukuthi usazi kangcono ngaphezu kokuba thina sizazi. U-Errol, oseneminyaka engaphezu kwengu-50 engumfundi weBhayibheli, uthi: “Okungenza ngiqiniseke kakhulu ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu ukuthi lapho usebenzisa izimfundiso zalo, ziyasebenza!” Ngokwesibonelo, cabanga ngeseluleko esihle seBhayibheli mayelana nezinto ezinjengokuphishekela ingcebo nenjabulo.

Isiqondiso Esihlakaniphile Mayelana Nemali

UJesu wathi: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Yebo, ukubaluleka kwakho njengomuntu, ikakhulu emehlweni kaNkulunkulu, akuhlangene nakancane nokuthi unamalini ebhange. Empeleni, ukuphishekela ingcebo kuvame ukunezela ukukhathazeka, okusinciphisela injabulo, kusidlele nesikhathi sokwenza izinto ezibaluleke kakhulu.—Marku 10:25; 1 Thimothewu 6:10.

NgokukaRichard Ryan, uprofesa wezokusebenza kwengqondo e-United States, lapho abantu befuna kakhulu ukuthola ukwaneliseka ezintweni ezibonakalayo, yilapho encipha nakakhulu khona amathuba okuba bakuthole kulezo zinto. Umlobi weBhayibheli uSolomoni wakubeka ngale ndlela: “Umuntu othanda imali akasoze aneliseka ngemali anayo, futhi umuntu othanda ingcebo eningi akajabuli ngenzuzo yayo.” (UmShumayeli 5:10, The New English Bible) Lesi simo singafaniswa nokulunywa umiyane—lapho umuntu enwaya kakhulu, kuya kuluma nakakhulu, kuze kube isilonda esivulekile.

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sizikhandle futhi sijabulele izithelo zomsebenzi wethu. (UmShumayeli 3:12, 13) Ngokwenza kanjalo, sikhulisa umuzwa wokuzihlonipha—okungesinye isici esibalulekile ekutholeni injabulo. Singakwazi nokujabulela ezinye zezinto zokuzijabulisa ezakhayo. Kodwa kunomehluko phakathi kokujabulela ezinye zezinto ezijabulisayo ezitholwa ngemali nokwenza ukuphishekela ingcebo kube iyona nto eyinhloko ekuphileni kwethu.

Ukuzijabulisa Kunendawo Yako

Ukuba nombono ongokomoya ekuphileni kusisiza ukuba sizuze kakhulu ekuzilibaziseni, kwezokuzijabulisa nakwezinye izinto eziphathelene nako. UJesu wayekujabulela ukuya emikhosini ejabulisayo eyayihlanganisa ukudla nokuphuza. (Luka 5:29; Johane 2:1-10) Kodwa lezi zinto zazingewona neze umthombo oyinhloko wenjabulo ekuphileni kwakhe. Kunalokho, wayethola injabulo enkulu ngokuphishekela izinto ezingokomoya, ezazihilela nokusiza abanye ukuba bafunde ngoNkulunkulu nenjongo yaKhe ngesintu.—Johane 4:34.

INkosi uSolomoni yangena shí ekuzijabuliseni ngoba ifuna ukubona ukuthi kungayiletha yini injabulo. Yathi: “Ngizongena shí ekuzijabuliseni ngizithokozise.” Le nkosi ecebile ayizange inanaze. Cha, yacwila ekuzijabuliseni! Kodwa yazizwa kanjani ngemva kwalokho? Yabhala: “Nalokhu futhi kwaba yize leze.”—UmShumayeli 2:1, New English Bible.

Ngokuvamile abaphishekeli benjabulo bazizwa beze ngokomzwelo futhi benganelisekile. Empeleni, lapho abacwaningi beqhathanisa ukuphishekela injabulo nezinto ezinjengomsebenzi onenjongo, imisebenzi engokomoya nokuhileleka ezintweni zomkhaya, bathola ukuthi ukufuna injabulo kwakungesona neze isici esibalulekile esenza ukuba labo bantu ababebahlola bajabule.

Yiba Umuntu Ophanayo Nobongayo

Kunokuba bazicabangele bona, abantu abajabulayo bavame ukuphana futhi banesithakazelo kwabanye. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Ngaphandle kokuphana ngezinto ezibonakalayo, singaphana ngesikhathi nangamandla ethu, okuyizinto ezingaziswa ngisho nakakhulu, ikakhulu emkhayeni. Amadoda nabafazi kudingeka bachithe isikhathi ndawonye ukuze bagcine imishado yabo iqinile futhi bahlale bejabule, kanti abazali kudingeka bazinike isikhathi esiningi ngokwanele sokuba nezingane zabo, baxoxe nazo, bazibonise uthando futhi bazifundise. Lapho amalungu omkhaya ephana ngalezi zindlela, ayachuma futhi ikhaya liba indawo yenjabulo.

Ngakolunye uhlangothi, uma abanye bepha wena—kungaba ngokuzinikela bona noma ngezinye izindlela—ingabe ‘uzibonisa ungobongayo’? (Kolose 3:15) Ukuphila ngokuvumelana nalelo binzana kungenza umehluko omkhulu ebudlelwaneni bethu nabanye futhi kunganezela kakhulu enjabulweni yethu siqu. Awuzizwa yini ugcwala injabulo lapho umuntu ekubonga ngokusuka enhliziyweni?

Ukuzibonisa singababongayo kubonisa nokuthi siyaziqaphela izinto ezinhle ezenzeka kithi. Kokunye ukuhlola okwakulawulwa ngokucophelela, umcwaningi wase-University of California eRiverside, e-U.S.A., wacela abantu ayebahlola ukuba babe “nencwadi yokubonga”—incwajana yokubhala izinto abazibongayo usuku nosuku. Akumangalisi ukuthi ngemva kwamasonto ayisithupha, okwaphawuleka kakhulu ngalabo bantu ukuthi babezizwa beneliseke kakhulu ngokuphila.

Yisiphi isifundo esisitholayo? Kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo zakho, funda ukubala izibusiso zakho. Empeleni, iBhayibheli likukhuthaza ukuba wenze kanjalo, lithi: ‘Jabula ngaso sonke isikhathi. Ubonge ngakho konke.’ (1 Thesalonika 5:16, 18) Yiqiniso, ukuze sifeze lokho kudingeka senze umzamo wokuzimisela, sikhumbule zonke izinto ezinhle esizijabulelayo. Kunganjani uzenzele lowo mgomo?

Uthando Nethemba—Kubaluleke Kakhulu Ekutholeni Injabulo

Kuye kwashiwo kufanele ukuthi kusukela lapho abantu bezalwa baze bayongena egodini, badinga uthando. Ngaphandle kwalo bazizwa belahliwe. Kodwa luyini ngempela uthando? Nakuba leli gama lisetshenziswa ngokunganaki kulezi zinsuku, iBhayibheli lilichaza ngendlela enhle kakhulu, lithi: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa. Uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi, aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki. Alunamagqubu. Alujabuli ngokungalungi, kodwa lujabulela iqiniso. Lubekezelela zonke izinto, lukholelwa yizo zonke izinto, luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto.”—1 Korinte 13:4-8.

Yeka indlela uthando lweqiniso olungenabugovu ngayo! Ngenxa yokuthi “aluzifuneli izinzuzo zalo siqu,” lubeka injabulo yabanye ngaphambi kweyalo siqu. Kuyadabukisa ukuthi uthando olunjalo luya luba yivelakancane. Empeleni, esiprofethweni sakhe esibaluleke kakhulu mayelana nokuphela kwalesi simiso sezinto, uJesu wathi “uthando lwabaningi luyophola.”—Mathewu 24:3, 12; 2 Thimothewu 3:1-5.

Kodwa lesi simo ngeke siqhubeke unomphela, ngoba siyisihlamba kuMdali—owuthando uqobo! (1 Johane 4:8) Ngokushesha uNkulunkulu uzosusa bonke abantu abagcwele inzondo noma abalawulwa ubugovu bangaphinde babe khona emhlabeni. Okuwukuphela kwabantu ayobasindisa yilabo abazikhandlayo ekuhlakuleleni lolu thando oluchazwe ngenhla. Ngenxa yalokho, emhlabeni kabanzi kuyobusa ukuthula nenjabulo. Lesi sithembiso seBhayibheli siyogcwaliseka nakanjani: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:10, 11.

Ake ucabange nje usubona abantu usuku nosuku begcwele “injabulo enkulu”! Ingabe-ke kuyakumangaza uma iBhayibheli lithi: “Jabulani ethembeni”? (Roma 12:12) Ingabe ungathanda ukwazi okwengeziwe ngaleli themba elimangalisayo uNkulunkulu alinikeza isintu esilalelayo? Khona-ke sicela ufunde isihloko esilandelayo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 5]

Ziyiqiniso Kangakanani Izindaba Zabantu Abaphumelela?

Ngezinye izikhathi siye sizwe kulandiswa ngabantu abathile abakhulela emakhaya anezinkinga kodwa abazabalaza kulobo bunzima baze bagcina sebecebe kakhulu. Omunye umbiko ophathelene nenjabulo ephephandabeni i-San Francisco Chronicle uyachaza: “Ngezinye izikhathi kuye kubhekiselwe kulezi zindaba njengobufakazi bokuthi labo bantu benza konke okusemandleni ukuze babhekane naleso simo esibi, okwabenza baphumelela naphezu kwesimo sabo esingajabulisi sasebuntwaneni, noma baphumelela ngenxa yaso. Ukucwaninga kuthi inkinga ngalezi zindaba okubhekiselwa kuzo ukuthi kungenzeka labo bantu abazange baphumelele kangako ngempela. Bamane nje baceba.”

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Injabulo Ithuthukisa Impilo Enhle

Ukujabula kuyikhambi elihle. Umbiko kumagazini i-Time uthi: “Injabulo noma izimo zengqondo ezihlobene nayo njengokuba nethemba lokuhle nokwaneliseka kubonakala kunciphisa ingozi yesifo senhliziyo, samaphaphu, sikashukela, umfutho ophakeme wegazi, imikhuhlane nokucinana.” Ngaphezu kwalokho, ukuhlola okwenziwa eHolland ezigulini esezikhulile kwembula ukuthi eminyakeni engu-9, ukuba nesimo sengqondo esakhayo esigxile ezintweni ezijabulisayo kwanciphisa ingozi yokufa ngokumangalisayo, ngamaphesenti angu-50!

Ukuthi isimo sengqondo siwuthonya kanjani umzimba kuseyimfihlo namanje. Kodwa ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi abantu abanesimo sengqondo esakhayo futhi abahlala belindele okuhle banezinga eliphansi le-hormone ebangela ukucindezeleka okuthiwa i-cortisol, enedumela lokuphazamisa isimiso somzimba sokuzivikela ezifweni.

[Isithombe ekhasini 4, 5]

Njengoba ukulandela indlela ephumelelayo yokupheka kungenza umuntu apheke ukudla okwehla esiphundu, ukulandela isiqondiso sikaNkulunkulu nakho kungaholela enjabulweni

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela