Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/06 k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqeda Isithukuthezi
  • Ubugqila Banamuhla
  • IBhayibheli Lokuqala Eliphelele LesiKriol
  • Amazinga Okushisa Ezimotweni Ezipakiwe
  • Yini Oyaziyo Ngamazinga Okushisa?
    I-Phaphama!—1991
  • Yiliphi Ikhambi Elilula Lesithukuthezi?
    I-Phaphama!—1995
  • Ngesithukuthuku Sezingane
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Uyasidinga Isipholisa-moya?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 3/06 k. 29

Ukubuka Okwezwe

◼ Abantu ababalelwa ezigidini ezingu-200 abaneminyaka ephakathi kwengu-15 nengu-64, okungamaphesenti amahlanu enani labantu emhlabeni, baye basebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni phakathi nonyaka odlule.—I-2005 WORLD DRUG REPORT, YE-UNITED NATIONS OFFICE ON DRUGS AND CRIME.

◼ Ucwaningo lubonisa ukuthi osemusha obona umuntu edutshulwa unamathuba aphindwe kabili okwenza isenzo sobudlova phakathi neminyaka emibili elandelayo.—UMAGAZINI I-SCIENCE, E-U.S.A.

◼ ESão Paulo, eBrazil, abantu abangamaphesenti angu-16,8 okwatholakala ukuthi banomdlavuza wamabele esibhedlela esithile phakathi nenkathi engangonyaka kwatholakala ukuthi abesifazane abangaphansi kweminyaka engu-35 ubudala. Uma umdlavuza usheshe watholakala, kunamathuba okusinda angamaphesenti angu-90.—I-FOLHA ONLINE, EBRAZIL

Ukuqeda Isithukuthezi

Iphephandaba i-Vancouver Sun libika ukuthi abacwaninga ngesithukuthezi basibiza ngokuthi “esinye sezifo ezinkulu kakhulu enkathini yethu.” Inhlolo-vo ethile yathola ukuthi “cishe abantu abathathu kwabane eNyakatho Melika bathi bafisa ukuthola okuthile okusha abangakwenza ekuphileni kwabo.” Phakathi kwezindlela ezasikiselwa yileli phephandaba zokuqeda isithukuthezi kunalezi: “Yenza izinguquko ukuze wenze okuthile okuhlukile,” “funda okuthile okusha,” yenza “umsebenzi wokuvolontiya onenjongo,” “yenza izinto ezishukumisa umzimba, . . . njengokuhambahamba,” futhi “ube nomoya wokubonga.”

Ubugqila Banamuhla

Ucwaningo lwe-International Labor Organization (ILO) yeZizwe Ezihlangene luyabika: “Abantu okungenani abayizigidi ezingu-12,3 bayizisulu zokugqilazwa emhlabeni wonke.” Kulinganiselwa ukuthi abangaphezu kwezigidi ezingu-2,4 kuleli nani bayadayiswa. Izibonelo zokugqilazwa—okuwumsebenzi noma izinkonzo ezenziwa ngempoqo umuntu esongelwa—zihilela ukudayisa ngomzimba, ukubuthelwa empini nokusetshenziswa kwabantu beboshiwe bese beholelwa kancane noma bangaholelwa nhlobo, ngoba umholo wabo uyagodlwa ukuze kukhokhwe isikweletu. UMqondisi-jikelele we-ILO uJuan Somavia uthi ukugqilazwa ngale ndlela “kuphuca abantu amalungelo abo ayisisekelo nesithunzi.”

IBhayibheli Lokuqala Eliphelele LesiKriol

“IBhayibheli lokuqala lase-Australia elihunyushelwe olimini lwabomdabu eliqala kuGenesise liye kusAmbulo seliqediwe,” kubika i-Sydney Morning Herald. Le nguqulo entsha yesiKriol, ezokhululwa ngo-2007, iyozuzisa aboMdabu base-Australia abangaba ngu-30 000 abahlala emajukujukwini aseNyakatho Australia. Leli phephandaba lithi: “Lo msebenzi uthathe iminyaka engu-27 ukuba uqedwe.” Ngokwenhlangano i-United Bible Societies, “ngo-2004, kwagunyazwa izinguqulo ezintsha ezingu-22 zeThestamente Elisha.” Njengamanje, iBhayibheli lingafundwa liphelele noma liyingxenye ngezilimi ezinkulu nezezigodi ezingu-2 377.

Amazinga Okushisa Ezimotweni Ezipakiwe

Umagazini i-Pediatrics uthi ngo-2004, izingane ezingu-35 zabulawa ukushisa e-United States ngenxa yokushiywa ezimotweni ezipakiwe. Ucwaningo lubonisa ukuthi uma izinga lokushisa ngaphandle lidlula ku-30° C., izinga lokushisa ngaphakathi emotweni lingafinyelela ngokushesha ku-57° C. kuya ku-68° C. Ngisho noma izinga lokushisa ngaphandle lingu-22° C., izinga lokushisa emotweni lisenganyuka ngo-22° C., futhi ngokuvamile ukwenyuka kwalo kwenzeka phakathi nemizuzu engu-15 kuya kwengu-30 imoto ipakiwe. Ukushiya amafasitela evuleke ngamasentimitha amane akwenzanga mahluko, ngisho nokuvulela umoya obandayo ngaphambi kokucima imoto. Abalobi balesi sihloko bakholelwa ukuthi uma umphakathi uzazi izingozi, lokhu kungasindisa ukuphila.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela