Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 6/8 k. 9-k. 10 isig. 5
  • Ukubhekana Nomdlavuza Wesikhumba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhekana Nomdlavuza Wesikhumba
  • I-Phaphama!—2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sivikele Isikhumba Sakho!
    I-Phaphama!—2005
  • Indlela Engathola Ngayo Injabulo Ekupheni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Ingabe Kufanele Ukhathazeke Ngokushiswa Yilanga?
    I-Phaphama!—2009
  • Mthandi Welanga—Vikela Isikhumba Sakho!
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 6/8 k. 9-k. 10 isig. 5

Ukubhekana Nomdlavuza Wesikhumba

UJEREMIAH oneminyaka engu-51 ungowomdabu wase-Ireland ohlala e-Australia, osho ngezinwele ezibomvu nesikhumba esimhlophe qwá, okuyisici abanye abasibiza ngokuthi “isiqalekiso samaCelt.” Uyalandisa: “Njengabantu abaningi base-Australia, umkhaya wakithi wawukuthanda ukushaywa umoya, ikakhulu ngezimpelasonto namaholidi asehlobo. Lapho ngiseyingane, ngangichitha amahora amaningi ngibhukuda edamini lasekhaya noma ngintweza emadlambini, futhi ngidlala ikhilikithi ogwini lwaseGold Coast eningizimu yeBrisbane. Ngokuvamile, ngangigqoka isikhindi sokubhukuda nje kuphela.”

UJeremiah uyaqhubeka: “Imithi esebenzayo evikela elangeni yaqala ukutholakala lapho sengevile eminyakeni eyishumi nambili. Ngalezo zinsuku ezentengiselwano zazibakhuthaza kakhulu abantu ukuba bagcobe uwoyela kakhukhunathi ukuze babukeke njengomtakuli wababhukudi e-Australia onesikhumba esinsundu. Ngaleso sikhathi sasingazi noluncú ngokuthi ilanga lingaba yingozi kangakanani esikhunjeni. Ngaze ngaqala ukuzivikela ngokugwema ukuchitha isikhathi esiningi elangeni elishisa kakhulu lapho sengizwa iminjunju ephikelelayo yokushiswa ilanga.” Kodwa wawusumkhulu umonakalo owenzekile. “Yonke leyo minyaka engayichitha elangeni ngiqimbile yaphumela ekubeni ngibe nezinsumpa eziningi, ezase ziqala ukuqina nokuba mnyama, ikakhulu esifubeni.”

UJeremiah usehlinzwe kathathu ukuze kususwe i-melanoma wabuye wahlinzwa kaningi ukuze kususwe i-basal cell carcinoma. Ngenxa yalokhu uye washintsha indlela enza ngayo izinto. Uthi: “Nsuku zonke, ngaphambi kokuba ngiphume emnyango, ngigcoba amafutha okuthambisa isikhumba, bese kuthi ngaphezu kwawo ngigcobe umuthi ovikela isikhumba elangeni. Ezinsukwini eziningi ehlobo, sengihlala ngifake isigqoko noma ikepisi kusukela ngo-9:00 ekuseni kuya ku-4:00 ntambama.” Kanti njalo ngemva kwezinyanga ezintathu uya kudokotela wesikhumba ukuze amhlole.

UJeremiah uyachaza ukuthi yini eye yamsiza wakwazi ukubhekana nalolu sizi: “UJehova uNkulunkulu uye wangenza ngangangabaza nakancane ukuthi ngizolulama kuyilapho abanye babecabanga ukuthi ngingafa noma nini. Ngokwesikhathi esasiphilwa abantu abaningi abane-melanoma eminyakeni engaba ngu-20 edlule, abanye bebengibheka njengomuntu ofe ehamba. Ngiye ngazibonela mathupha ukuthi amazwi eNkosi uDavide asho ukuthini: ‘UJehova uqobo [uyongisekela] okhukhweni lokugula; ngokuqinisekile wonke umbhede [wami] uyowushintsha phakathi nokugula [kwami].’”—IHubo 41:3.

Omunye oye washikashikana nomdlavuza wesikhumba uMaxine. Ebusheni bakhe, uMaxine onesikhumba esikhanyayo wathunyelwa emazweni ashisayo njengesithunywa sevangeli, waqala eDominican Republic kamuva wathunyelwa ePuerto Rico. Eminyakeni engu-20, umsebenzi wakhe wokuba isithunywa sevangeli wawuhilela ukuba achithe cishe usuku lonke eselangeni eshumayela endlini ngendlu. Ngaphezu kwalokho, wayekuthanda ukuthamela ilanga ngezikhathi aphumula ngazo. Ngo-1971 kwatholakala umdlavuza i-basal cell carcinoma ebusweni bakhe. Welashwa nge-radium, wahlinzwa, kwabe sekulandela ukuxhunyelelwa kwesikhumba ukuze kulungiswe umonakalo. Yize kunjalo, la mangqamuzana anomdlavuza ayelokhu etholakala.

UMaxine uyachaza: “Inkinga yayiwukuthi ngokuvamile ayengatholakali la mangqamuzana anomdlavuza, futhi ngenxa yalokho ayeqhubeka anda. Kuye kwaba isikhathi eside esicindezelayo—iminyaka engaba ngu-30 ngiya kodokotela, emithola-mpilo nasezibhedlela. Ngiye ngahlinzwa okungenani izikhathi eziyishumi ebusweni, kanye nokuya izikhathi eziningana emithola-mpilo ngiyolashwa umdlavuza ngezinye izindlela.” Indlela elashwa ngayo muva nje uMaxine oneminyaka engu-80 i-Mohs surgery, eye yaphumelela kakhudlwana ekususeni amangqamuzana anomdlavuza.

Ngenxa yale nkinga yakhe eqhubekayo yomdlavuza wesikhumba, kuye kwadingeka ukuba uMaxine ashintshe isimiso sakhe ashumayele kusihlwa ukuze agweme ilanga njengoba eqhubeka nomsebenzi wakhe wokuba isithunywa sevangeli. Yini eye yamsiza ukuba akwazi ukubhekana nale nkinga? “Kuye kwangisiza ukuba nesimo esihle sengqondo. Ngiyazi ukuthi ayoqhubeka etholakala la mangqamuzana anomdlavuza nokuthi kuyodingeka ngiye kodokotela futhi. Lokhu ngiyakwamukela. Ngizama ngamandla ukuba ngingazidabukeli noma ngikhononde ngezilingo engibhekene nazo. Lezi zinkinga azingincishi injabulo enkonzweni yami. Ngisengakwazi ukutshela abanye ngoMbuso kaJehova. Kanti futhi nginethemba lokwelashwa ngokuphelele esikhathini esizayo esiseduze ezweni elisha. Ngaleso sikhathi ngiyophinde ngibe nobuso obufana nobomntwana futhi obungenasici.”

Yebo, bonke abahlushwa umdlavuza wesikhumba nezinye izifo bangalindela ngokulangazela usuku lapho amazwi alotshwe encwadini kaJobe eyogcwaliseka khona: “Inyama yakhe mayibe ntsha kunasebusheni; makabuyele ezinsukwini zobungqabavu bobusha bakhe.” (Jobe 33:25) Kuze kube yileso sikhathi, sonke masiziqaphele izingozi ezibangelwa ukuchayeka kakhulu elangeni senze nomzamo oqotho wokuvikela isikhumba sethu.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]

‘Ezweni elisha, ngiyoba nobuso obufana nobomntwana futhi obungenasici.’—UMaxine

[Izithombe ekhasini 9]

UJeremiah uye wahlinzwa kaningi kususwa amangqamuzana anomdlavuza, kuhlanganise nokuhlinzwa kathathu kususwa i-“melanoma.” Yize kunjalo, uhlala enesimo esihle sengqondo futhi enethemba

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela