‘Kumelwe Niziqhenye Ngalokhu’
A BAKHULEKELI bakaNkulunkulu beqiniso bayakuqaphela ukubaluleka kokwethembeka. Uthando ngoMdali wabo lubenza bazizwe kanjalo. Ngokwesibonelo, qaphela indaba kaLázaro. Esikhathini esithile esidlule lapho ayesasebenza ehhotela elithile eHuatulco, eMexico, wathola imali engu-R420 eyayilahlekele othile endaweni yokwamukela izihambi. Ngokushesha wayihambisa kumphathi. Isikhashana ngemva kwalokho wathola futhi isikhwama esincane semali endlini yangasese. Wasihambisa endaweni yokungenisa izihambi ehhotela. Umnikazi wesikhwama wajabula kakhulu, emangele.
Lezi zenzo zafinyelela kumphathi omkhulu wehhotela, owabuza uLázaro ukuthi yini emshukumisele ukuba alethe imali nesikhwama. ULázaro wathi izimiso zokuziphatha ayezifunde eBhayibhelini zazikwenqabela ukuthatha into okungeyona eyakhe. Encwadini yokumbonga, umphathi omkhulu wathi kuLázaro: “Namuhla kunzima ukuthola abantu abagcina izimiso zokuziphatha eziphakeme kangaka. Siyasincoma isimo sakho sengqondo. Uzibonakalisile ukuthi uyindoda eqotho futhi uyisibonelo kwezinye izisebenzi. Wena kanye nomkhaya wakho kumelwe niziqhenye ngalokhu.” ULázaro waqokwa njengesisebenzi esivelele saleyo nyanga.
Ezinye izisebenzi ezisebenza noLázaro zakubona kuyiphutha elikhulu ukubuyisela kwakhe imali nesikhwama esasilahlekile. Kodwa ngemva kokubona ukusabela komqashi ngale ndaba, bamhalalisela uLázaro ngokugcina izimiso zakhe zokuziphatha.
IBhayibheli linxusa abalandeli bakaJesu abaqotho ukuba ‘benze okuhle kubo bonke’ futhi ‘baziphathe ngokwethembeka ezintweni zonke.’ (Galathiya 6:10; Hebheru 13:18) Ngokuqinisekile, ukubonisa ukwethembeka njengamaKristu kuletha inkazimulo kuNkulunkulu weBhayibheli ‘olungile noqotho,’ uJehova.—Duteronomi 32:4.