Ngayinqoba Inselele Yokukhonza UNkulunkulu
NJENGOBA ILANDISWA NGU-IVAN MIKITKOV
Isikhulu seKomiti Yezokuphepha Yezwe LaseSoviet (KGB) sangixwayisa: “Uma uqhubeka uhlala kuleli dolobha lethu, sizokuphindisela ejele.” Ngangisanda kudedelwa ejele ngemva kokudonsa iminyaka engu-12. Kwakwembulwa kwembeswa kubaba nomama ngakho babengidinga ukuze ngibanakekele. Kwakumelwe ngenzenjani?
NGAZALWA ngo-1928 emzaneni waseTaul, eMoldova.a Lapho nginonyaka owodwa ubudala, ubaba, u-Alexander, wavakashela e-Iasi, eRomania, lapho ahlangana khona nabaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi. Lapho ebuyela eTaul, waxoxela umkhaya wakhe kanye nomakhelwane ngalokho akuzwa kubaFundi BeBhayibheli. Ngokushesha kwamiswa iqembu elincane labaFundi BeBhayibheli.
Njengoba nganginguthumbu ezinganeni ezine—abafana bodwa—kusukela ngisewusana ngangizungezwe abantu abagxile ezintweni ezingokomoya, abangibekela isibonelo esihle. Ngokuhamba kwesikhathi kwangicacela nje ukuthi ukukhonza uJehova kwakuyovusa ukuphikiswa—nokuthi kwakuyoba inselele. Ngisawakhumbula kahle namanje amaphoyisa esesha ephindelela ekhaya, ezama ukuthola izincwadi zethu zeBhayibheli esasizifihlile. Lezi zenzakalo azizange zingethuse. Ngaqonda ekufundeni kwethu iBhayibheli ukuthi iNdodana kaNkulunkulu uqobo, uJesu Kristu, kanye nabafundi bayo, bashushiswa. Emihlanganweni yethu sasikhunjuzwa njalo ukuthi abalandeli bakaJesu kufanele bakulindele ukushushiswa.—Johane 15:20.
Saqiniswa Ukuze Sikwazi Ukubhekana Noshushiso
Ngo-1934, lapho ngineminyaka eyisithupha nje kuphela, safundelwa incwadi ebandleni lethu laseTaul eyayisazisa ngendlela ayehlushwa ngayo amaKristu esikhonza kanye nawo eJalimane lobuNazi. Sakhuthazwa ukuba siwathandazele. Ngisayikhumbula namanje leyo ncwadi, nakuba yafundwa ngisemncane kakhulu.
Eminyakeni emine kamuva ubuqotho bami bavivinywa ngokokuqala ngqá. Lapho sifunda ngezenkolo esikoleni, umpristi wenkolo yobu-Orthodox wangiyala ngokuphindaphindiwe ukuba ngigaxe isiphambano entanyeni. Lapho ngenqaba, wacela zonke izingane ekilasini ukuba ziveze iziphambano zazo ukuze zibonise ukuthi zingamalungu athembekile esonto. Lo mpristi wangikhomba wayesebuza ikilasi: “Niyafuna yini ukufunda nomuntu onje? Bonke abangamfuni mabaphakamise izandla.”
Njengoba abafundi babemesaba lo mpristi, bonke baphakamisa izandla. “Uyabona,” esho engibheka, “akekho noyedwa okufunayo. Phum’ uphele njengamanje kulesi sakhiwo.” Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, umqondisi wesikole wavakashela ekhaya. Ngemva kokuxoxa nabazali bami, wangibuza ukuthi ngiyafuna yini ukuqhubeka nesikole. Ngavuma. Ephendula wathi: “Uma nje ngisengumqondisi uzokuya nakanjani esikoleni futhi umpristi ngeke akuvimbele.” Njengoba nje ayeshilo, ngesikhathi lo muntu esengumqondisi wesikole, umpristi akazange angikhathaze.
Ushushiso Luyakhula
Ngo-1940 indawo esasihlala kuyo, ebizwa ngokuthi iBessarabia, yaba ingxenye yeSoviet Union. Ngomhla ka-13 no-14 ku-June, 1941, bonke ababevelele kwezombangazwe noma emphakathini badingiselwa eSiberia. OFakazi BakaJehova abazange bathinteke kulokhu kudingiswa. Kodwa kusukela ngaleso sikhathi saqala ukuqapha ngokwengeziwe endabeni yokuqhuba imihlangano yethu nokushumayela.
Ngasekupheleni kuka-June 1941, iJalimane lobuNazi lathelekela iSoviet Union kungazelelwe, nakuba iSoviet Union yayisasizana nalo leli zwe laseJalimane kuze kube ngaleso sikhathi. Ngokushesha nje, amabutho aseRomania abuye ayithumba iBessarabia. Lokhu kwenza ukuba siphinde sibuswe izwe laseRomania.
Emadolobhaneni aseduze oFakazi abénqaba ukubuthelwa ebuthweni laseRomania baboshwa, futhi iningi labo lagwetshwa iminyaka engu-20 emakamu besetshenziswa ngempoqo. Ubaba wabizelwa esiteshini samaphoyisa washaywa ngesihluku esikhulu ngoba nje enguFakazi. Kanti nami ngakhishwa ngendlov’ iyangena esikoleni ngayiswa enkonzweni yesonto.
Izinto zabe sezigaya ngomunye umhlathi ngeMpi Yezwe II. Ngo-March 1944 iSoviet yayithumba ngokushesha inyakatho yeBessarabia. Futhi ngo-August yayisilithumbe lonke izwe. Ngaleso sikhathi ngangineminyaka engaba ngu-16 nje kuphela.
Ngokushesha, wonke amadoda ayimiqemane edolobhaneni lethu abuthelwa ebuthweni laseSoviet. Kodwa oFakazi benqaba ukulahla isimo sabo sokungathathi hlangothi. Ngakho bagwetshwa iminyaka eyishumi ejele. Ngo-May 1945, iMpi Yezwe II eYurophu yaphela ngokuthi iJalimane icele umaluju. Kodwa oFakazi abaningi eMoldova baqhubeka beboshiwe baze badedelwa ngo-1949.
Usizi Lwangemva Kwempi
Ngemva kokuphela kwempi ngo-1945, iMoldova yahlaselwa isomiso esikhulu. Naphezu kwaleso somiso, uhulumeni waseSoviet waqhubeka ufuna ukuba abalimi balethe isivuno esikhulu kakhulu njengentela. Lokhu kwaholela ekubeni kube nendlala esabekayo. Kwathi kuphela u-1947, ngabe sengibone izidumbu eziningi zidindilize emigwaqweni eTaul. Umfowethu uYefim naye washona, kanti nami kwaphela amasonto amaningi ngingakwazi ngisho nokunyakaza ngenxa yendlala. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi indlala yaphela, futhi thina oFakazi esasinda saqhubeka nenkonzo yethu yasobala. Njengoba ngangiqhubeka ngisakaza isigijimi endaweni yakithi, umfowethu uVasile, owayengishiya ngeminyaka engu-7, wayeqhubeka eshumayela emizaneni eseduze.
Njengoba oFakazi babeba matasa kakhulu enkonzweni, iziphathimandla zaqala ukubabeka iso elibukhali. Ukushumayela kwethu, kanye nokwenqaba kwethu ukuhlanganyela kwezombangazwe noma empini, kwashukumisela uhulumeni waseSoviet ukuba uqale ukusibopha nokusesha imizi yoFakazi ufuna izincwadi zeBhayibheli. Ngo-1949 oFakazi abathile emabandleni aseduze badingiselwa eSiberia. Ngakho kwaphinde kwaqala sona leso sokuba thina esasisasele senze imizamo yokuqapha kakhudlwana lapho sishumayela.
Phakathi naleso sikhathi, ngaqala ukuba nenkinga enkulu yempilo eyayiya iba yimbi kakhulu. Ekugcineni odokotela bathi nginesifo okuthiwa yi-tuberculosis (TB) yamathambo, futhi ngo-1950 ngafakwa ukhonkolo emlenzeni wangakwesokudla.
Ukudingiselwa ESiberia
Ngo-April 1, 1951, ngisakhonkiwe emlenzeni, saboshwa sonke ekhaya, futhi sadingiselwa eSiberia kanye nabanye oFakazi.b Njengoba sasinesikhathi esincane kakhulu sokulungiselela, sakwazi ukuzenzela umphako omncane nje kuphela. Ngesikhashana nje, sase siwushaye sawubhuqa.
Ekugcineni, ngemva kokuhamba ngesitimela cishe amasonto amabili, safika e-Asino, esifundeni saseTomsk. Lapho, safike sathululiswa okwezinkomo ezinqoleni zesitimela. Nakuba amakhaza ayeshubisa umnkantsha, kwakumnandi nje ukushaywa umoya. Ngo-May, lapho iqhwa liqala ukuncibilika emfuleni, sathuthwa ngomkhumbi sayiswa eTorba eqhele ngamakhilomitha ayikhulu, lapho kwakukhona khona ikamu lamapulangwe ehlathini laseSiberia. Lapha saqala ukudonsa isigwebo sethu sokusetshenziswa ngempoqo—okwathiwa ngeke siphele nanini.
Nakuba ukufukuza kuleli kamu kwakungefani nokuba sejele, sasihlala sibekwe iso elibukhali. Ebusuku sasilala sonke njengomkhaya enqoleni yesitimela. Ngalelo hlobo sakha izindlu—izindlu ezingatheni, ingxenye yazo ingaphansi komhlaba enye ivele ngaphezulu—ukuze sivikeleke uma kufika ubusika.
Ngenxa yokuthi ngangisafake ukhonkolo emlenzeni, ngasinda emsebenzini wasehlathini kodwa ngabelwa ukwenza izipikili. Lo msebenzi wanginika ithuba lokuba ngikwazi ukwenza amakhophi e-Nqabayokulinda nezinye izincwadi zeBhayibheli ngomshoshaphansi. Ngandlela-thile lezi zincwadi njalo nje zazishushumbiselwa kule ndawo yethu zisuka entshonalanga yeYurophu, eqhele kakhulu.
Ngaboshwa Ngagqunywa Ejele
Ngo-1953 ngakhishwa ukhonkolo. Kodwa, phakathi naleso sikhathi, ama-KGB agcina esazi ngomsebenzi wami wokushumayela kuhlanganise nowokwenza amakhophi ezincwadi zeBhayibheli, nakuba ngangenza wonke umzamo wokuba ngiqaphe. Ngenxa yalokho, mina nabanye oFakazi ekugcineni sagwetshwa iminyaka engu-12 ekamu leziboshwa zempi. Kodwa lapho kuqulwa icala sonke sakwazi ukunikeza ubufakazi obuhle ngoNkulunkulu wethu, uJehova, nangezinjongo zakhe zothando ngesintu.
Ekugcineni, thina ziboshwa sathunyelwa emakamu ahlukahlukene eduze nase-Irkutsk, endaweni ekude lé ngasempumalanga. La makamu ayelungiselelwe ukujezisa labo ababebhekwa njengezitha zoMbuso waseSoviet. Ngase ngivalelwe kwangu-12 ala makamu okusetshenziswa ngempoqo, kusukela ngo-April 8, 1954, kwaze kwaba ngasekuqaleni kuka-1960. Ngemva kwalokho, ngathuthelwa entshonalanga endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-3 000, emakamu aseMordovia awuxhaxha, aqhele ngamakhilomitha angu-400 eningizimu-mpumalanga yeMoscow. Lapho, ngaba nethuba lokuhlangana noFakazi abathembekile ababevela ezingxenyeni eziningi zeSoviet Union.
AbaseSoviet baqaphela ukuthi uma oFakazi bevunyelwa ukuba bahlangane ngokukhululekile nezinye iziboshwa ezingebona oFakazi, ezinye zazo zaziba oFakazi. Ngakho kulolu xhaxha lwamajele aseMordovia, olwalwakhiwa amakamu amaningi okwakusetshenzelwa kuwo ubude balo obabungamakhilomitha angu-30 noma ngaphezulu, kwenziwa umzamo wokusihlukanisa ukuze singakwazi ukuhlangana nezinye iziboshwa. Ekamu lethu kwafakwa oFakazi abangaphezu kuka-400. Kanti kwelinye ikamu kulolu xhaxha, elaliqhele ngamakhilomitha ambalwa nje, kwakuvalelwe odadewethu abangamaKristu abangaba yikhulu.
Ekamu lethu ngangimatasa kakhulu ngisiza ekuhleleni imihlangano yobuKristu kanti futhi ngangenza namakhophi ezincwadi zeBhayibheli, ezazishushumbiselwe kuleli kamu. Kusobala-ke ukuthi izikhulu zaleli kamu zawuqaphela lo msebenzi. Ngokushesha nje ngemva kwalokho, ngo-August 1961, ngagwetshwa unyaka owodwa eJele LaseVladimir, okuyijele elibi kakhulu elakhiwa ngenkathi yamakhosi aseRussia, elaliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-200 enyakatho-mpumalanga yeMoscow. Umshayeli wezindiza wase-United States uFrancis Gary Powers, owadutshulwa eRussia ngo-May 1, 1960, eshayela indiza yezinhloli, wayevalelwe kulo leli jele waze wadedelwa ngo-February 1962.
Lapho ngiseJele LaseVladimir, nganginikezwa ukudla okwanele nje ukuba ngiqhubeke ngiphila. Ngamelana kahle kakhulu nendlala ngoba ngangike ngabhekana nayo lapho ngisemusha, kodwa ngakuthola kunzima ukubekezelela ubusika buka-1961/62 obabushubisa umnkantsha. Amapayipi okushisisa isakhiwo aqhuma, ngakho igumbi engangivalelwe kulo lalibanda qa. Udokotela wabona isimo sami esidabukisayo wayesecela ukuba ngiyiswe kwesinye isitokisi sasejele esasingesibi kakhulu kuze kudlule la masonto ayebanda kakhulu ngalobo busika.
Ngaqiniswa Ukuze Ngikwazi Ukubhekana Nenselele
Imicabango emibi ingamdumaza umuntu ngemva kokuvalelwa izinyanga ejele, futhi yilokho kanye okwakuhloswe iziphathimandla zaleli jele. Kodwa ngathandaza njalo futhi ngaqiniswa umoya kaJehova nemiBhalo engangisayikhumbula.
Ngesikhathi ngiseJele LaseVladimir, ngabona ukuthi angithinta kanjani amazwi omphostoli uPawulu lapho akhuluma khona ‘ngokucindezelwa ngazo zonke izindlela, kodwa singaminyeki kangangokuthi singakwazi nokunyakaza nangokusambatheka kodwa singebona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma.’ (2 Korinte 4:8-10) Ngemva konyaka ngaphindiselwa emakamu aseMordovia awuxhaxha. Ngasiqedela kula makamu isigwebo sami seminyaka engu-12, ngo-April 8, 1966. Lapho ngidedelwa ngachazwa njengomuntu “ongaguquleki kalula.” Kimi, lokho kwaba ubufakazi obungokomthetho bokuthi ngiye ngahlala ngithembekile kuJehova.
Ngokuvamile abantu baye bangibuze ukuthi sasizithola kanjani izincwadi zeBhayibheli nokuthi sasiwenza kanjani amakhophi azo emakamu nasemajele aseSoviet njengoba kwakwenziwa imizamo engaka yokusinqanda. Lena inqaba kayitshelwana uqobo lwayo, njengoba nje kwaphawula esinye isiboshwa sezombangazwe saseLatvia esadonsa iminyaka emine ekamu lasePotma leziboshwa zabesifazane. Ngemva kokudedelwa ngo-1966 sabhala: “Ngandlela-thile oFakazi babelokhu bethola izincwadi eziningi.” Futhi siphetha sathi: “Kwakunjengokungathi izingelosi zazindiza ebusuku zilethe lezi zincwadi.” Ngempela, lo msebenzi wethu sasiwufeza ngamandla kaNkulunkulu kuphela!
Inkathi Yenkululeko Elinganiselwe
Ngemva kokudedelwa, abazalwane ababehola emsebenzini wokushumayela bangicela ukuba ngithuthele entshonalanga ye-Ukraine, eduze naseMoldova, ngiyosiza abazalwane baseMoldova ababelapho. Kodwa njengoba ngangisanda kudedelwa ejele futhi ama-KGB engiqaphe ngeso elibukhali, kwakukuncane kakhulu engangingakwenza. Ngemva kweminyaka emibili ngilokhu ngisongelwa ngokuboshwa futhi, ngathuthela eKazakhstan izwe eliyiriphabhuliki yaseSoviet, lapho iziphathimandla kwakuqabukela zihlola omazisi. Kwathi ngo-1969, lapho abazali bami sebegula kakhulu, ngathuthela e-Ukraine ngiyobanakekela. Lapho, edolobhaneni lase-Artyomosk, elisenyakatho yedolobha elikhulu laseDonetsk, isikhulu sama-KGB sangisongela sithi sizongiphindisela ejele, njengoba kulandisiwe ekuqaleni kwalesi sihloko.
Ngokuhamba kwesikhathi, kwahlaluka ukuthi lesi sikhulu sasimane nje sizama ukungifaka amanzi emadolweni. Kwakungenabufakazi obanele bokungithathela izinyathelo. Njengoba ngangizimisele ukuba ngiqhubeke nenkonzo yami yobuKristu ngesikhathi nginakekela abazali bami, ama-KGB ayeyohlala esezithendeni zami cishe nomaphi lapho ngiya khona. Bobabili ubaba nomama bashona besathembekile kuJehova. Ubaba washona ngo-November 1969, kodwa umama yena waqhubeka ephila waze washona ngo-February 1976.
Lapho ngibuyela e-Ukraine, ngangineminyaka engu-40. Futhi njengoba nganginakekela abazali bami lapho, ngangihlanganyela ebandleni elilodwa nenye intokazi egama layo linguMaria. Yayineminyaka engu-8 kuphela ubudala lapho, njengomkhaya wakithi, yona nabazali bayo bethuthwa eMoldova bedingiselwa eSiberia ekuqaleni kuka-April 1951. UMaria wathi ngicula kamnandi. Lokho kwaba isiqalo, futhi nakuba sobabili sasimatasa enkonzweni, sakwazi ukuthola isikhathi sokuhlakulela ubungane. Cishe ngo-1970, ngase ngimehlule ngamazwi okumcela ukuba ashade nami.
Ngokushesha nje, kwazalwa indodakazi yethu uLidia. Ngemva kwalokho, ngo-1983, lapho uLidia eneminyaka eyishumi, othile owayekade enguFakazi wangikhaphela kuma-KGB. Ngaleso sikhathi ngase ngibé umbonisi ojikelezayo cishe iminyaka eyishumi kulo lonke elasempumalanga ye-Ukraine. Abamelene nomsebenzi wethu wobuKristu babekwazi ukuthola abantu ababenikeza ubufakazi bamanga enkantolo, futhi ngagwetshwa iminyaka emihlanu.
Lapho ngisejele ngahlukaniswa nabanye oFakazi. Nokho, naphezu kwaleyo minyaka eminingi ngivalelwe ngedwa zwí ejele, akukho muntu futhi akukho lutho olwalungangivimbela ukuba ngikhulume noJehova, futhi wayengisekela njalo. Ngaphezu kwalokho, ngathola amathuba okufakaza kwezinye iziboshwa. Ekugcineni, ngemva kokudonsa iminyaka emine yesigwebo sami, ngadedelwa futhi ngabuye ngahlangana nomkami kanye nendodakazi yami, bobabili abahlala bethembekile kuJehova.
Ukubuyela EMoldova
Sahlala unyaka owodwa e-Ukraine sabe sesiphindela emuva sesiyohlala unomphela eMoldova, lapho kwakudingeka khona usizo lwabazalwane abavuthiwe futhi abanolwazi. Ngaleso sikhathi umbuso waseSoviet wawusubavumela kakhudlwana abantu ukuba bathuthele kwezinye izindawo. Safika eBălţi ngo-1988, lapho uMaria ayehlala khona eminyakeni engu-37 ngaphambi kokuba badingiswe. Ngo-1988, kwakunoFakazi abangaba ngu-375 kuleli dolobha elingelesibili ngobukhulu eMoldova; kodwa manje sebengaphezu kuka-1 500! Nakuba sasihlala eMoldova, ngangisalokhu ngingumbonisi ojikelezayo e-Ukraine.
Ngesikhathi inhlangano yethu igunyazwa ngokomthetho eSoviet Union ngo-March 1991, izingqondo zezinkulungwane zabantu zase zisangulukiswe ukubona ukwehluleka kobuKhomanisi. Abaningi babedidekile futhi bentula ithemba eliqinisekile ngekusasa. Ngakho lapho iMoldova iba iriphabhuliki ezimele, yeka ukuthi omakhelwane bethu baba insimu evunde kangakanani—ngisho nabanye ababengabashushisi bethu ngaphambili! Ngemva kokudingiswa kwethu ngo-1951, kwasala oFakazi abambalwa kuphela eMoldova, kodwa manje bangaphezu kuka-18 000 kuleli zwe elincane elinabantu abangaba ngu-4 200 000. Izinto ezinhle ezenzekayo manje ziye zakwenza kwaba yize konke ukuhlupheka kwethu kwangesikhathi esidlule!
Phakathi nawo-1990, impilo ebuthaka yangenza ngayeka umsebenzi wokuba umbonisi ojikelezayo. Kunezikhathi lapho isimo sami singidumaza khona. Kodwa sengiyaqonda ukuthi uJehova uyazi ukuthi yini esiyidingayo ukuze asikhuthaze lapho umoya wethu ushone phansi. Usinikeza isikhuthazo esisidingayo ngesikhathi esifanele. Ukube bengingathola elinye ithuba lokubuyela ebusheni bami, ingabe bengiyokhetha inkambo ehlukile? Lutho neze. Kunalokho, ngifisa sengathi ngabe ngabonisa isibindi esengeziwe enkonzweni futhi ngifisa sengathi ngabe ngabonisa intshiseko eyengeziwe.
Ngicabanga ukuthi uJehova uye wangibusisa futhi bonke abantu bakhe bangabantu ababusisiwe kungakhathaliseki izimo ababhekene nazo. Sinethemba eliqinile, ukholo oluphilayo kanye nesiqiniseko sokuthi ngokushesha nje wonke umuntu uyoba nempilo ephelele ezweni elisha likaJehova.
[Imibhalo yaphansi]
a Kuso sonke lesi sihloko sizosebenzisa igama elibizwa ngalo manje leli zwe, elithi Moldova, kunokusebenzisa elidala elithi Moldavia noma elithi Moldavian Soviet Socialist Republic.
b Emasontweni amabili okuqala ka-April 1951, abaseSoviet baphuma umkhankaso ohlelwe kahle lapho baqoqa khona oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-7 000 nemikhaya yabo ababehlala engxenyeni engasentshonalanga yeSoviet Union base bebafaka esitimeleni bahamba izinkulungwane zamakhilomitha bebathuthela eSiberia lapho babedingiselwa khona.
[Isithombe ekhasini 28, 29]
Umuzi wakithi lapho sisekudingisweni eTorba, eSiberia, ngo-1953. Ubaba nomama (kwesobunxele), kanye nomfowethu uVasile nendodana yakhe (kwesokudla)
[Isithombe ekhasini 29]
Ngisekamu leziboshwa, ngo-1955
[Isithombe ekhasini 31]
Odade abangamaKristu eSiberia, lapho uMaria (osezansi kwesobunxele) eneminyaka engaba ngu-20
[Isithombe ekhasini 31]
Sinendodakazi yethu, uLidia
[Isithombe ekhasini 31]
Mhla sishada ngo-1970
[Isithombe ekhasini 31]
NginoMaria namuhla