Ukubaluleka Kokukhulisa Ingane Yakho
LOKHO umuntu akufunda noma angakufundi ngesikhathi esemncane kungathinta amakhono akhe esikhathi esizayo. Khona-ke yini edingwa izingane kubazali bazo ukuze zikhule zibe abantu abazinzile nabaphumelelayo? Cabangela lokho abanye abaye baphetha ngako okusekelwe ocwaningweni olwenziwa emashumini eminyaka yamuva.
Indima Yezinhlaka Zokuxhumana Zobuchopho
Intuthuko yobuchwepheshe bokuthwebula imifanekiso yobuchopho yenza ososayensi bakwazi ukucwaninga imininingwane eminingi ngokukhula kobuchopho kunanini ngaphambili. Ucwaningo olunjalo lubonisa ukuthi iminyaka yokuqala iyisikhathi esibucayi ekukhuleni kokusebenza kwengqondo okudingekayo ekusingatheni ukwaziswa, ekuvezeni imizwelo ngendlela efanele, nasekuqephuzeni olimini. Umagazini i-Nation uyabika: “Izinhlaka zokuxhumana zobuchopho zakheka ngezinga elishesha ngokungavamile eminyakeni yokuqala, njengoba isimo sobuchopho silolongwa ukuxhumana kokwaziswa okusezakhini zofuzo nokushukunyiswa indawo umzuzu ngamunye.”
Ososayensi bakholelwa ukuthi iningi lalezi zinhlaka, ezibizwa ngokuthi ama-synapse, zakheka eminyakeni embalwa yokuqala yokuphila. NgokukaDkt. T. Berry Brazelton onguchwepheshe emkhakheni wezokukhula kwezingane, yingalesi sikhathi lapho “imizila yobuchopho bengane yesikhathi esizayo ephathelene nobuhlakani, umuzwa wokuzethemba, ukwethemba abanye abantu nogqozi lokufunda yakheka khona.”
Ubuchopho bengane bukhula kakhulu ngobukhulu, isimo nangokusebenza phakathi neminyaka embalwa yokuqala. Endaweni enezinto eziningi ezivusa ugqozi nengazifunda, izinhlaka zokuxhumana zobuchopho zakheka ngokuphindaphindiwe, zakhe inxanxathela ebanzi yemizila yezinzwa ebuchosheni. Le mizila yenza ukucabanga, ukufunda, nokuzindla kube lula.
Kungenzeka ukuthi lapho ubuchopho bengane bushukunyiswa ngokwengeziwe, amangqamuzana amaningi ezinzwa aqala ukusebenza, bese kwakheka imizila eminingi phakathi kwawo. Ngokuthakazelisayo, lokhu kushukunyiswa akuthinti nje kuphela ukukhalipha kwengane, okutholakala ngokwazi amaqiniso, izibalo noma ulimi. Ososayensi bathole ukuthi kudingeka ukuba ishukunyiswe nangokomzwelo. Ucwaningo lubonisa ukuthi izingane ezingagonwa, zithintwe futhi okungadlalwa nazo noma ezingashukunyiswa ngokomzwelo zakha izinhlaka ezimbalwa zokuxhumana kobuchopho.
Ukukhuliswa Kwengane Namakhono Enawo
Ngokuhamba kwesikhathi, njengoba izingane zikhula, ubuchopho bazo buyahlungwa ngandlela-thile. Kubonakala sengathi umzimba ulahla izinhlaka zokuxhumana zobuchopho ezingase zingadingeki. Lokhu kungase kube nethonya elikhulu emakhonweni engane. “Uma ingane ingase ingashukunyiswa ngokufanele ngesikhathi esifanele,” kusho umcwaningi wobuchopho uMax Cynader, “khona-ke imizila yobuchopho bayo ngeke yakheke ngokufanele.” NgokukaDkt. J. Fraser Mustard, umphumela ungase ube izinga eliphansi lokukhalipha, amakhono aphansi okukhuluma nawezibalo, izinkinga zempilo lapho isikhulile, ngisho nezinkinga zokuziphatha.
Ngakho, kubonakala sengathi okuhlangenwe nakho komuntu eseyingane kungaba nethonya langempela kuye lapho esekhulile. Ukuthi umuntu uyakwazi yini ukusingatha izimo ezibuhlungu noma ziyamphoqoza, ukuthi uyakwazi ukucabanga ajule noma akanalo leli khono, nokuthi unozwela noma cha kungathonywa okuhlangenwe nakho kwakhe esemncane. Ngakho indima yabazali ibaluleke kakhulu. Omunye udokotela wezingane uphawula ukuthi “esinye sezici ezibucayi kakhulu salokhu okuhlangenwe nakho kwengane isencane ukuba khona komzali oneso elibukhali.”
Lokho kungase kuzwakale kulula. Mane ukhulise futhi unakekele izingane zakho, khona-ke ziyochuma. Ngeshwa, abazali bayazi ukuthi ukuqonda indlela yokunakekela izingane ngokufanele akulula ngaso sonke isikhathi. Ukuba umzali ophumelelayo akuzenzakaleli ngaso sonke isikhathi.
Ngokwenhlolo-vo ethile, abazali abangamaphesenti angu-25 kulabo okwaxoxwa nabo babengazi ukuthi ababekwenza ezinganeni zabo kungase kuthuthukise noma kunqinde ubuhlakani bazo, ukuzethemba kwazo nogqozi lwazo lokufunda. Lokhu kuphakamisa le mibuzo: Iyiphi indlela engcono kakhulu yokuthuthukisa amakhono engane yakho? Ungakwazi kanjani ukunikeza ingane izimo eziyifanele? Ake sibone.
[Isithombe ekhasini 6]
Izingane ezishiywa zodwa zingashukunyiswa zingase zingakhuli kahle njengezinye