Kubaluleke Kangakanani Ukuqeqesha Ingane Isencane?
UFLORENCE wayeneminyaka engu-40 ubudala futhi eyifuna ngabomvu ingane. Nokho, ngesikhathi ekhulelwe, udokotela wamxwayisa ngokuthi ingane yakhe yayingase izalwe inenkinga yokufunda. Akavumanga ukuhlanza ngedela, futhi wabeletha ingane ephile saka.
Ngemva nje kokuzalwa kwendodana yakhe, uStephen, uFlorence waqala ukuyifundela nokuxoxa nayo ngawo wonke amathuba. Njengoba ikhula, wayedlala nayo, ahambe nayo bayoshaywa umoya, bafunde ukubala futhi bacule. “Sasidlala ngisho nalapho ngimgeza,” ekhumbula. Izithukuthuku zakhe aziphelelanga obala.
Eseneminyaka engu-14 nje kuphela, uStephen waphumelela ngamalengiso e-University of Miami. Eminyakeni emibili kamuva eneminyaka engu-16, waphothula esikoleni sobumeli, futhi ngokomlando wakhe, kamuva waba ummeli omncane kunabo bonke e-United States. Unina, uDkt. Florence Baccus—owake waba nguthisha nomeluleki wezezifundo—uchithé isikhathi esiningi ecwaninga ngokufunda kwengane isencane. Uyaqiniseka ukuthi ukunaka indodana yakhe nokuyifaka ugqozi isewusana kwaguqula ikusasa layo.
Ukuqhathanisa Imvelo Nokukhuliswa
Muva nje izazi zokusebenza kwengqondo yezingane bezilokhu ziphikisana kakhulu ngendima ‘yemvelo,’ okungukuthi ufuzo lwengane, kanye ‘neyokukhuliswa,’ okuyindlela ekhuliswe futhi yaqeqeshwa ngayo. Abacwaningi abaningi bayaqiniseka ukuthi zombili lezi zici zinethonya ekukhuleni kwengane.
Isazi sezokukhula kwezingane uDkt. J. Fraser Mustard siyachaza: “Esikuphawulile manje ukuthi okuhlangenwe nakho kwengane eminyakeni yayo yokuqala kuthonya indlela ubuchopho bayo obukhula ngayo.” UProfesa Susan Greenfield naye uthi: “Ngokwesibonelo, siyazi ukuthi ubuchopho babadlali bevayolini bukhula kakhulu engxenyeni elawula iminwe yesandla sokhohlo kunakwabanye abantu.”
Ukuqeqeshwa Okufanele Zikuthole
Begqugquzelwa yilezi zinto ezitholakele, abazali abaningi abagcini nje ngokuzikhandla ekuyiseni izingane ezinkulisa ezifanele kodwa futhi bachitha nemali eningi ezifundweni zomculo nezobuciko. Abanye bakholelwa ukuthi uma ingane ifunda zonke izinto, lapho isikhulile iyokwazi ukwenza noma yini. Izinhlelo zezifundo ezikhethekile nezinkulisa ziyanda. Abanye abazali bazimisele ukwenza konke okusemandleni abo ukuze banikeze izingane zabo ithuba elingcono kunezinye.
Ingabe lolu hlobo lokuzikhandla luzuzisa ngokuphelele? Yize kungase kubonakale sengathi lunikeza izingane ithuba lokukhula zinamathuba amaningi, ezimweni eziningi lezi zingane ziphuthelwa ingxenye ebaluleke kakhulu yemfundo etholakala emidlalweni engahleliwe. Othisha bathi ukudlala okuzenzakalelayo kushukumisa ingqondo futhi kukhulise amakhono engane okwakha ubungane, angokwengqondo nangokomzwelo.
Ezinye izazi zokukhula kwezingane zikholelwa ukuthi imidlalo elawulwa kakhulu abazali idala uhlobo olusha lwezingane eziyinkinga—izingane ezilawulwa kakhulu ezicindezelekile futhi ezinemizwelo eguquguqukayo, ezingakwazi ukulala, futhi ezikhala ngezinhlungu namahlaba. Esinye isazi sokusebenza kwengqondo siphawula ukuthi ngesikhathi lezi zingane zifinyelela enkathini yokuthomba, eziningi zazo zisuke zingakawafundi amakhono okusingatha izinkinga futhi zisuke “zikhandlekile, zingenabungane futhi zivukela.”
Ngenxa yalokho, abazali abaningi baxakekile. Bafuna ukusiza izingane zabo zisebenzise wonke amakhono azo. Noma kunjalo, bayabubona ubuwula bokuqhuba izingane ukuba zisebenze kanzima zibe zisencane. Ikhona yini indlela yokulinganisela? Izingane zinamaphi amathuba okukhula, futhi angathuthukiswa kanjani? Abazali bangaqinisekisa kanjani ukuthi izingane zabo ziyophumelela? Izihloko ezilandelayo zizoyiphendula le mibuzo.
[Isithombe ekhasini 3]
Okuhlangenwe nakho kwengane isencane kungathonya indlela ubuchopho bayo obukhula ngayo
[Isithombe ekhasini 4]
Ukudlala kushukumisa ingqondo kuthuthukise namakhono engane