“Jehova, Ungitholile!”
Njengoba ilandiswa uNelly Lenz
“Ingabe ningoFakazi BakaJehova?” Ngabuza abalisa ababili ababefike kithi. Bavuma: “Yebo.” Ngamemeza ngathi, “Nami nginguye!” Ngangineminyaka engu-13 kuphela ubudala futhi ngangingayi eHholo LoMbuso. Abazali bami babengebona oFakazi BakaJehova. Pho-ke, kungani ngazibiza njengomunye wabo?
MHLAWUMBE ukube kwakungengenxa yoFakazi BakaJehova, ngabe angizange nhlobo ngizalwe. Umama wangikhulelwa ngesikhathi ehlala eMontreal, eQuebec, eCanada. Wayeneminyaka engu-17 kuphela ubudala. Umkhaya wakubo wamcindezela kakhulu ukuba asikhiphe lesi sisu. Wavuma.
Umama wacela usuku emsebenzini ukuze ayokhipha isisu. Umqashi wakhe, owayengomunye woFakazi BakaJehova, kubonakala asizwa isizathu sokuthi kungani umama ayecela ukungabikho emsebenzini. Wachazela umama ngamafuphi ukuthi ukuphila kwakuyisipho esiyigugu kangakanani. (IHubo 139:13-16) Esendleleni eya emtholampilo, umama wacabangisisa ngalokho umqashi wakhe ayekushilo. Wanquma ukuba angabe esasikhipha isisu. Ngemva kokuzalwa kwami ngo-1964, umama wangiyisa ezintandaneni.
Ukuhlangana Kwami Neqiniso LeBhayibheli
Lapho ngineminyaka engaba mibili ubudala, umama nomyeni wakhe omusha bangilanda ezintandaneni. Lapho sisahlala eSainte-Marguerite-du-Lac-Masson, baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi baya emihlanganweni yebandla. Nokho, kungakabiphi sathuthela eBoisbriand, futhi abazali bami bayeka ukufunda.
Ngemva kweminyaka embalwa, babuye baqala ukufunda. Ngangilalela ukuze ngizwe lokho okwakushiwo ngethemba leBhayibheli lomhlaba oyipharadesi. (Luka 23:43) Ngamthanda kakhulu uJehova.
Nokho, ngolunye usuku, umama wangitshela ukuthi babesinqamulile isifundo sabo noFakazi nokuthi sasingeke sisaya eHholo LoMbuso. Ngaqale ngajabula. Njengengane eneminyaka engu-8, ngezinye izikhathi imihlangano yayizwakala imide kakhulu. Nokho, kusihlwa ngalelo langa ngafuna ukukhuluma noJehova ngomthandazo futhi ngangikhathazekile ngithi angase angangilaleli.
Ntambama ngeSonto elilandelayo ngabona omakhelwane bethu ababengoFakazi BakaJehova bephuma beya emhlanganweni eHholo LoMbuso. Ngaqala ukukhala futhi ngabuza uNkulunkulu, “Kungani izingane zabo zona zikwazi ukuya emihlanganweni kodwa mina ngingenakuya?” Noma kunjalo amazwi eHubo 33:18 ayezogcwaliseka: “Bheka! Iso likaJehova likwabamesabayo, kulabo abalindela umusa wakhe wothando.”
Ukubuyela EHholo LoMbuso
Ngemva kwamasonto amathathu, ngavakashela omakhelwane bethu futhi ngatshela umama wakhona, uLilianne, ukuthi ngangifuna ukuya emihlanganweni. ULilianne wangichazela ukuthi kwakungenakwenzeka, njengoba umama ayengasafune lutho oluphathelene noFakazi BakaJehova. Noma kunjalo, ngaphikelela. Ngakho waya nami kithi futhi wangicelela kumama ukuba ngihambe nabo. Isimanga ukuthi umama wavuma. Wathi imihlangano yayizongifundisa izimiso ezinhle. Ngakho-ke, ngaya emihlanganweni njalo ngamaSonto.
Ngaya emihlanganweni yebandla iminyaka emithathu. Kodwa kwathi lapho ngiba neminyaka engu-11, abazali bami bahlukanisa, futhi mina nomama sathuthela kwenye indawo. Kwaphinda futhi lokho, ngalahlekelana noFakazi BakaJehova.
Ukuhlangana Okungalindelekile
Langa limbe ngangihlezi ezitebhisini zendlu yakithi lapho kufika oFakazi ababili—u-Eddie Besson noDon Fisher—bangibuza ukuthi abazali bami babekhona yini ekhaya. Lapho ngibatshela ukuthi babengekho, laba balisa baphenduka bahamba. Kodwa ngabajaha, kwabe sekulandela ingxoxo engiyilandise ekuqaleni kwale ndaba.
Ungakulindela ukuthi laba balisa bamangala lapho bengizwa ngithi ngingomunye woFakazi BakaJehova. Ngabachazela isimo sami futhi ngabacela ukuba babuye kusihlwa ngalolo suku. Lapho ngitshela umama ukuthi oFakazi babezofika basivakashele, wathukuthela wagan’ unwabu wathi wayengeke abangenise. Empeleni, wahlela ukuba ahambe bengakafiki. Ngamncenga ngikhala izinyembezi umama ukuba ahlale. Nakho-ke esathi uzilungiselela ukuhamba, ngqongqoziyane umuntu emnyango, wabe esefikile u-Eddie Besson. Cabanga ukuthi ngajabula kanjani lapho umama evuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli!
Manje, ngase ngikwazi ukuya emihlanganweni yebandla! Nokho, kungakapheli nonyaka, umama waphinde wayeka ukufunda. Kulokhu wangenqabela ukuba ngixhumane noFakazi futhi walahla zonke izincwadi zoFakazi BakaJehova azithola. Kodwa ngakwazi ukufihla iBhayibheli, iculo, imiqulu emibili ye-Nqabayokulinda, amakhophi amabili e-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova, kanye nencwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade.a Esifundweni sami sokugcina, ngambuza u-Eddie Besson ukuthi ngingenzenjani, ngoba ngangimthanda kakhulu uJehova. Wangikhuthaza ukuba ngifunde ngedwa futhi ngiqinise ekuthandazeni. Wangiqinisekisa ukuthi uJehova wayezonginakekela. Cishe ngangineminyaka engu-14 kuphela.
Ukuziqhubela “Imihlangano”
Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, njalo ngeSonto ngangingena ekamelweni lami bese ngenza sengathi ngisemhlanganweni. Ngangicula ingoma ethi “Bheka Njalo Umvuzo!” ekuqaleni nasekuphetheni ngoba kwakuwukuphela kwengoma yoMbuso engangiyikhumbula. Kuze kube manje ngisakhala njalo lapho ngicula le ngoma. Ngangifunda nesihloko se-Nqabayokulinda emiqulwini enganginayo. Ngangiphetha “umhlangano” wami ngomthandazo. Ngakho yize ngangingasahlanganyeli noFakazi, ngazizwa ngiseduze noJehova.
Lapho ngineminyaka engu-17, mina nomama sathuthela eMontreal. Leyo kwakuyiminyaka enzima, ngoba uthando lwalungekho nhlobo ekhaya.
Ngiyatholwa!
Ngolunye usuku umama wathatha incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni koFakazi BakaJehova. Lapho ngifika ekhaya, ngayibona iphezu kwetafula ngaqala ukuyivula. Lapho ngibona ukuthi yayisebenzisa igama likaNkulunkulu elithi Jehova, ngaqala ukukhala futhi ngathandaza buthule ngathi, “Jehova, ungitholile!”
Ngafuna ukuxhumana nabafowethu nodadewethu abangamaKristu. Kodwa ngangizoxhumana nabo kanjani? Umama wangitshela ukuthi kungenzeka ukuthi umakhelwane wethu wayengomunye woFakazi BakaJehova. Ngakho lapho ngiya emsebenzini, ngaya emzini kamakhelwane futhi ngangqongqoza. Umnyango wavulwa umlisa othile—owayesaphethwe ubuthongo. Awazi ukuthi wamangala kanjani lapho ngithi ngingomunye woFakazi BakaJehova nokuthi ngangifuna ukubhapathizwa! Wahlela ukuba udade othile ongumKristu uJosée Miron afunde nami iBhayibheli. Nango-ke umama esephinda futhi emelana nokufunda kwami iBhayibheli. Wangitshela ukuthi kwakumelwe ngilinde ngize ngibe neminyaka engu-18 andukuba ngibe uFakazi.
Ngidele UJehova Ukuze Ngijabulele Ukuphila Komkhaya?
Umqashi wami waqaphela ukuthi isimo sasekhaya sasiya ngokuya sishuba. Wayevame ukungimema ukuba ngiyochitha izimpelasonto naye nomkakhe. Ngenxa yokuthi ngangiwathanda amahhashi, sasiwagibela sihambe sonke. Kwakunjengokungathi bangabazali bami.
Ngolunye usuku umqashi wami wangitshela ukuthi yena nomkakhe bangithanda kakhulu nokuthi babefuna ukuba ngize ngizohlala nabo. Wayenginika into engangilokhu ngiyifuna—umkhaya onothando. Kodwa kwakunombandela—kwakumelwe ngiyeke ukuzihlanganisa noFakazi BakaJehova. Banginika isonto lonke lokuyocabangisisa ngale ndaba, kodwa ngangingadingi ngisho nosuku olulodwa. Ngabaphendula khona lapho. UJehova wayengakaze angilahle, ngakho ngangingenakumlahla.
Ukukhonza Kwami UNkulunkulu
Ngenxa yosizi engangibhekana nalo ekhaya, ngathuthela kusingababa. Wangikhuthaza ukuba ngiqhubeke nokufunda, futhi ngabhapathizwa ngo-December 17, 1983, ngineminyaka engu-19 ubudala. Ngajabula ngafa lapho ngibona u-Eddie Besson mhla ngibhapathizwa. Manje wayengasangabazi ukuthi ngangingomunye woFakazi BakaJehova!
Nokho, ubaba wangijikela esikhaleni ngemva kokubhapathizwa kwami. Lapho ngizama ukuthandaza, wayekhuluma abange umsindo angijikijele ngezinto! Waphikelela nokuba ngiqhube imfundo yami ngendlela eyayizophazamisa umgomo wami wokuba iphayona, umshumayeli wesikhathi esigcwele. Ekugcineni wathi ngiphume ngiphele emzini wakhe. Wanginika isheke lama-dollar ayikhulu wathi mzukwana ngilishintsha ngangiyokwazi ukuthi uJehova akanandaba nami.
Ngaqala ukuphayona ngo-September 1, 1986, futhi ngisenalo lelo sheke—angikalishintshi—kuze kube namuhla! Ngezinye izikhathi kwakunzima ukuphayona endaweni yasemaphandleni ungenamoto. Kodwa amalungu ebandla lendawo ayesekela futhi ewusizo kakhulu.
Ngokuhamba kwesikhathi ngahlangana nomlisa ongumKristu onomusa okuthiwa uRuben Lenz. Sashada ngo-1989. URuben manje ukhonza njengomdala ebandleni laseMilton, e-Ontario, eCanada, lapho sesihlala khona kusukela ngo-2002. Umshado wethu uye waba ngesinye sezibusiso ezinkulu uJehova aye wangibusisa ngazo. Ngaqhubeka ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele saze saba nengane yethu yokuqala u-Erika, ngo-1993. Eminyakeni engaphezudlwana kwemithathu kamuva, sathola umfana esamqamba ngokuthi uMika. Ngemva kweminyaka eminingi nginesizungu, uJehova uNkulunkulu wangibusisa ngokucebile ngomkhaya omthanda ngendlela engimthanda ngayo.
Nakuba ngezinye izikhathi ngangihlukaniswa nabantu bakaJehova lapho ngisakhula, angikaze ngiyeke ukuthembela kuNkulunkulu nasekubambeleleni ethembeni lokuphila okuphakade ePharadesi. (Johane 3:36) Yeka ukuthi ngibonga kanjani ngokuthi uJehova “wangithola!”
[Umbhalo waphansi]
a Zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 15]
Ngigibele ihhashi lomqashi wami
[Isithombe ekhasini 15]
UNelly Lenz nomyeni wakhe uRuben, nezingane o-Erika noMika