Buklanyelwe Ukufunda Phakade
“Kulelo nalelo khanda kunesikhungo samandla, isicubu esigxishelene, esisebenza kahle kakhulu, okuthi lapho sifunda okwengeziwe ngaso, kubonakale sengathi amandla aso anwebeka ngokungenamkhawulo.”—UTONY BUZAN NOTERENCE DIXON, ABALOBI BEZESAYENSI.
KUNGAKANANI ubuchopho bomuntu obungakufunda? Lo mbuzo uyaqhubeka uthakazelisa futhi uphica abacwaningi. Encwadini ethi The Brain Book, uPeter Russell uyabhala: “Lapho kufundwa okwengeziwe ngobuchopho bomuntu, amandla nekhono labo kutholakala kungalé kwalokho obekucatshangwa.”
Ngokwesibonelo, ngokuphathelene nenkumbulo, ubuchopho bethu bunamandla okukhumbula amakhulu kakhulu. “Inkumbulo ayifani nesitsha sona esigcina sigcwele,” kusho uRussell, “icishe ifane nomuthi okhula unamagatsha okulenga kuwo izinto ezikhunjulwayo. Konke okukhumbulayo kwakha elinye iqoqo lamagatsha okungase kulengiswe kuwo ezinye izinto ezintsha okudingeka zikhunjulwe. Ngakho amandla okukhumbula alokhu ekhule njalo. Lapho wazi izinto eziningi, uba sethubeni lokufunda ezinye ezengeziwe.” Lokhu kusibuyisela embuzweni wethu esiwubuze ngaphambili, Kungani ubuchopho bomuntu buyinqolobane enkulu kangaka, engasetshenziswa?
Imfundiso yokuziphendukela kwemvelo ayinayo impendulo ezwakalayo. Njengoba incike kakhulu emqondweni wokuthi kusinda ezinamandla, imfundiso yokuziphendukela kwemvelo ishiya abantu abacabangayo bekhungathekile ngokuthi bashukunyiswa yini ubuchopho bomuntu ukuba bandise la mandla abo amakhulu. Ngokomfanekiso, ulakhelani iloli elikhulu uma kuwukuthi uzothwala isihlabathi esingangefosholo kuphela?
Nokho, iBhayibheli lisinikeza incazelo elula ehlwabusayo kodwa nenengqondo. Okokuqala lisitshela ukuthi abazali bethu bokuqala—u-Adamu no-Eva—benziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, bekwazi ukubonakalisa izimfanelo zikaNkulunkulu ezimangalisayo. Okwesibili, lichaza ukuthi babeklanyelwe ukuba baphile—kanjalo bafunde—phakade. (Genesise 1:27; 2:16, 17) Ubuchopho bomuntu bubonisa leyo njongo kaNkulunkulu, yize bungaphelele okwamanje ngenxa yesono esangena emkhayeni wesintu.—Roma 5:12.
Kodwa injongo kaNkulunkulu yokuqala yokuba umhlaba ugcwaliswe abantu abaphelele abesaba uNkulunkulu abahlala ePharadesi, iyogcwaliseka. Ngempela, uJehova wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu, ukuba ibe umhlatshelo wesihlengo sethu ukuze sizuze ukuphila okuphakade.—Mathewu 20:28; Johane 3:16.
Ukudla Kwengqondo Okungcono Kunakho Konke
UJehova wasinika neZwi lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli Elingcwele. (2 Thimothewu 3:16; 2 Petru 1:21) Ngenxa yokuthi lo mqulu oyigugu uwumkhiqizo womoya ongcwele, akukhona ukweqisa uma sithi uqukethe ukudla kwengqondo nokungokomoya okungcono kunakho konke esintwini. (IHubo 19:7-10) Ngempela, uJesu ngokwakhe wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.”—Mathewu 4:4.
Ngakho kungakhathaliseki ukuthi usemusha noma umdala, kungani ungabeki isikhashana eceleni usuku ngalunye ufunde “amazwi” ayigugu kaNkulunkulu? Labo abenza kanjalo futhi bakusebenzise abakufundayo bayozuza manje nasesikhathini esizayo. Yebo, bangajabulela ithuba lokuphila nokufunda phakade, njengoba nje kwakuyinjongo kaNkulunkulu kwasekuqaleni. Yeka ithemba elimangalisayo!—UmShumayeli 3:11; Johane 17:3.
[Isithombe ekhasini 27]
Njengoba bubonisa injongo kaNkulunkulu, ubuchopho bomuntu babuklanyelwe ukufunda phakade
[Izithombe ekhasini 28]
IBhayibheli liqukethe ukudla kwengqondo okungcono kunakho konke