UMose—Indlela Ukuphila Kwakhe Okukuthinta Ngayo
KUBANTU abaningi abayizazi nabagxeki, uMose umane nje ungumuntu oyinganekwane. Bayakwenqaba ukulandisa kweBhayibheli, besebenzisa izindlela zokuhlola ubufakazi ezingenza abantu abanjengoPlato noSocrates ukuba nabo baphetshezwe njengezinganekwane.
Nokho, njengoba sesibonile, asikho isizathu esiphathekayo sokwenqaba ukulandisa kweBhayibheli ngoMose. Ngokuphambene nalokho, kubantu abanokholo, kunobufakazi obuningi bokuthi lonke iBhayibheli ‘liyizwi likaNkulunkulu.’a (1 Thesalonika 2:13; Hebheru 11:1) Kubo, ukufunda ngokuphila kukaMose akwenziwa neze ngenjongo yokucusumbula, kodwa kunalokho, kuyindlela yokwakha ukholo.
Lowo UMose Anguye Ngempela
Abenzi bamabhayisikobho ngokuvamile baqokomisa ubuqhawe bukaMose nesibindi sakhe—izimfanelo ezikhangayo ezibukelini. Kuyavunywa ukuthi uMose wayenesibindi. (Eksodusi 2:16-19) Kodwa ngokuyinhloko wayengumuntu wokholo. UNkulunkulu wayengokoqobo kuMose—engokoqobo kakhulu kangangokuba umphostoli uPawulu kamuva wathi uMose “waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.”—Hebheru 11:24-28.
Ngakho kuMose sifunda ukuthi kunesidingo sokuhlakulela ubuhlobo noNkulunkulu. Ekuphileni kwethu kwansuku zonke, nathi singaziphatha ngokungathi siyambona uNkulunkulu! Uma senza kanjalo, asisoze senza noma yini engamjabulisi. Phawula futhi ukuthi ukholo lukaMose lwagxiliswa kuye lapho esewusana nje. Ukholo lwakhe lwalujulile impela kangangokuba wakwazi ukuqhubeka enalo yize ayechayeke kukho “konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe.” (IzEnzo 7:22) Yeka isikhuthazo okuyiso kubazali ukuba baqale ukufundisa izingane zabo ngoNkulunkulu kwasebuntwaneni!—IzAga 22:6; 2 Thimothewu 3:15.
Okunye futhi okuphawulekayo ukuthobeka kukaMose. “Wayemnene ukubadlula kude bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.” (Numeri 12:3) Ngakho uMose wayezimisele ukuvuma amaphutha akhe. Ubhala ngokudebeselela kwakhe ukusoka indodana yakhe. (Eksodusi 4:24-26) Ulandisa ngobuqotho ukuthi ngesinye isikhathi wehluleka ukukhazimulisa uNkulunkulu nangesijeziso esibuhlungu uNkulunkulu amnika sona. (Numeri 20:2-12; Duteronomi 1:37) UMose wayezimisele futhi ukwamukela ukusikisela kwabanye. (Eksodusi 18:13-24) Ngeke yini amadoda ashadile, obaba, namanye amadoda asezikhundleni enze kahle ngokulingisa uMose?
Yiqiniso, abanye abagxeki bayakungabaza ukuthi uMose wayemnene ngempela, bephawula izinyathelo zobudlova azithatha. (Eksodusi 32:26-28) Umlobi uJonathan Kirsch uthi: “UMose oseBhayibhelini kwakuthukela ukuba athobeke futhi akakaze nje abe mnene, futhi ukuziphatha kwakhe akunakushiwo ukuthi kwakulungile ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi ezithusayo, . . . uMose uvezwa engumuntu ozazisayo, onequngo, nononya.” Ukugxeka okunjalo akubonisi ukuba neso elibanzi. Kushalazela iqiniso lokuthi izenzo zikaMose zazingaqhutshwa ulunya kodwa zaziqhutshwa ukuthanda ubulungisa ngokujulile kanye nokungabubekezeleli ububi. Kulezi zinsuku lapho kuyinto evamile ukubekezelela izindlela zokuphila kokuziphatha okubi, uMose uvelela njengesikhumbuzo sesidingo sokuba nezindinganiso ezingayekethisi zokuziphatha okuhle.—IHubo 97:10.
Ifa Lezincwadi ZikaMose
UMose wasishiyela iqoqo elimangalisayo lezincwadi. Zihlanganisa izinkondlo (uJobe, iHubo 90), izincwadi eziyimilando (Genesise, Eksodusi, Numeri), izinhlu zozalo (Genesise, izahluko 5, 11, 19, 22, 25) nesamba esimangalisayo semithetho ebizwa ngokuthi uMthetho KaMose. (Eksodusi, izahluko 20-40; Levitikusi; Numeri; Duteronomi) Lo Mthetho ophefumulelwe nguNkulunkulu wawuqukethe imiqondo, imithetho nezimiso zokulawula ezazithuthuke kakhulu kunesikhathi sawo.
Emazweni lapho umongameli woMbuso ephethe khona nesikhundla sokuba umongameli weSonto, umphumela uvamise ukuba ukungababekezeleli abanye, ukucindezelwa ngokwenkolo, nokusebenzisa kabi amandla. UMthetho KaMose wahlanganisa nesimiso sokuhlukanisa iSonto noMbuso. Inkosi yayingavunyelwe ukuba yenze imisebenzi yabapristi.—2 IziKronike 26:16-18.
UMthetho KaMose wawuqukethe nemithetho yenhlanzeko nezindlela zokunqanda izifo, njengokubahlalisa bodwa abantu abagulayo nokulahlwa ngokufanele kwendle yabantu, okuvumelana nesayensi yanamuhla. (Levitikusi 13:1-59; 14:38, 46; Duteronomi 23:13) Kuyamangalisa lokhu uma ucabangela ukuthi ingxenye enkulu yezokwelapha zaseGibhithe ngosuku lukaMose yayiyinhlanganisela eyingozi yodokokotela mbumbulu nezinkolelo-ze. Namuhla, izigidi zabantu emazweni asathuthuka bezingagwema izifo nokufa ukube bezilandela izindinganiso zenhlanzeko zoMthetho KaMose.
AmaKristu awabophekile ukuba alandele uMthetho KaMose. (Kolose 2:13, 14) Kodwa ukufunda ngawo kusazuzisa kakhulu. Lowo Mthetho wayala u-Israyeli ukuba azinikele kuNkulunkulu ngokuphelele futhi agweme ukukhulekela izithombe. (Eksodusi 20:4; Duteronomi 5:9) Wayala izingane ukuba zihloniphe abazali. (Eksodusi 20:12) UMthetho wakulahla nokubulala, ukuphinga, ukweba, ukuqamba amanga nokufisa izinto zabanye. (Eksodusi 20:13-17) Lezo zimiso amaKristu ayazazisa namuhla.
Izimiso zenhlanzeko ezifundiswa eMthethweni KaMose zingasiza ekuvimbeleni izifo
Umprofethi OnjengoMose
Siphila ezikhathini ezicindezelayo. Isintu simdinga ngempela umholi onjengoMose—umuntu ongagcini nje ngokuba namandla negunya kodwa futhi oqotho, onesibindi, onozwela nothanda ubulungisa ngokusuka enhliziyweni. Lapho uMose efa, kumelwe ukuba ama-Israyeli azibuza, ‘Ingabe usayophinde abe khona umuntu onjengaye emhlabeni?’ UMose wawuphendula ngokwakhe lowo mbuzo.
Izincwadi zikaMose zichaza ukuthi ukugula nokufa kwaqala kanjani nokuthi kungani uNkulunkulu avumela ububi buqhubeke. (Genesise 3:1-19; Jobe, izahluko 1, 2) KuGenesise 3:15, kulotshwe isiprofetho saphezulu sokuqala ngqa—isithembiso sokuthi ekugcineni ububi buyoqedwa! Kanjani? Isiprofetho sabonisa ukuthi kunomuntu owayezozalwa, insindiso eyayizofika ngaye. Lesi sithembiso sanikeza ithemba lokuthi kwakuzovela uMesiya akhulule isintu. Kodwa ubani owayezoba uMesiya? UMose usisiza ukuba simazi ngokuthe ngqo.
Ngasekupheleni kokuphila kwakhe, uMose wakhuluma la mazwi abikezelayo: “UJehova uNkulunkulu wakho uyokuvusela umprofethi onjengami, ovela phakathi kwakho, ovela kubafowenu—nguye okufanele nimlalele.” (Duteronomi 18:15) Kamuva umphostoli uPetru wasebenzisa lawo mazwi ngokuqondile kuJesu.—IzEnzo 3:20-26.
Abahlaziyi abaningi abangamaJuda baphikisana ngokuqinile nanoma ikuphi ukuqhathaniswa kukaMose noJesu. Bathi amazwi akuleli vesi asebenza kunoma yimuphi umprofethi weqiniso owalandela uMose. Nokho, ngokwe-Tanakh—The Holy Scriptures, eyanyatheliswa yi-Jewish Publication Society, uDuteronomi 34:10 uthi: “Akazange aphinde avele kwa-Israyeli umprofethi onjengoMose—INKOSI eyamkhetha, ubuso nobuso.”
Yebo, abaprofethi abaningi abathembekile, njengo-Isaya noJeremiya, beza ngemva kukaMose. Kodwa akekho kubo owaba nobuhlobo obuyingqayizivele noNkulunkulu njengobukaMose—ukukhuluma naye “ubuso nobuso.” Ngakho-ke, isithembiso sikaMose somprofethi ‘onjengaye’ kumelwe ukuba sisebenza kumuntu oyedwa—uMesiya! Kuyaphawuleka ukuthi ngaphambi kokufika kobuKristu—noshushiso olungokwenkolo oluvela kumaKristu amanga—izazi zamaJuda zazinombono ofanayo kule ndaba. Ungayibona iminonjana yalokhu ezincwadini zamaJuda, njenge-Midrash Rabbah, echaza uMose njengomanduleli ‘woMhlengi wokugcina,’ noma uMesiya.
Yinto engenakuphikwa ukuthi uJesu wayefana noMose ngezindlela eziningi. (Bheka ibhokisi elithi “UJesu—Umprofethi OnjengoMose.”) UJesu unamandla negunya. (Mathewu 28:19) UJesu ‘unomoya omnene futhi uthobekile ngenhliziyo.’ (Mathewu 11:29) UJesu uyakuzonda ukweqa umthetho nokungabi nabulungisa. (Hebheru 1:9) Ngenxa yalokho angaba umholi esimdinga kakhulu! Nguye ozoqeda ububi maduze nje enze lo mhlaba ube yiPharadesi elichazwa eBhayibhelini.b
a Bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Uma uthanda ukufunda okwengeziwe ngesithembiso seBhayibheli sepharadesi lasemhlabeni ngaphansi koMbuso kaKristu, siza uthintane noFakazi BakaJehova. Bayokujabulela ukutadisha iBhayibheli nawe ngaphandle kwenkokhiso.