UJesu Kristu Waba Kanjani Umprofethi OnjengoMose?
UJEHOVA UNKULUNKULU akawaqambi amanga. (Thithu 1:2; Heberu 6:18) Ngakho-ke, iziprofetho zeZwi lakhe, iBhayibheli, zinokwethenjelwa futhi ziyiqiniso. Ziyagcwaliseka nakanjani.
Phakathi kwaleziprofetho eziphefumlelwe ngokwaphezulu kunaleso esabhalwa umprofethi ongumHeberu uMose ngokuqondene noMesiya. Ecaphuna uJehova, uMose wathi: “Ngiyakubavusela [amaIsrayeli] umprofethi onjengawe [Mose] phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.”—Duteronomi 18:17, 18.
Umphostoli uPetru wasebenzisa lesiprofetho kuJesu Kristu lapho ethi: “UMose kambe wathi iNkosi uNkulunkulu iyakunivusela umprofethi kubazalwane benu njengami; niyakumlalela kukho konke azakukukhuluma kini.” (IzEnzo 3:22) Eqinisweni, uJesu ngokwakhe wayethe: “Uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami.” (Johane 5:46) Iziphi izindlela uJesu noMose ababefana ngazo?
Babefana Ekuqaleni Kwenkambo Yabo Yokuphila
Bobabili uMose noJesu basinda ekubulaweni kwabantwana besilisa abasebancane kakhulu. Usana olunguMose lwafihlwa emihlangeni ezinkwazini zoMfula iNayili futhi ngaleyondlela wasinda ekubulaweni kwezingane zesilisa ezingamaIsrayeli njengoba uFaro waseGibithe ayeyalile. Njengomntwana, uJesu naye wasinda ekubulaweni kwabesilisa abafinyelela eminyakeni emibili ubudala eBetlehema nasezifundeni zakhona. Lokuceka kwakuyalwe iNkosi uHerode Omkhulu, nayo eyayiyisitha sikaNkulunkulu nabantu baKhe njengoFaro.—Eksodusi 1:22–2:10; Mathewu 2:13-18.
Umoya wobumnene, noma wokuthobeka, waboniswa yibo bobabili uMose noJesu. Nakuba ayekhuliswe njengendodana emzini wenkosi enamandla yaseGibithe, uMose “wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.” (Numeri 12:3) Ngokuqhathaniswa, uJesu wayeke wakhonza njengesikhulu esinamandla uMikayeli ezulwini kodwa ngokuzithoba weza emhlabeni. (Daniyeli 10:13; Filipi 2:5-8) Ngaphezu kwalokho, uJesu wayenozwela ngabantu futhi wayengase athi: “Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.”—Mathewu 11:29; 14:14.
Ngenxa yenkonzo kaJehova, bobabili uMose noJesu bashiya izikhundla ezivelele nengcebo enkulu. Ukuze akhonze uJehova nabantu baKhe, uMose washiya ingcebo nendawo enethezekile eGibithe. (Heberu 11:24-26) Ngokufanayo, uJesu washiya isikhundla esihle kakhulu nengcebo ezulwini ukuze akhonze uNkulunkulu nabantu baKhe emhlabeni.—2 Korinte 8:9.
UMose noJesu bobabili baba abagcotshiwe bakaNkulunkulu. Umprofethi uMose wakhonza njengogcotshiweyo kaJehova esizweni sakwaIsrayeli. Njengoba umphostoli uPawulu asho, uMose ‘wathi ukuthukwa ngenxa yokuba nguKristu [ogcotshiweyo] kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe.’ (Heberu 11:26; Eksodusi 3:1–4:17) UJesu waba nini nguKristu, noma oGcotshiweyo? Lokhu kwenzeka ngenkathi egcotshwa ngomoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla ayisiphekupheku, lapho ebhapathizwa. Kowesifazane ongumSamariya emthonjeni kaJakobe eSikhari naphambi kompristi omkhulu wakwaIsrayeli lapho kuqulwa icala lakhe, uJesu wakufakazela ukuthi wayenguMesiya, noma uKristu.—Marku 14:61, 62; Johane 4:25, 26.
Bobabili uMose noJesu bazila ukudla izinsuku ezingu-40. Ekuqaleni kwenkambo yakhe njengomkhulumeli kaNkulunkulu, uMose wazila ukudla izinsuku ezingu-40 ngesikhathi esentabeni iSinayi. (Eksodusi 34:28) UJesu wazila ukudla izinsuku ezingu-40 ehlane futhi wamelana nokulingwa uSathane ekuqaleni kwenkambo yakhe njengoMesiya othenjisiwe.—Mathewu 4:1-11.
Womabili Lamadoda Akhazimulisa UNkulunkulu
UJehova wasebenzisa bobabili uMose noJesu ukuze akhulise igama laKhe elingcwele. UNkulunkulu watshela uMose ukuba aye kumaIsrayeli ngegama ‘likaJehova, uNkulunkulu wawoyise.’ (Eksodusi 3:13-16) UMose wamelela uNkulunkulu phambi kukaFaro, owagcinwa ephila ukuze kubonakaliswe amandla kaJehova negama laKhe limenyezelwe emhlabeni wonke. (Eksodusi 9:16) UJesu ngokufanayo weza egameni likaJehova. Ngokwesibonelo, uKristu wathi: “Ngizé egameni likaBaba, aningamukeli.” (Johane 5:43) UJesu wakhazimulisa uYise, walibonakalisa igama likaJehova kubantu uNkulunkulu ayemnike bona, futhi walenza laziwa kabanzi emhlabeni.—Johane 17:4, 6, 26.
Ngamandla aphezulu, bobabili uMose noJesu benza izimangaliso ezazikhazimulisa uNkulunkulu. UMose wenza izimangaliso ukuze afakazele ukuthi wayethunywe uJehova uNkulunkulu. (Eksodusi 4:1-31) Kuyo yonke inkambo yakhe, uMose, owasetshenziswa uNkulunkulu ukuba ahlukanise uLwandle Olubomvu, waqhubeka enza izimangaliso ezazikhazimulisa uJehova. (Eksodusi 5:1–12:36; 14:21-31; 16:11-18; 17:5-7; IHubo 78:12-54) Ngokufanayo, uJesu waletha inkazimulo kuNkulunkulu ngokwenza izimangaliso eziningi. Zaziziningi kangangokuba uJesu wayengathi: “Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi.” (Johane 14:11) Phakathi kwezimangaliso zakhe kwakunaleso athulisa kuso isiphepho esinamandla, uLwandle LwaseGalile lwathula.—Marku 4:35-41; Luka 7:18-23.
Okunye Ukufana Okubalulekile
UMose noJesu bobabili babehlangene nelungiselelo eliyisimangaliso lokudla. UMose wayengumprofethi kaJehova ngenkathi kulungiselelwa amaIsrayeli ukudla ngokuyisimangaliso. (Eksodusi 16:11-36) Ngokufanayo, ezenzakalweni ezimbili ezilotshwe eBhayibhelini, uJesu wasuthisa izixuku ngokuyisimangaliso ngokudla okungokwenyama.—Mathewu 14:14-21; 15:32-38.
Imana evela ezulwini yayihlangene nenkonzo yabo bobabili uMose noJesu. UMose wayehola amaIsrayeli ngenkathi elungiselelwa imana ngokungathi ivela ezulwini. (Eksodusi 16:11-27; Numeri 11:4-9; IHubo 78:25) Ngendlela efanayo kodwa ebaluleke kakhulu, uJesu walungiselela eyakhe siqu inyama njengemana evela ezulwini ukuze kuphile isintu esilalelayo.—Johane 6:48-51.
Bobabili uMose noJesu bahola abantu babakhipha ebugqilini babayisa enkululekweni. UMose wasetshenziswa uNkulunkulu ukuba ahole amaIsrayeli awakhiphe ebugqilini baseGibithe futhi awayise enkululekweni njengabantu baKhe. (Eksodusi 12:37-42) Ngokufanayo, uJesu Kristu ubehola abalandeli bakhe ebayisa enkululekweni. UKristu usazoholela isintu esilalelayo enkululekweni asikhiphe ekugqilazweni inhlangano kaSathane uDeveli, kanye nasesonweni nokufa.—1 Korinte 15:24-26; Kolose 1:13; 1 Johane 5:19.
UMose noJesu bobabili baba ngabalamuleli bezivumelwano. UMose wayengumlamuleli wesivumelwano soMthetho, phakathi kukaJehova uNkulunkulu namaIsrayeli. (Eksodusi 19:3-9) UJesu unguMlamuleli wesivumelwano esisha, phakathi kukaNkulunkulu noIsrayeli ongokomoya.—Jeremiya 31:31-34; Luka 22:20; Heberu 8:6-13.
Ukwahlulela kwanikezwa bobabili uMose noJesu Kristu. UMose wakhonza njengomahluleli nomniki-mthetho kuIsrayeli ongokwenyama. (Eksodusi 18:13; Malaki 4:4) UJesu ukhonza njengoMahluleli futhi uye wanikeza “uIsrayeli kaNkulunkulu” ongokomoya imithetho nemiyalo. (Galathiya 6:16; Johane 15:10) UKristu ngokwakhe wathi: “UYise kahluleli-muntu; ukuniké iNdodana konke ukwahlulela ukuba bonke bazise iNdodana, njengokuba bazisa uYise. Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo.”—Johane 5:22, 23.
Bobabili uMose noJesu babephathiswe ubunhloko phezu kwendlu kaNkulunkulu. UMose wayethembekile njengenhloko phezu kwendlu kaNkulunkulu kuIsrayeli wasendulo. (Numeri 12:7) Ngokufanayo, uJesu wenziwa iNhloko yendlu kaJehova engokomoya yamadodana futhi uye wazibonakalisa ethembekile kuyo. Ngempela, uJesu “wayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke. Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu. . . . UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube-ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa, kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube-sekupheleni.”—Heberu 3:2-6.
Ngisho nasekufeni, uMose noJesu babefana. Kanjani? Nokho, uJehova wasusa isidumbu sikaMose, evimbela abantu ukuba bangasiphathi ngokungafanele noma basenze isithixo. (Duteronomi 34:5, 6; Juda 9) Ngokufanayo, uNkulunkulu wasisusa isidumbu sikaJesu, engasivumeli ukuba sibone ukonakala futhi ngaleyondlela evimbela ukuba sibe yisikhubekiso okholweni.—IHubo 16:10; IzEnzo 2:29-31; 1 Korinte 15:50.
Lalela Isiprofetho
Lezi kungezinye izindlela uJesu Kristu aba ngazo umprofethi onjengoMose. Yeka indlela amazwi kaNkulunkulu kuMose ngokuqondene nokuza kwalowomprofethi agcwaliseka ngayo!
Akukho kungabaza ngokuthi uJehova wasifeza isithembiso sakhe esingokwesiprofetho sokuvusa umprofethi onjengoMose. Amazwi kaDuteronomi 18:18 agcwaliseka ekuphileni nakokuhlangenwe nakho kukaJesu Kristu. Futhi ukugcwaliseka okunjalo kusinikeza isizathu sokwethembela nakwezinye izici ezingokwesiprofetho zeZwi likaNkulunkulu. Ngakho-ke, ngaso sonke isikhathi masilalele isiprofetho seBhayibheli.