Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 12/8 k. 17-k. 18 isig. 7
  • Ukudla Okuvela Esivandeni Sakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukudla Okuvela Esivandeni Sakho
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umkhaya Uhlangabezana Nenselele
  • Indlela Abaqala Ngayo
  • Lima Esakho Isivande!
  • Uthando Lwethu Ngengadi
    I-Phaphama!—1997
  • Ukuhlola Ezinye Zezingadi Ezidumile
    I-Phaphama!—1997
  • Ukuvakashela Engadini Ehlukile
    I-Phaphama!—1999
  • Insimu Enhle
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 12/8 k. 17-k. 18 isig. 7

Ukudla Okuvela Esivandeni Sakho

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECENTRAL AFRICAN REPUBLIC

EMAZWENI amaningi, usuku ngalunye abantu bakhathazeka ngokuthi bazoyondla kanjani imikhaya yabo. Ngokuvamile intengo ephakeme yemifino evamile ikwenza kube yinselele ukondla umkhaya. Nokho, abanye baye bathola ikhambi elilula—ukuzitshalela imifino ethile!

Mhlawumbe ungase uthande ukuzama ukuzitshalela esakho isivande. Yiqiniso, ungase ungabi nayo indawo eyanele kwakho, kodwa mhlawumbe kunesiqephu sendawo eduze ongahlela ukuba uzitshalele kuso. Cabanga ngemali ongayonga ngokuzitshalela okwakho ukudla okwehl’ esiphundu nokunomsoco! Ukulima kungase kube nayindlela yokuthola ithuba lokuvivinya umzimba okudingayo. Isivande singaba nawumsebenzi womkhaya izingane zakho ezingawujabulela. Yebo, ukulima isivande semifino kuyafundisa. Kufundisa umuntu izimfanelo ezinjengokubekezela. (Jakobe 5:7) Ngaphezu kwalokho, ukubona izinto zikhula kungakusondeza kakhudlwana kuMdali wazo zonke izinto ezinhle.—IHubo 104:14.

Kodwa-ke, ungacabangi ukuthi ukulima isivande akuwona umsebenzi noma ukuthi uyothola imiphumela ngokushesha. Nokho, ngokuzimisela nangolwazi oluncane, ungaphumelela!

Umkhaya Uhlangabezana Nenselele

Ngokwesibonelo, cabanga ngoTimothée noLucie—umbhangqwana ongamaKristu onezingane ezimbili, ohlala eBangui, inhloko-dolobha yaseCentral African Republic. Wathola ukuthi ukuzilimela esawo isivande kuyindlela esebenzayo nejabulisayo yokunezela eholweni lawo elincane.

Lapho uLucie eneminyaka engu-13 ubudala, wayenesivande eduze kwakubo, ayesinakekela ngemva kwesikole nangezimpelasonto. Wayekujabulela ukusibona sikhula. Nokho, kwadlula iminyaka ngaphambi kokuba umqondo wokulima isivande somkhaya ufike engqondweni yakhe. Wahlela ukusebenzisa indawo eseduze okwakulahlwa kuyo udoti. ULucie wabona ukuthi yayingasebenziseka. Esikhundleni sokonakalisa le ndawo, udoti owawubola ngokuhamba kweminyaka wawuyivundisile inhlabathi. ULucie noTimothée banquma ukushintsha leso siqephu sendawo basenze isivande esikhiqizayo.

Indlela Abaqala Ngayo

Nokho, kwakudingeka baqale ngokwenza ucwaningo. Baxoxa nabanye abantu ababenolwazi ngokutshala imifino futhi balalelisisa. Njengoba lesi siqephu sendawo kwakuzodingeka siniselwe, bafunda nokumba owabo umthombo. Ukufunda izincwadi ezikhuluma ngokulima nako kwaba usizo.

Bafunda ngokusebenzelana kwezilimo, futhi bathola ukuthi ezinye izilimo ziyachuma uma zindawonye. Nokho, ezinye izilimo ziyabulalana. Abanye bathi izaqathe notamatisi kuyezwana engadini. Ngokufanayo, ukutshala i-celery nokholifulawa ndawonye kuzisiza zombili lezi zilimo. Kanti idile “liwumngane” kaphizi, ukhukhamba, uletisi no-anyanisi. Nokho, uletisi oluhlaza ne-parsley akuzwani. U-anyanisi uyawubulala ubhontshisi oluhlaza nophizi. Lapho izilimo zixabana, ziba buthaka bese kuba lula ukuba zihlaselwe yizilokazane nezinambuzane eziyingozi.

UTimothée noLucie bafunda nokuthi akuhlakaniphile ukutshala isilimo esisodwa ensimini. Uma sihlaselwa yizinambuzane noma izifo, bangalahlekelwa yikho konke. Ukutshala izilimo ezihlukahlukene abazikhethe kahle kwabasiza ukuba bayinciphise leyo ngozi. Izithombo ezingamakhambi nezimbali zazenza isivande sabo sibe nemibalabala, sikhange, futhi sibe sihle futhi zazibiza izinyosi nezinye izinambuzane eziwusizo ezigcina izivande ziphilile.

Lo mbhangqwana wathola nezindlela zokugwema ukusebenzisa izifutho ezinobuthi ezilimweni zawo. Wafunda ukuthi ukutshala nje isweli kungaqeda izilokazane ezithile engadini.a

Kwadingeka ukuzikhandla okukhulu nokubekezela, kodwa namuhla uTimothée noLucie banesivande esichumayo. Sikhiqiza iklabishi, i-parsley, utamatisi, izaqathe, ukhukhamba ne-eggplant—ngezinye izikhathi okuningi ngaphezu kwalokho umkhaya ongakudla!

Lima Esakho Isivande!

Kodwa-ke, akubona abantu base-Afrika kuphela abaye bathola ukuthi kuwusizo ukuzilimela izivande. Ngokwesibonelo, eJalimane kunezivande ezabiwe ezisemadolobheni ezingaphezu kwesigidi. Njengoba ngezinye izikhathi zibizwa ngokuthi ama-Schrebergaerten (zethiwe ngodokotela ongumJalimane uDaniel Schreber), lezi zivande ezabiwe ziyiziqeshana zendawo (engaba amamitha-skwele angu-200 kuya kwangu-400) eziqashiselwa abantu basemadolobheni. Umcwaningi othile uthi lezi zivande “zifeza indima ebalulekile ekukhiqizweni kwezithelo nemifino emisha.” Lezi zivande zibuye zibe yiziqeshana “zepharadesi” kubalimi bazo—indawo abasebenza futhi bashaywe umoya kuyo.

IBhayibheli lithembisa ukuthi maduzane, umhlaba uyoba ingadi yembulunga yonke—ipharadesi langempela. (Luka 23:43) Nokho, okwamanje mhlawumbe ungase uthole isiqephu sendawo futhi ujabulele ukuvuna ukudla kwesakho isivande.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe kokuthi ungaziqeda kanjani izilokazane engadini ngaphandle kokusebenzisa izibulali zinambuzane, bheka isihloko esithi “Ukutshala Ngendlela Engokwemvelo,” kuyi-Phaphama! (yesiNgisi) ka-March 22, 2002.

[Isithombe ekhasini 18]

UTimothée noLucie bakha amanzi okunisela ingadi yomkhaya wabo

[Isithombe ekhasini 18]

Isivande esabelwe othile eMunich, eJalimane

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela