Umuntu Ulingisa Umklamo WoMdali
Kwenziwa yini ukuba ingilazi yezibani zikagesi ewuthwentwesana ingaphuki lapho uyicindezela noma uyifaka esikhoxweni sayo? Ngokwencwadi ethi How in the World?, impendulo isekwakhekeni kwayo, okulandela “umklamo wegobolondo leqanda.” Yize amagobolondo amaqanda ewuthwentwesana impela, isisindo sesikhukukazi asiwaphuli amaqanda lapho sihlala esidlekeni ukuze siwafukamele. Lokhu kungenxa yokuthi isimo sokwakheka kwamaqanda siwenza abe namandla awasiza ukuba amelane nokucindezelwa. (Amagobolondo aqine ngaphezu kwalokhu abeyokwenza kube nzima ngamatshwele ukuba awachoboze aphume.) Kulingiswa umklamo woMdali, ingilazi yezibani zikagesi ibulungene kangangokuthi lapho uyibamba, amandla “asabalala nxazonke asuke kule ndawo obambe kuyo ngenxa yokubulungana kwale ngilazi.” Ngakho, njengeqanda, amandla awabi makhulu endaweni eyodwa, okwenza ukuba ingilazi ingaphuki. Yeka ukuthi ziningi kangakanani izinto umuntu aye wazifunda ngokuqaphelisisa indalo!