Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 10/8 k. 26
  • Ukukhulumisana Okuholela Ekuphileni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhulumisana Okuholela Ekuphileni
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyamlalela UNkulunkulu?
  • Ukuxhumana Phakathi Komkhaya Nasebandleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe Uyakhuluma NoNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukuxhumana Enkonzweni YobuKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • UJehova NoKristu—Bangabavelele Ekuxhumaneni Nabantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 10/8 k. 26

Ukukhulumisana Okuholela Ekuphileni

KUZO zonke izidalwa ezisemhlabeni, abantu kuphela abanganeliseki ngokukhulumisana bebodwa. Kungakhathaliseki ukuthi buyini ubuzwe babo, isikhundla emphakathini, ubulili, noma izinga lemfundo, abantu baye babonisa ukuthi banesifiso semvelo sokukhuluma nomuntu ophakeme kunabo bonke, uNkulunkulu.

Ingabe leyo inkolelo-ze nje engenangqondo? Lutho neze! Njengoba kushiwo esihlokweni esandulele, uNkulunkulu wadala abantu ngomfanekiso wakhe. Wafaka kithi isidingo sezinto ezingokomoya. Lokhu kuhlanganisa isifiso sokukhuluma naye njengoBaba wethu wasezulwini. (Genesise 1:27; Mathewu 5:3) Eqinisweni, uNkulunkulu ubheka ukukhuluma naye njengokubaluleke kakhulu kangangokuthi ubizwa ngokuthi ‘uMuzwi womthandazo.’—IHubo 65:2.

Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuthandaza kuMninimandla onke! Abantu abaningi bakubheka njengelungelo ukukhuluma ubuso nobuso nomhlonishwa, njengomongameli noma undunankulu. Kodwa, uJehova uNkulunkulu uphakeme kunabo bonke abantu endaweni yonke! Futhi akudingeki sisicele kusengaphambili isikhathi sokukhuluma naye. Singathandaza noma nini, noma sikuphi. Singakwazi ngisho nokukhuluma noNkulunkulu buthule ngenhliziyo. (1 Samuweli 1:12-15) Nokho, uJehova ufuna sibe qotho futhi simlalele ngokuzithoba. (Mika 6:8; Mathewu 6:5-13) Phela, ukukhulumisana okuhle kuhilela nokulalela, akunjalo?

Ingabe Uyamlalela UNkulunkulu?

Umuntu umlalela kanjani uNkulunkulu? Ngokuyinhloko ngokufunda nangokusebenzisa izimfundiso ezitholakala eZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli Elingcwele. (2 Thimothewu 3:16; 2 Petru 1:20, 21) UJesu wathi: ‘Umuntu kumelwe aphile ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.’ (Mathewu 4:4) Ingabe uyamlalela uNkulunkulu ngokufunda nangokusebenzisa iZwi lakhe elilotshiwe?

Labo abakhuluma njalo noJehova bathola umusa wakhe futhi bajabulela “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.” (Filipi 4:6, 7; IzAga 1:33) Futhi banethemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi, kungekho konke ukukhathazeka nokuhlupheka esibhekene nakho namuhla. (IHubo 37:29; Johane 17:3) Yeka imivuzo emangalisayo yokusisebenzisa ngokugcwele isimangaliso sokukhulumisana okunengqondo!

[Isithombe ekhasini 26]

Ukukhuluma noNkulunkulu kuhilela ukufunda iBhayibheli nokuthandaza

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela