Ingabe “Inkolo Yomuntu Siqu” Iyikhambi?
NJENGOBA abantu bengasenkamunkamu ngenkolo ehleliwe, akumangalisi ukuthi abantu abaningi bazakhela inkolo yabo siqu. Kodwa imibuzo iwukuthi, Ingabe ukwenza kanjalo kungazanelisa ngempela izidingo zomuntu ezingokomoya? Ingabe “inkolo yomuntu siqu” iyikhambi?
Ukuze siphendule le mibuzo, singase siqale sicabangele ukuthi inkolo yomuntu siqu ingaphumelela ngempela yini lapho siyicwaninga sisebenzisa ‘amandla ethu okucabanga,’ esinye sezipho ezinkulu umuntu anazo.—Roma 12:1.
Ingqondo ecabangayo ivame ukukwenqaba okuziphikisayo. Kodwa, lapho kuhlolwa inkolo yomuntu siqu eSweden, kwaphethwa ngokuthi abantu bavame “ukuba bamane bahlanganise izici zenkambiso yokuphila ezihlukahlukene (futhi mhlawumbe ezingavumelani nhlobo) bazenze inkambiso yabo yokuphila.”
Ngokwesibonelo, amaphesenti amabili kuphela alabo ababethi “bangamaKristu ngendlela yabo” akhuluma ngoJesu, ngisho nanjengomuntu ongokomlando. Kodwa inkolelo yokuphindukuzalwa kwakukhulunywa ngayo kaningi. Khona-ke, ingabe akukhona ukuguquguquka ukuzibiza ngomlandeli kaJesu kodwa ube uyishaya indiva indlela yakhe yokuphila nezimfundiso zakhe—futhi uze wamukele nezimfundiso eziphikisana ngokuphelele nezikaKristu?a
Amandla ethu okucabanga avame ukugwema izinto ezibonakala zingacacile futhi zingachazeki. Kodwa, lapho bebuzwa ukuthi bayakholelwa yini “kuNkulunkulu noma emandleni aphezulu,” abaningi okwaxoxwa nabo baphendula ngokuthi kungenzeka kube khona “Okuthile” okunjalo. Omunye wathi: “Ngiyakholelwa kokuthile okungaphezu kwemvelo kodwa hhayi ngempela uNkulunkulu.” Labo ababekholelwa kuNkulunkulu babenomuzwa wokuthi “wayefeza indima engabalulekile ekuphileni kwabo.” Ngakho umbiko wachaza inkolo yomuntu siqu ngokuthi “imiqondo enhlakanhlaka,” futhi waphetha ngokucaphuna enye yezimpendulo ezivamile: “Ngiyakholelwa kokuthile, kodwa angiqiniseki ukuthi kuyini.”
Ukuhlolwa kwenkolo yomuntu siqu eCanada kwabonisa imiphumela efanayo. Umagazini i-Alberta Report uyaphawula: “Manje sibona izinga eliphezulu lokukholelwa kunoma yini ongase uyicabange, kodwa akukho sizathu salokho. Futhi uma sizama ukuthola ukuthi lezi zinkolelo zinikeza siphi isiqondiso ekuphileni kwabantu, asitholi lutho ngempela. Akukho lutho ezilwenzayo ekuqondiseni ukuziphatha. Ngakho azifezi lutho.” Lo magazini wakhuluma “ngonkulunkulu oyizicucu” ngoba labo abathatha lezi zinkolelo “bakhetha izicucu zezinkolelo ezivamile.” Ingabe kuzwakala kunengqondo kuwe ukusekela izimfundiso zenkolo—ngisho nethemba lekusasa—emibonweni eyize, engakholisi neyizicucu ngale ndlela?
Isidingo Sethu Sobudlelwane Nabanye
Sekuyisikhathi eside amakholwa ebazisa ubudlelwane, ubuzalwane nobumbano. (IzEnzo 2:42, 46) Kodwa njengoba inkolo yomuntu siqu iyilokho kanye—eyomuntu siqu—ingazigcwalisa kanjani lezi zidingo?
Ingabe inkolo yomuntu siqu, lapho “wonke umuntu akha isonto lakhe,” ayibangeli ukwehlukana okukhulu ngokwenkolo kubantu? “Inkolo manje isiyindaba yemibono yomuntu siqu . . . , futhi ngenxa yalokho sesinezwe elingenazo nje izinkolelo ezingamakhulu ambalwa kodwa eziyizigidi ezimbalwa,” kuphawula i-Alberta Report. Ngakho-ke akumangalisi ukuthi inkolo yomuntu siqu ize yachazwa njengesiphithiphithi esingokomoya.
Kuthiwani Ngezimiso?
UMbhishobhi waseSweden uMartin Lönnebo lapho exoxa nephephandaba i-Svenska Dagbladet uphawula ukuthi “inkolo yomuntu siqu ngeke iyicebise inkathi yethu, futhi iyahluleka ukudlulisela izimiso zayo enkathini entsha.” Lo mbono uqinisekiswa isimo sengqondo esivamile abazali baseSweden abanaso ngokukhulisa izingane. I-Svenska Dagbladet ifingqa lesi simo sengqondo ngale ndlela: “Kholelwa okuthandayo! Futhi ungaziphoqi izingane zakho ukuba zikhethe. Kodwa ziyeke zikhethe uma sezikhule ngokwanele.”
Leli phephandaba lavuma ukuthi ukunikeza izingane izimiso zenkolo kungase kubhekwe njengokuzifunza ngezinkolelo ezithile. Nokho, leli phephandaba laphetha: “Lokhu okudlulisela ezinganeni kungase kube yinzuzo futhi kungase kube yiyona ndlela yokuba . . . zizikhethele.” Ngempela, usizi lwamanje lwentsha lubonisa ukuthi inkolo yomuntu siqu ayenzanga lutho ukuze ihlanganise imikhaya ngesisekelo sezimiso eziqinile ezingadluliselwa zisuka kwesinye isizukulwane ziye kwesilandelayo.
Ngakho-ke, kubonakala sengathi inkolo yomuntu siqu ayinakunikeza izimpendulo ezinokwethenjelwa, ezingaguquguquki zemibuzo yokuphila, futhi ayinakubahlanganisa abantu noma yanelise isidingo sesintu sesiqondiso sokuziphatha. Isihloko esicashunwe ngaphambili kuyi-Svenska Dagbladet sazwakalisa lo mbono ngenkolo yomuntu siqu: “Uma ‘ukholo’ lunayo yonke into, alunanzuzo. Futhi uma inkululeko ingadingi ukubekelwa imingcele, iba buthakathaka.”
Kusobala ukuthi ezicini eziningi inkolo yomuntu siqu ayizanelisi izidingo zabantu ezingokomoya. Kodwa ngempela umuntu angalindela kanjani ukwanelisa izidingo ezinjalo ngokufanele ngokumane akhethe izinkolelo emasikweni ahlukahlukene, sengathi ukhetha ukudla okuconsisa amathe etafuleni elinezinhlobonhlobo zokudla? Kusobala nokuthi inkolo ehleliwe ayizanelisanga lezo zidingo. Pho, singaphendukelaphi?
[Umbhalo waphansi]
a UJesu akazange afundise ukuthi abafile baphinde bazalwe. Kunalokho, wafundisa ukuthi abafile basesimweni sokungabi khona esinjengokulala, balindele uvuko esikhathini esizayo.—Johane 5:28, 29; 11:11-14.
[Isithombe ekhasini 24, 25]
Ingabe kufanele sibheke inkolo njengetafula elinezinhlobonhlobo zokudla, sizikhethele izinkolelo ezithandwa yithi?