Indlela Engcono Kakhulu Yokwanelisa Izidingo Zakho Ezingokomoya
KUNGANI ABANTU bedinga inkolo? Abanye bangase bathi abantu baphendukela ezintweni ezingokomoya ukuze bathole ukulondeka ezweni elingalondekile. Kodwa kunokungaphezulu kwalokho. Isihloko esikumagazini i-American Sociological Review saphawula: “Isidingo sokulondeka akukuphela kwento edonsela abantu enkolweni. Abantu bebelokhu befuna izimpendulo zemibuzo enjengokuthi: Sivelaphi? Siyaphi? Kungani silapha?”
Akungabazeki ukuthi uzovuma ukuthi leyo yimibuzo ebaluleke ngempela. Ngenxa yalokho, ingabe ayidingi izimpendulo ezinokwethenjelwa? Imibuzo enjalo ibalulekile futhi ijule kakhulu ukuba ingaphendulwa ngokumane sikhethe izinkolelo zenkolo emasikweni ahlukahlukene ngenxa nje yokuba zithandwa yithi. Ukuze sithole izimpendulo ezizwakalayo nezinokwethenjelwa emibuzweni ejulile yokuphila, ngempela sidinga indlela engcono.
Ingabe kukhona okuthile okungcono? UFerrar Fenton, umhumushi weBhayibheli, washo okuthile okuphawulekayo ngaleyo ncwadi. Wayibiza ngokuthi “ukuphela kwesihluthulelo esivulela uMuntu Imfihlakalo Yendawo Yonke, nesivulela uMuntu Imfihlakalo Enguye Ngokwakhe.” Yebo, iBhayibheli liphendula imibuzo ngesikhathi esidlule, samanje nesizayo. Lisitshela ukuthi savelaphi, iyini injongo yokuphila, indlela esingathola ngayo injabulo, nokuthi ikusasa lisiphatheleni. Ayikho enye incwadi emlandweni eye yaba nethonya njengeBhayibheli; futhi ayikho enye incwadi eye yasinda ekuhlaselweni kanzima kaningi kangaka. Pho, kungani abaningi kangaka bengayishayi mkhuba le ncwadi evelele uma befuna izimpendulo zemibuzo yokuphila?
Abantu abaningi abakaze bazinike isikhathi sokucabanga ngomehluko omkhulu phakathi kweBhayibheli namasonto abawaziyo. Baye babona ukuthi labo okuthiwa amaKristu babulalana kanjani ngegama likaNkulunkulu. Njengoba i-Guardian yaphawula, abaningi baye bakhononda ngokuthi “ezinsukwini zanamuhla abapristi banesithakazelo kakhulu ekuqongeleleni imali kunasekuhambeleni abantu.” Mhlawumbe bacabanga ukuthi iBhayibheli liyakuvumela noma liyakuvuna ukuziphatha okunjalo. Iqiniso liwukuthi, iBhayibheli liyala amaKristu ukuba ‘athandane,’ futhi litshela labo abashumayela izwi, “Namukelé mahhala, yiphani mahhala.” (Johane 13:34; Mathewu 10:8) Khona-ke, ingabe kufanelekile ukwahlulela iBhayibheli ngezenzo zabantu abathi bayalihlonipha kodwa abangalilandeli?
Abaningi bakholelwa ukuthi iBhayibheli alivumelani nesayensi, liyaziphikisa futhi liphelelwe isikhathi. Kodwa ukulihlolisisa kubonisa okuphambene. Kuyavunywa, iBhayibheli aliyona incwadi yesayensi. Kodwa, uma lithinta izihloko eziphathelene nesayensi—njengohlelo izinto eziphilayo ezavela ngalo emhlabeni, ukuma komhlaba, noma ukwelashwa okufanele kwezifo ezithathelwanayo—iBhayibheli alishayi eceleni. Ngokuphambene, linezinkulumo ezashiwo kusasele amakhulu eminyaka ukuba zitholakale ukuthi zinjalo. Nakuba iBhayibheli linezincwadi ezingu-66 ezabhalwa enkathini eyiminyaka engu-1 600, zonke ziyavumelana. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli linikeza ukuqonda okubabazekayo mayelana nesimo somuntu, okulenza lisebenze kakhulu esikhathini samanje.
Le ncwadi ephawulekayo isho okuthile okubalulekile ngokukhulekela uNkulunkulu. Ithi ukukhulekela okunjalo kufanele kwenziwe ngendlela kaNkulunkulu, hhayi ngendlela yomuntu. (Johane 5:30; Jakobe 4:13-15; 2 Petru 1:21) Kodwa bambalwa abantu abaye basilandela ngempela leso simiso. Kusukela kudala, abantu baye benza izinkolo ukuba zivumelane nezinjongo zabo. Kunjalo uma abantu beqopha onkulunkulu babo ngezingodo bese bebakhulekela. Kunjalo uma izinkolo zifundisa izimfundiso ezizisungulele zona. Ingabe akukhona okufanayo ngabantu abazakhela inkolo yabo siqu ukuze ivumelane nalokho okuthandwa yibo?
Cabangela indlela ehlukile. Kungani ungenzi njengomahluleli omkhulu eNkantolo Ephakeme Yase-United States? Waphenya ubufakazi obuvuna nobuphikisa ubuqiniso beBhayibheli, esebenzisa inqubo efana naleyo aqula ngayo amacala enkantolo. Kwaba namiphi imiphumela? Wathi: “Ngiphethe ngokuthi iBhayibheli liyincwadi engaphezu kwevamile, ukuthi livela kuNkulunkulu.”
Ungazenzela kanjani ukuhlola okufanayo? Nakhu ukusikisela, ungase uzame isifundo seBhayibheli esihleliwe, uhlole izimpendulo zalo emibuzweni esekuqaleni kwalesi sihloko. KunoFakazi BakaJehova ababalelwa ezigidini eziyisithupha, emazweni angu-235, abaye benza isifundo esinjalo. Banikela ngesikhathi sabo ukuze bahlanganyele nabanye lokho abakufundile. Isifundo seBhayibheli sasekhaya abasiqhuba mahhala siye sasiza izigidi zabantu ukuba zithole ukholo olungeyona into yesikhashana noma yokukhetha okuthandayo. UbuKristu bangempela obuhlanzekile obuboniswe eBhayibhelini abuyona nje enye inkolo. Bumelela iqiniso ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe. Pho kungani waneliswa okungekhona okwangempela?—Johane 17:17.
[Izithombe ekhasini 26]
Indlela engcono kakhulu yokwanelisa izidingo zakho ezingokomoya iwukufunda ngoNkulunkulu eBhayibhelini futhi uzihlanganise nabakhulekeli beqiniso