Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 3/8 k. 12-k. 13 isig. 7
  • Ukwaneliseka Nenjabulo Yokufundisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwaneliseka Nenjabulo Yokufundisa
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uke Wababonga Othisha Bakho?
  • Ukufundisa—Lokho Okuhilelekile Kanye Nezingozi
    I-Phaphama!—2002
  • Kungani Kufanele Ube Nguthisha?
    I-Phaphama!—2002
  • Ngingasebenzelana Kanjani Kahle Nothisha Wami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Yini Engingayenza Ukuze Sizwane Nothisha Wami?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 3/8 k. 12-k. 13 isig. 7

Ukwaneliseka Nenjabulo Yokufundisa

“Yini engisizayo ukuze ngiqhubeke? Nakuba ukufundisa kungase kube nzima futhi kukhandle, ukubona izingane zijabulela ukufunda nokubona intuthuko yazo yikho okungikhuthaza ukuba ngiqhubeke.”—ULeemarys, uthisha waseNew York City.

NAPHEZU kwazo zonke izinselele, izithiyo nokudumazeka, izigidi zothisha emhlabeni wonke ziyakhuthazela emsebenzini eziwukhethile. Futhi yini eshukumisela izinkulungwane zabafundi ukuba zifundele ukuba othisha zibe zazi ukuthi zingase zingakutholi ukuqashelwa okufanele? Yini ezisizayo ukuze ziqhubeke?

U-Inna, uthisha waseRussia, wachaza: “Akuve kumnandi ukubona izingane owawuzifundisa sezindala, uzizwe zisho ukuthi lokho ezakufunda kuwe kwaba usizo. Kuyakhuthaza uma zisho ukuthi zayijabulela kakhulu iminyaka ezayichitha nawe.”

UGiuliano, uthisha ocashunwe ezihlokweni ezandulele, wathi: “Okunye okwanelisa kakhulu ukubona ukuthi uye waphumelela ekushukumiseni uthando lwezingane ngesifundo esithile. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba sengichaze iphuzu elithile kwezomlando, abanye abafundi bathi: ‘Ungayeki. Woza nayo!’ La mazwi avele aziphumele nje kubo angase akwenze ujabule nakuba kade udangele esikoleni ngoba uyaqaphela ukuthi intsha uyivuse usinga ebingenalo. Kumnandi ukubona ubuso bayo namehlo kuqhakaza ngenxa yokuba isisiqonda isifundo esithile.”

U-Elena, onguthisha e-Italy, wathi: “Ngikholelwa ukuthi ukwaneliseka kutholakala kakhulu ezintweni ezincane zansuku zonke, ekuphumeleleni okuncane kwabafundi, kunasemiphumeleni eyingqopha-mlando, engavamile ukwenzeka.”

UConnie wase-Australia osanda kweva emashumini amathathu eminyaka ubudala, wathi: “Kuwumvuzo omkhulu uma umfundi oye waba nobuhlobo obuhle naye lapho umfundisa ezinika isikhathi ukuze akubhalele incwadi ebonga ngemizamo yakho.”

U-Oscar waseMendoza, e-Argentina, naye uzizwa ngendlela efanayo: “Kungenza ngizizwe ngibalulekile uma abafundi bami behlangana nami emgwaqweni noma kwenye indawo bese bebonga ngalokho engabafundisa kona.” U-Angel waseMadrid, eSpain, wathi: “Okunganelisa kakhulu mina, njengoba ngiye nganikela ingxenye yokuphila kwami kulo msebenzi omuhle kodwa onzima, ngokungangabazeki ukubona izingane engangizifundisa ziba abesilisa nabesifazane abaqotho, ngokwengxenye ngenxa yemizamo yami.”

ULeemarys, ocashunwe ekuqaleni, wathi: “Nginomuzwa onamandla wokuthi othisha bawuhlobo olukhethekile lwabantu. Nathi siyinqaba ngokuthatha umthwalo omkhulu kangaka. Kodwa uma ungenza umehluko—ezinganeni eziyishumi noma kweyodwa—usuke usebenzile, futhi awukho umuzwa omnandi ukudlula lowo. Ukwenza ngenjabulo.”

Uke Wababonga Othisha Bakho?

Ingabe wena njengomfundi noma njengomzali, wake wababonga othisha ngesikhathi, umzamo nothando lwabo? Noma ingabe wake wabathumelela ikhadi noma incwadi yokubonga? U-Arthur waseNairobi, eKenya, waveza iphuzu: “Othisha nabo benza kahle uma betuswa. Uhulumeni, abazali nabafundi kufanele babahloniphe kakhulu othisha nezinkonzo abazifezayo.”

Uthisha ongumlobi uLouAnne Johnson wabhala: “Uma ngithola incwadi eyodwa egxeka uthisha othile, ngithola eziyikhulu ezitusa abanye, okuqinisekisa inkolelo yami yokuthi baningi othisha abenza kahle kunabangenzi kahle.” Ngokuthakazelisayo, abantu abaningi baze baqashe umseshi ukuba “abasize ekutholeni uthisha owayebafundisa. Abantu bafuna ukuthola othisha babo bababonge.”

Othisha babeka isisekelo esibalulekile semfundo yomuntu. Ngisho nawoprofesa abakhulu emayunivesithi adumile balapho nje ngenxa yothisha abazinika isikhathi futhi benza umzamo ukuze bashukumise futhi bahlakulele isifiso sabo semfundo, ulwazi nokuqonda. U-Arthur waseNairobi uthi: “Zonke izikhulu ezinhlanganweni zomphakathi nezizimele ziye zafundiswa uthisha ngesikhathi esithile ekuphileni kwazo.”

Yeka indlela okufanele sibonge ngayo kulabo besilisa nabesifazane abavusa ilukuluku lethu, abashukumisa ingqondo nenhliziyo, abasibonisa indlela yokwanelisa ukomela kwethu ulwazi nokuqonda!

Yeka ukuthi kufanele simbonge kakhulu kangakanani-ke uThisha Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, owaphefumulela amazwi ezAga 2:1-6: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.”

Phawula igama elinombandela elithi “uma” elivela izikhathi ezintathu kulowo mbhalo oshukumisa ingqondo. Cabanga nje, uma sizimisele ukubhekana naleyo nselele, ‘singafumana ukumazi uNkulunkulu’! Ngempela, leyo imfundo engcono ukuzedlula zonke.

[Ibhokisi ekhasini 13]

Umzali Ojabulayo

Le ncwadi elandelayo yatholwa uthisha waseNew York City:

“Ngithanda ukukubonga ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngalokho okwenzele izingane zami. Ngenxa yokukhathalela, umusa nekhono lakho, uye wazisiza ukuba zifinyelele lukhulu, engiqinisekayo ukuthi bezingeke zilufinyelele ngaphandle kwakho. Uye wangenza ngaziqhenya kakhulu ngezingane zami—into engingasoze ngayikhohlwa. Ozithobayo, S. B.”

Ukhona uthisha omaziyo ongase umkhuthaze?

[Isithombe ekhasini 12]

‘Akuve kumnandi ukubona amehlo ezingane eqhakaza ngenxa yokuthi seziyasiqonda isifundo esithile.’—UGIULIANO, E-ITALY

[Izithombe ekhasini 13]

‘Kuwumvuzo omkhulu lapho umfundi ezinika isikhathi sokukubhalela incwadi yokwazisa.’—UCONNIE, E-AUSTRALIA

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela