Kungani Kufanele Ube Nguthisha?
“Othisha abaningi bakhetha umsebenzi wabo ngoba usiza abanye. [Ukufundisa] kungukuzinikela ekwenzeni umehluko ekuphileni kwezingane.”—Teachers, Schools, and Society.
NAKUBA abanye othisha bekwenza kubonakale kulula, ukufundisa kungagcwala izithiyo—ukufundisa amakilasi aminyene, umsebenzi wamaphepha omningi, ukubekelwa imingcele, izingane ezingezwa neholo elincane. UPedro, onguthisha eMadrid, eSpain, wakubeka ngale ndlela: “Ukuba uthisha akulula neze. Kudinga ukuzidela okukhulu. Noma kunjalo, naphezu kobunzima ngisabheka ukufundisa njengomsebenzi ozuzisayo kunokusebenza kwezentengiselwano.”
Inselele ingakuqeda amandla ezikoleni zasemadolobheni amakhulu emazweni amaningi. Izidakamizwa, ubugebengu nokuziphatha okuxekethile, nokunganaki kwabazali ngezinye izikhathi kusithinta ngempela isimo sasesikoleni nesiyalo. Sivamile isimo sengqondo sokuhlubuka. Pho, kungani abantu abaningi kangaka abaneziqu bekhetha ukuba othisha?
ULeemarys noDiana bangothisha eNew York City. Bafundisa izingane zasenkulisa kuya kwezineminyaka eyishumi ubudala. Bobabili bakhuluma izilimi ezimbili (isiNgisi neSpanishi) futhi basebenzelana kakhulu nezingane ezingamaHispanic. Umbuzo wethu wawuthi . . .
Yini Eshukumisa Uthisha?
ULeemarys wathi: “Yini engishukumisayo? Uthando lwami ngezingane. Ngiyazi ukuthi kwezinye izingane ngiwukuphela komuntu osekela imizamo yazo.”
UDiana wathi: “Ngangifundisa umshana wami oneminyaka engu-8 ubudala, owayenenkinga esikoleni—ikakhulukazi yokufunda. Kwakumnandi kakhulu ukubona yena nabanye befunda! Ngakho nganquma ukuthi ngifuna ukufundisa, ngayeka ukusebenza ebhange.”
I-Phaphama! yababuza umbuzo ofanayo othisha basemazweni ahlukahlukene, futhi nazi ezinye zezimpendulo eyazithola.
UGiuliano, umNtaliyane owevile eminyakeni engu-40 ubudala, wachaza: “Ngakhetha lo msebenzi ngoba wawungithakazelisa lapho ngisengumfundi (kwesokudla). Ngangiwubheka njengovula ingqondo noshukumisa abanye. Intshiseko yami yokuqala yangisiza ukuba nginqobe ubunzima engabhekana nabo lapho ngisaqala emsebenzini.”
UNick waseNew South Wales, e-Australia, wathi: “Ayengekho amathuba emisebenzi emkhakheni wami wokucwaninga ngamakhemikhali, kodwa kwakunamathuba amaningi kwezemfundo. Kusukela lapho ngathola ukuthi ngiyakujabulela ukufundisa futhi nezingane zibonakala zikujabulela ukufundiswa yimi.”
Isibonelo sabazali ngokuvamile siye saba isici esiyinhloko kulabo abakhetha ukuba othisha. UWilliam, waseKenya, waphendula umbuzo wethu ngokuthi: “Isifiso sami sokufundisa sathonywa kakhulu ubaba, owayenguthisha kudala ngo-1952. Ukwazi ukuthi ngilolonga izingqondo zentsha kuye kwangenza ngabambelela kulo msebenzi.”
URosemary, naye ongowaseKenya, wasitshela: “Ngangilokhu nginesifiso sokusiza abantu abaswele. Ngakho kwakufanele ngikhethe phakathi kokuba umhlengikazi nokuba uthisha. Ithuba lokufundisa lavela kuqala. Iqiniso lokuthi nami ngingumama liye lakhulisa uthando lwami ngalo msebenzi.”
UBerthold, waseDüren, eJalimane, wayenesisusa esihlukile sokufundisa: “Umkami wangikholisa ngokuthi ngingaba uthisha onekhono.” Nangempela wayeqinisile. Wanezela: “Ngithola injabulo enkulu manje kulo msebenzi wami. Ngaphandle kokuba uthisha abone ukubaluleka kwemfundo futhi abe nesithakazelo entsheni, ngeke abe uthisha onekhono, ophumelelayo, onomdlandla nowanelisekile.”
UMasahiro, onguthisha waseJapane eNakatsu City, wathi: “Okwangishukumisela ukuthi ngibe uthisha ukuthi nganginothisha onekhono onyakeni wami wokuqala esikoleni esiphakathi. Wayesifundisa ngokuzinikela ngempela. Futhi isizathu esiyinhloko esingenze ngaqhubeka kulo msebenzi wami ukuthi ngiyazithanda izingane.”
UYoshiya, manje oneminyaka engu-54 ubudala naye ongowaseJapane, wayesebenza efektri ehola kahle kodwa waba nomuzwa wokuthi uyagqilazeka futhi uhamba njalo. “Ngolunye usuku ngacabanga, ‘Kuyoze kube nini ngiphila kanje?’ Nganquma ukufuna umsebenzi owawuzongenza ngisebenzelane kakhulu nabantu kunezinto. Ukufundisa kuhlukile. Usebenza nentsha. Kubonisa ubuntu.”
UValentina, waseSt. Petersburg, eRussia, naye uyasazisa leso sici sokuba uthisha. Wathi: “Ukufundisa kuwumsebenzi engiwuthandayo. Sengineminyaka engu-37 ngifundisa esikoleni sabaqalayo. Ngiyakujabulela ukusebenza nezingane, ikakhulukazi ezincane. Ngiyawuthanda umsebenzi wami, futhi yingakho ngingakawuthathi umhlalaphansi.”
UWilliam Ayers, naye onguthisha, wabhala: “Abantu baba othisha ngoba bayazithanda izingane nentsha, noma bayakuthanda ukuba nazo, ukuzibona zithuthuka futhi zikhula zikwazi ukuzenzela izinto, zibe namakhono, futhi zibe namandla kakhulu ezweni. . . . Abantu bafundisa . . . ngenjongo yokuzinikela ekusizeni abanye. Ngifundisa ngethemba lokwenza izwe libe yindawo engcono.”
Yebo, naphezu kobunzima nezithiyo, izinkulungwane zabesilisa nabesifazane abazinikele ziba othisha. Yiziphi ezinye zezinselele ezinkulu ezibhekana nazo? Isihloko esilandelayo sizocabangela lowo mbuzo.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Ukusikisela Kokuthuthukisa Ubuhlobo Phakathi Kukathisha Nomzali
✔ Yazi abazali. Awusichithi leso sikhathi. Kuwukusebenzisa isikhathi ngendlela enizuzisa nonke. Yithuba lakho lokuhlakulela ubuhlobo nalabo abangase babambisane nawe kangcono.
✔ Khuluma nomzali ngenhlonipho—ungakhulumi naye sengathi wena wazi kangcono. Gwema ukusebenzisa amatemu othisha.
✔ Uma ukhuluma ngezingane, qokomisa okuhle. Ukuncoma kuyaphumelela kakhulu kunokugxeka. Chaza ukuthi yini abazali abangayenza ukuze basize ingane iphumelele.
✔ Vumela abazali bakhulume, bese uyabalalelisisa.
✔ Qonda isimo sasekhaya sengane. Uma kungenzeka, vakasha kubo.
✔ Beka usuku enizophinde nibonane ngalo. Kubalulekile ukulandelela. Kubonisa ukuthi unesithakazelo esiqotho.—Kusekelwe kwethi Teaching in America.
[Isithombe ekhasini 6]
‘Ubaba naye wayenguthisha.’—UWILLIAM, EKENYA
[Isithombe ekhasini 7]
“Ngiyakujabulela ukusebenza nezingane.”—UVALENTINA, ERUSSIA
[Izithombe ekhasini 7]
“Ukufundisa kuhlukile. Usebenza nentsha.”—UYOSHIYA, EJAPANE