Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 12/22 k. 10-k. 12 isig. 6
  • Ukudla Okuphephile Kwabo Bonke Abantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukudla Okuphephile Kwabo Bonke Abantu
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukudla Okuphelele Okuvela KuMdali
  • Kuzoba Nokudla Okunempilo Kwabo Bonke—Maduze!
    I-Phaphama!—2012
  • Ingabe Udla Kahle Ngokomoya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ukudla Okwanele Kwabo Bonke!
    I-Phaphama!—1995
  • Kuphephe Kangakanani Ukudla Kwakho?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 12/22 k. 10-k. 12 isig. 6

Ukudla Okuphephile Kwabo Bonke Abantu

KUMNANDI ukudla ukudla okunempilo. Kodwa njengoba sesibonile, akulula ukuthola ukudla okunjalo. Okubi nakakhulu, kunezigidi zabantu abangenakwenza lutho ngokuthi ukudla kwabo kuphephile noma kunempilo ngokwanele yini noma cha. Bakhathazeka ngokuthola ukudla okwanele ukuze nje baphile. Ingabe uNkulunkulu wayehlose ukuba izinto zibe ngale ndlela?

Cabanga ngakho. Lapho uNkulunkulu ebeka owesilisa nowesifazane emhlabeni, ingabe kukhona okwakungabenza bakhathazeke ngokudla? Phinde! Umlando wencwadi yeBhayibheli kaGenesise uthi: “UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo.” (Genesise 2:9) Ngakho u-Adamu no-Eva babenezinhlobo ezijabulisayo zokudla futhi bedla kusale. UNkulunkulu owabadala wayazi kahle ukuthi yini ababeyidinga ukuze bondle imizimba yabo; wayazi nokuthi yini eyayizobenza bajabule. Kuyavunywa, asikho ensimini yase-Edene namuhla. Kodwa ingabe uNkulunkulu useyishintshile injongo yakhe yasekuqaleni ngesintu nangomhlaba?

Sinesizathu esizwakalayo sokukholelwa ukuthi ngokushesha bonke abantu emhlabeni bazojabulela inala yokudla okunempilo! Le nkolelo ingaba usizo olunamandla ekubeni sigcine isimo sengqondo sokulinganisela endabeni yokuphepha kokudla namuhla. Ithemba elinjalo, uma liqinisekile futhi linokwethenjelwa, lingasisiza ukuba sigweme ukuba nemibono eyeqisayo.

Kungani singaqiniseka kangaka ukuthi ngokushesha ukuphila kuzohluka? Abafundi abashisekayo beZwi likaNkulunkulu bayazi ukuthi manje siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso sezinto. Isimiso samanje sibuswa ukuhlakanipha komuntu, okungaqiniseki ezicini eziningi zokuphila futhi okufunda ngamaphutha. Uma kuziwa emaswini okulungisa ukudla, akuqinisekwa ukuthi aphephile yini noma ayingozi. Ukungaqiniseki okunjalo kubangela ukwesaba, ukungavumelani nokungezwani.—2 Thimothewu 3:1-5.

UMdali wesintu uye wathembisa ukuletha isimiso sezinto esisha esikhundleni salesi simiso sezinto samanje. Injongo yakhe yasekuqaleni—yokuba wonke umhlaba ube yipharadesi njengensimu yase-Edene, kuhlale kuwo umkhaya wabantu ojabulayo nonempilo—izogcwaliseka. Amandla ahlanganisayo okuhlakanipha okuphelele kukaNkulunkulu ayogcwalisa umhlaba. (Isaya 11:9) Ukuhlakanipha komuntu okungenakwethenjelwa ngeke kusasebenza. Isimiso esisha esenziwe uNkulunkulu siyochitha noma yisiphi isidingo sokungabaza ngokuphepha kokudla kwethu. Ingabe akukhona okunengqondo ukuphetha ngokuthi uNkulunkulu owadala abantu uyaziqonda izidingo zokondleka kwemizimba yethu?

Ukudla Okuphelele Okuvela KuMdali

IBhayibheli lineziprofetho ezicacile ngezimo zokuphila ngaphansi kwesimiso sezinto esizayo. Umprofethi u-Isaya wabhala: “[UNkulunkulu] uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi. Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyakudla ukudla okuyolisiweyo, okweliweyo ngefosholo nangembenge.”

Isiprofetho sika-Isaya futhi sithi: “UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.” I-New American Bible iwubeka kanje umusho wokugcina, “idili lokudla okunomsoco newayini eliphambili, ukudla okumnandi nokunomsoco kanye newayini elinempilo neliphambili.”—Isaya 25:6; 30:23, 24.

Ingabe ukuzwa kuthakazelisa lokho? Isiprofetho sika-Isaya sisiqinisekisa ngokuthi bonke abantu abaphila ngaphansi kwesimiso esisha sikaNkulunkulu bayoba nenala yokudla. Ingabe kuyoba okuphephile ukukudla? Akubuzwa. Esinye isiprofetho sisiqinisekisa ukuthi abantu bakaNkulunkulu “bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa.” (Mika 4:4) Ukulondeka okuphelele kanjalo kuyoqinisekiswa uMbuso kaMesiya kaNkulunkulu, ozobusa emhlabeni wonke esikhathini esizayo esiseduze.—Isaya 9:6, 7.

Ngeke kuphinde kube khona ukungabaza ngokuthi ukudla kuphephile yini noma cha. Ngokuphambene nalokho, siyojabula ngokuthi komunye nomunye: “Ujabulele ukudla kwakho” noma “guten Appetit” or “bon appétit.”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

Ngokushesha bonke abantu emhlabeni bazojabulela inala yokudla okunempilo

[Isithombe ekhasini 10]

UNkulunkulu uthembisa bonke abantu ukudla okuphephile nokunempilo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela