Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Umlando Ngibhala ngokuphathelene nochungechunge oluthi “Yini Okufanele Siyifunde Emlandweni?” (March 8, 2001) Lezi zihloko zaziphakathi kwezibhalwe ngobuciko obukhulu engake ngazifunda. Kwakunzima ukuwubeka phansi umagazini ngaze ngazishaya ngazivala. Kuyangimangalisa njalo ukucwaninga enikwenzayo kumagazini wenu kanye nobuningi nezinga eliphezulu lokwaziswa okukuwo.
M. C., United States
Isifo Esithena Amandla Ngiyabonga kakhulu ngesihloko esithi “Ukushikashikeka Kwami Nesifo Esithena Amandla.” (March 8, 2001) Ngaqala ukuphila ne-interstitial cystitis (IC) lapho ngineminyaka engu-18 ubudala. Bekulokhu kungikhathaza ukulinganiselwa okubangelwa yisifo enginaso. Benginomuzwa wokuthi angikhuthazeli ngokwanele, futhi ngiye ngazizwa ngingelutho. Ngemva kokufunda lesi sihloko, kwavela imizwelo okwase kuyiminyaka ivaleleke ngaphakathi. Ukufunda ukuthi uTanya Salay naye uthiywa yi-IC kwangisiza ukuba ngibe nombono ongcono ngezinto.
B. Y., United States
Uma ngifunda izihloko ezinjengalesi, izinkinga zami ziba ubala. Ngifisa ukuba uTanya Salay azi ukuthi ngiyaziqhenya ngaye nokuthi ngiyajabula kakhulu ngokuthi akazange azibulale kodwa wancika kuJehova. Nomyeni wakhe kufanele anconywe ngokumsekela.
I. W., United States
Siyabonga kakhulu ngezihloko ezinje. Nakuba thina singenazo lezi zinkinga, izihloko ezinjengalesi zisisiza ukuba sibaqonde kangcono abanazo.
C. L., United States
Uthando Olungabuyiswa Njengoba ngangifunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingamtshela Kanjani Ukuthi Angimthandi?” (March 22, 2001), kwavele kwabuya ubuhlungu engabhekana nabo. Ngashalazelela imizwa yami, futhi umshado wethu waba inhlekelele. Njengoba lesi sihloko sasho, “uzwela alusona isisekelo esihle sokwakhela umshado.”
A. M., United States
Kunensizwa eyangishela, kodwa ngenxa yokuthi imigomo yethu yayingafani, ngenqaba. Naphezu kwalokho, yaphinde yangitshela indlela ezizwa ngayo. Ngakhungatheka, nginovalo lokuthi uma ngiyitshela ukuthi angiyithandi, ngizosala ngingedwa. Kodwa lapho ngifunda lesi sihloko, amaphaphu ehla. Ngangazi ukuthi ngenzé isinqumo esifanele.
S. N., Japan
Ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokuthola lesi sihloko, insizwa ethile yathi kimi, “Ngifisa ukukwazi kangcono.” Kwavele kwadum’ upotiyane. Yayingikhanga le nsizwa kodwa ngangazi ukuthi ngisemncane kakhulu ukuba ngingaphola. Kodwa ngemva kokufunda lesi sihloko nokuphinda esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Abazali Bami Becabanga Ukuthi Ngisemncane Kakhulu Ukuba Ngingaphola?” (January 22, 2001), ngiyazi ukuthi yini okufanele ngiyenze.
R. S., United States
Ngangicabanga ukuthi ngenza isinqumo esifanele lapho ngithembisana umshado nothile. Abazali bami nabangane abavuthiwe abangamaKristu bangicebisa bethi kubonakala sengathi angikhethanga ngendlela efanele, kodwa angibashayanga mkhuba. Ngemva kwesikhathi esingaphezu kwenyanga, ngahoxa. Ukube ngangibe nesibindi sokwenqaba ngaphambi kokuba izinto zonakale kangaka, ngabe ngaziphephisa ebuhlungwini obukhulu mina nengangizoshada naye.
V. T., Italy
Isimiso Sokujikeleza Kwegazi Bengisanda kuhlinzwa isimiso se-lymph, futhi bengiphethwe i-edema. Lapho ngifunda isihloko esithi “Izimangaliso Zesimiso Sokujikeleza Kwegazi” (March 22, 2001), ngakhuthazeka. Ekhasini lokugcina lalesi sihloko, ngathola incazelo yokuthi kungani kunalokhu kuvuvukala.
M. R., Italy