Ukushikashikeka Kwami Nesifo Esithena Amandla
Njengoba ILANDISWA NGUTANYA SALAY
Bengingumama oyingqabavu futhi ngiyisikhonzi sesikhathi esigcwele kuleli dolobhana laseLuverne, e-Alabama, kwaze kwaba seminyakeni nje embalwa edlule. Ukuphila lapha kunokuthula futhi akunaziyaluyalu. Konke kwakubonakala kusihambela kahle mina nomyeni wami, uDuke, kanye nendodana yethu encane, uDaniel. Kodwa-ke ukuhlinzwa nje okulula kwaletha ushintsho olukhulu endleleni yethu yokuphila.
IZINKINGA zethu zaqala ngo-1992 lapho ngikhishwa isibeletho. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngaqala ukuhlushwa ubuhlungu obukhulu obubeleselayo nokushobinga kaningi (izikhathi ezingu-50 kuya ku-60 ngosuku). Ekugcineni udokotela wami wezifo zabesifazane wangixhumanisa nodokotela wezifo zomgudu womchamo ngomzamo wokuthola ngokucacile ukuthi iyini imbangela yenkinga.
Ngaya esibhedlela ngiyohlolwa. Lapho ngiqala ukuya, lo dokotela wayithola inkinga yami—i-interstitial cystitis (IC), noma ukuvuvukala kwesinye okuthena amandla. Kwakungelula ukuthola inkinga ngoba izimpawu ze-IC ziyefana nezezinye izifo zomgudu womchamo. Ngaphezu kwalokho, ayikho indlela yokuhlola eqondile yokuthola i-IC. Ngakho-ke, odokotela kumelwe bacabangele zonke ezinye izifo ngaphambi kokuba baphethe ngokuthi yi-IC.
Udokotela wethu walibeka ngembaba elokuthi njengoba ingekho indlela yokwelapha lesi sifo, umphumela wawungase ube ukukhishwa kwesinye ekugcineni! Wathi zikhona ezinye izindlela zokwelapha kodwa zonke aziphumeleli. Akungabazeki ukuthi lokho kwasishaqisa kakhulu. Ngangiwumqemane kwaze kwaba yilesi sikhathi. NjengoFakazi BakaJehova, kwase kuyiminyaka eminingana mina noDuke sisenkonzweni yesikhathi esigcwele, kodwa manje ngatshelwa ukuthi kwakufanele isinye sami sikhishwe. Ngiyajabula ngokuthi ngathola ukusekela okuhle komyeni wami.
Sanquma ukufuna omunye udokotela wezifo zomgudu womchamo. Sazama odokotela abaningana. Ngeshwa, ngaleso sikhathi odokotela abaningi babengazi lutho nge-IC. Futhi, odokotela abaningi bezifo zomgudu womchamo banemibono yabo nge-IC, ngakho izindlela zokwelapha abazitusayo ziyahlukahluka. Incwadi ethile yezokwelapha ithi: “Lesi sifo sivame ukungelapheki.” Enye ithi: “Ososayensi abakalitholi ikhambi le-IC, futhi abanandlela yokubikezela ukuthi ubani oyokwelapheka kahle ngendlela ethile. . . . Ngenxa yokuthi odokotela abazi ukuthi ibangelwa yini i-IC, ukwelashwa kusetshenziselwa ukudambisa ubuhlungu.”
Ukuba nemiqhakanyeko kanye nokushobinga kaningi kwakubuhlungu kakhulu kangangokuba ngangizimisele ukuzama noma yini eyayisikiselwa odokotela. Ngiye ngazama imithi engaphezu kuka-40 kanye namakhambi, ukutshopa, imithi ebulala izinzwa, imijovo yomhlandla nobuchopho ne-transcutaneous electrical nerve stimulation (TENS), lapho umzimba ufakwa khona amandla kagesi aphansi imizuzu noma amahora athile. Ngacwaninga kakhulu ngangokunokwenzeka, okwangisiza okungenani ukuba ngiqonde ukuthi kwenzekani.
Okwamanje, ngisebenzisa isidambisa-zinhlungu i-methadone, kanye neminye imithi eyisithupha. Futhi ngiya njalo emthola-mpilo wezinhlungu, lapho ngihlatshwa khona ngemijovo yobuchopho nginikwe nama-steroid ukuze kudambe izinhlungu. Ukuze kwelashwe ukushobinga njalo, ngiya esibhedlela njalo ngemva kwezinyanga ezintathu noma ezine ngiyokwenziwa inqubo okuthiwa i-hydrodistension, lapho kusetshenziswa khona uketshezi ukuze kukhuliswe isinye njengebhaluni. Lokhu sekwenziwe izikhathi ezimbalwa. Kuyangisiza izinyanga ezimbalwa. Ngiye ngalaliswa esibhedlela izikhathi ezingaphezu kuka-30 kule minyaka embalwa edlule.
Kuthiwani ngekhambi lokugcina, ukukhishwa kwesinye? Incwadi ethile ithi: “Odokotela abaningi bayanqikaza ukuhlinza ngoba akunandlela yokubikezela umphumela esigulini ngasinye—abanye abantu bayahlinzwa kodwa baqhubeke benezinkinga.” Ngakho okwamanje ngisakubekele eceleni lokho.
Ngezinye izikhathi ubuhlungu buba namandla futhi bubelesele kakhulu kangangokuba kulula ukuphelelwa yithemba. Ngake ngafikelwa nawumcabango wokuzibulala. Kodwa kwakunzima ukucabanga ngesihlamba inkambo enjalo eyayingasiletha egameni likaJehova. Ngiyakubona ukubaluleka komthandazo nesifundo somuntu siqu kanye nokuhlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova, ngoba awazi ukuthi yini engase yenzeke eyoshintsha ukuphila kwakho. Lobu buhlobo buye bakusindisa ngokoqobo ukuphila kwami phakathi nokugula, ngoba ngiyazi ukuthi ngaphandle kwalokho ngabe ngazibulala.
Uma ngibheka emuva kule minyaka engu-9 edlule, ngiyaqaphela ukuthi ukuphila kungashintsha ngokushesha kangakanani. Ngiyawaqonda amazwi omShumayeli 12:1, athi: “Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: ‘Angithokozi ngayo.’” Ngiyabonga ngokuthi ngaqala enkonzweni yesikhathi esigcwele ngineminyaka engu-15 ubudala futhi ngakwazi ukuqhubeka kuyo iminyaka engaba ngu-20. Phakathi naleso sikhathi ngahlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova.
Ngiyambonga uJehova ngomyeni wami kanye nendodana yami, uDaniel, abaye bangisekela kakhulu. Futhi, kuyakhuthaza kakhulu uma labo abasebandleni bengishayela ucingo noma bengivakashela. Kunzima ukuya enkonzweni ebusika ngoba amakhaza enza izinhlungu zibe zimbi nakakhulu. Ngifakaza ngocingo, okugcina ithemba lePharadesi ligxilile futhi lingokoqobo kimi. Ngibheke phambili esikhathini lapho ukugula nokuhlupheka kuyobe kungasekho futhi kungeke kusakhunjulwa.—Isaya 33:24.