Ubushiqela Bomuntu Phezu Komunye
UMLANDO ufakazela ukuba yiqiniso komShumayeli 8:9: ‘Umuntu uye wabusa omunye kwaba ngukulimala kwakhe.’ Noma njengoba i-Jerusalem Bible yamaKatolika isho, “umuntu ucindezela umuntu amlimaze.” Izigidi zabantu ziye zaphathwa ngokungenabulungisa, futhi lokhu kuye kwaba njalo cishe ngaphansi kwazo zonke izinhlobo zohulumeni abaye baba khona. Isikhumbuzo salokhu kuhlupheka savela enkulumweni yomsizi kanobhala we-Indian Affairs eMnyangweni Wezangaphakathi Wase-United States lapho kugujwa iminyaka engu-175 kwasungulwa i-Office of Indian Affairs.
Wathi esikhundleni sokuba kube umkhosi “kwakuyisikhathi sokuba kukhulunywe amaqiniso abuhlungu, isikhathi sokuphenduka.” Wavuma ukuthi umkhankaso wokuqala wale nhlangano ngawo-1830 kwakuwukususa izizwe zaseningizimu-mpumalanga—amaCherokee, amaCreek, amaChoctaw, amaChickasaw namaSeminole—ezweni lazo. “Ngosongo, ngokukhohlisa nangenkani, lezi zizwe ezivelele zamashiswa amakhilomitha angu-1 600 zaya entshonalanga, zihamba zingcwaba izinkulungwane zabadala, abancane nabagulayo emathuneni ambiwe ngokubhuduzela eMzileni Wezinyembezi.”
Waqhubeka: “Kodwa kulezi zikhathi zokukhanyiselwa, kufanele kuvunywe ukuthi ukusakazwa ngamabomu kwezifo, ukubulawa kwemihlambi yezinyathi ezinamandla, ukusetshenziswa kotshwala obunobuthi ukuze kukhinyabezwe ingqondo nomzimba, nokubulala ngobugwala abesifazane nezingane kwaba inhlekelele ehlasimulisa kakhulu kangangokuthi ayinakushalazelwa kuthiwe yayiwumphumela owawungenakuvinjelwa wengxabano phakathi kwezindlela zokuphila ezingavumelani.”a Wavuma: “Le nhlangano yayihlose ukucekela phansi zonke izinto ezithinta amaNdiya. Le nhlangano yakwenqabela ukukhulunywa kwezilimi zamaNdiya . . . futhi yenza amaNdiya aba namahloni ngobunjalo bawo. Okubi nakakhulu, i-Bureau of Indian Affairs yenza lezi zenzo ezinganeni ezazifunda ezikoleni zayo, yazihlukumeza ngokomzwelo, ngokwengqondo, ngokomzimba nangokomoya.”
Waphetha ngokuthi: “Masiqale ngokuzwakalisa ukudabuka kwethu okukhulu ngalokho le nhlangano eyakwenza esikhathini esidlule. . . . Ngeke siphinde sihlanganyele ekwebiweni kwempahla yamaNdiya. . . . Ngeke siphinde sihlasele izinkolo zenu, izilimi zenu, amasiko enu noma ngabe iziphi ezinye izindlela zenu zomdabu.” Ngokuphawulekayo, wathi: “Sisonke, kumelwe sesule izinyembezi zezizukulwane eziyisikhombisa. Sisonke, kumelwe sivumele izinhliziyo zethu ezaphukile ukuba zilulame.”—Vital Speeches of the Day, October 1, 2000.
Okuwukuphela kwekhambi leqiniso nelihlala njalo lonya lomuntu komunye uMbuso kaNkulunkulu, oyobuyisela ubulungisa kubo bonke futhi ‘wesule zonke izinyembezi emehlweni abo, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’—IsAmbulo 21:3, 4.
[Umbhalo waphansi]
a Umlando wamaNdiya aseMelika uqinisekisa ukuthi lezi zizwe zazivame ukulwa zodwa, kangangokuthi ukubanga “indawo, amahhashi nezinyathi kwaba yinto evamile.”—The People Called Apache.
[Imithombo Yesithombe ekhasini 31]
Indian: Artwork based on photograph by Edward S. Curtis; Map: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.; Indian dwellings: Leslie’s