Izingane Kufanele Ziyalwe Kanjani?
“Kuphakama izinkinga uma izingane zitshelwa ukuthi zenza kahle kungakhathaliseki ukuthi zenzani,” kusho iphephandaba laseCanada i-National Post. Abanye abazali bakholelwa ukuthi le ndlela yakha ukuzethemba ezinganeni zabo. Kodwa ngokwesazi sokusebenza kwengqondo uRoy Baumeister, “ukuzethemba kuhle uma kusekelwe entweni efinyelelwe ngempela, kodwa abazali kufanele bagxile ekufundiseni izingane ukuzithiba.”
Umzali owesaba ukuqondisa ingane yakhe uma yenza okubi uyayilimaza. Phela, isiqondiso siyindlela yokufundisa. Sifundisa ingane eyonayo ukugwema ukuphinda amaphutha. Yiqiniso, abazali kufanele bagweme ukuqondisa izingane ngendlela enokhahlo futhi engalingani nalokho ezikonile. (Jeremiya 46:28) Kufanele baqiniseke ukuthi abaziqondisi ngendlela eyeqisayo. IBhayibheli lithi: “Nina bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”—Kolose 3:21.
EBhayibhelini, isiqondiso njalo sihlotshaniswa nothando nobumnene, hhayi nentukuthelo nonya. Umeluleki onekhono kufanele ‘abe mnene kubo bonke, azigcine ezibambile ngaphansi kobubi, ebayala ngobumnene labo abangenaso isimo sengqondo esihle.’ (2 Thimothewu 2:24, 25) Ngakho-ke, isiqondiso somzali akufanele nje sibe indlela yakhe yokukhipha isibhongo. IBhayibheli alikuvumeli nhlobo ukusebenzisa amaqhinga angase alimaze ingane.
Izigidi emhlabeni wonke ziye zazuza kule ncwadi enamakhasi angu-192 ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Phakathi kwezahluko zayo ezakhayo kunesithi: “Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana” nesithi “Siza Umntanakho Akhule.” Ukuze uzitholele eyakho, siza ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini. Uyothola ukusikisela okuqondile okuyokusiza uxazulule izinkinga futhi wenze ukuphila komkhaya kujabulise njengoba uMdali ayehlose ukuba kube njalo.
□ Ngicela ningilethele incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.