Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 11/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2001
  • Ukubhekana Ne-Marfan’s Syndrome—Lapho Amalunga Ekhumuka
    I-Phaphama!—2001
  • Udenga—Imfiva Oyithola Ngokulunywa
    I-Phaphama!—1998
  • UDenga—Luyaqhubeka Luba Yingozi
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 11/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Isihloko Sisindisa Ukuphila Savakashela indoda okuthiwa uLenny eyathi isihloko esithi “Udenga—Imfiva Oyithola Ngokulunywa” (July 22, 1998) sasindisa ukuphila komshana wayo. Kwase kuphele izinsukwana enemfiva, wayeseyaqubuka; kodwa abazali bakhe abanganaka bacabanga ukuthi unesimungumungwana. Ekhumbula lesi sihloko, uLenny wathatha lo magazini waphinde wafunda ingxenye echaza izimpawu zodenga. Wabe esekhuluma nabazali bomshana wakhe ukuba bamyise esibhedlela. Odokotela baqinisekisa ukuthi ngempela wayenemfiva yodenga olubangela ukopha. ULenny wayitusa i-Phaphama! ngokumsiza asindise umshana wakhe, futhi kamuva wamukela isifundo seBhayibheli sasekhaya.

J.M.L., Philippines

I-Marfan’s Syndrome Esihlokweni esithi “Ukubhekana Ne-Marfan’s Syndrome—Lapho Amalunga Ekhumuka” (February 22, 2001), uMichelle uthi uphuza i-morphine nsuku zonke. UmKristu angasisebenzisa kanjani isidakamizwa esiluthayo?

S. D., United States

Kungaba okungalungile ngomKristu ukuba asebenzise izidakamizwa ukuze nje azijabulise. Kodwa umuntu osebenzisa isidakamizwa esiqeda izinhlungu ngaphansi kokuqondisa kukadokotela ngenxa yenkinga yempilo ngeke kushiwo ukuthi ufuna ukuzijabulisa nje ngaso. Yiqiniso, ngisho nasezimweni ezinjengalezi, umKristu kufanele ayicabangele ngokucophelela ingozi yokulutheka kanye neminye imiphumela eyingozi yokusebenzisa imithi enjalo.—ED.

Indaba kaMichelle iye yangikhuthaza. Nakuba ehlale esezinhlungwini, ngiyamncoma ngokuthi akasivumeli isimo sakhe ukuba simyekise ukukhonza uJehova ngenhliziyo yonke.

J. G., Guam

Ubuthi Bemisebe Sangidumaza isihloko senu esithi “Ubuthi Bemisebe—Imbangela Yokukhathazeka.” (February 22, 2001) Lapho nizama ukuthuthukisa umbono wenu weBhayibheli, akufanele nisebenzise amaqhinga okwesabisa abantu. Izingozi kufanele zivezwe ngendlela efanele. Ngokwesibonelo, ugesi ungaba ophephile uma uphathwa ngokucophelela. Kodwa abantu abaningi babulawa ugesi minyaka yonke. Ingabe lokhu kusho ukuthi sonke sekufanele sihlalele ovalweni ngokwesaba ugesi? Iqiniso liwukuthi, wonke amazwe ayodinga ugesi omningi esikhathini esizayo, futhi izikhungo zokuphehla amandla enuzi ziyindlela ehlanzekile nephephile yokusinika ugesi. Akudingeki sesabe amandla enuzi.

R. S., Canada

Lezi yizindaba ezilukhuni, futhi siyakwazisa ukungagwegwesi kwalo mfundi. Noma kunjalo, sinomuzwa wokuthi isihloko sethu asisebenzisanga “amaqhinga okwesabisa.” Asizange sizame ukwesabisa abafundi bethu. Futhi asizange siwagxeke amandla enuzi. Kunalokho, saqokomisa ukukhathazeka okufanelekile abaningi abanakho ngamandla enuzi, sabonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyikhambi leqiniso lokuntuleka kwamandla kagesi.—ED.

Umshuwalense Njengomdayisi womshuwalense, ngalwazisa kakhulu uchungechunge oluthi “Umshuwalense—Ingabe Uyawudinga Ngempela?” (February 22, 2001) Umshuwalense uyawadida kakhulu amakhasimende amaningi. Kunzima ukuqonda ukuthi kungani ukhokhela into ongase ungayisebenzisi. Ngakho ngawazisa kakhulu umfanekiso wenu wokuhamba nethayi eliyisipele emotweni. Ngiyabonga ngalokhu kwaziswa okubhalwe kahle.

C. P., United States

Ukweqa Ngiyabonga ngesihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Yini Engalungile Ngokweqa?” (February 22, 2001) Kuyangidabukisa ukubona ukuthi enye intsha engamaKristu ayinalwazi kangakanani. Enye intombazane yeqa yaya emcimbini futhi yadlwengulwa. Akekho owayisiza. Sicela niqhubeke nixwayisa intsha!

J. N., United States

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela