Ukusinda Ethunzini Lokufa Ngiphile Ngenjabulo
NJENGOBA ILANDISWA NGUDIAMÁNTI DATSERIS
‘Izinsuku zami sezibaliwe.’ Yilowo mcabango owawufika njalo engqondweni yami njengoba ngangilele esibhedlela imithambo yami impontshelwa ngamaphayinti egazi. Iminyaka engaphezu kwengu-20, ngangitshelwé ukuthi yile ndlela kuphela eyayingangigcina ngiphila—uma kuwukuphila ngempela lokho.
NGEMVA nje kokuzalwa kwami ngo-1969 e-Ierápetra, esiqhingini saseGreece iCrete, abazali bami bathola izindaba ezimbi. Odokotela babatshela ukuthi indodakazi yabo ine-beta-thalassemia, noma i-Cooley’s anemia. I-beta-thalassemia iyisifo segazi esibi esidluliselwa ngofuzo, esivame kakhulu kubantu bozalo lwamaGreki, amaNtaliyane, abaseMpumalanga Ephakathi, abaseNingizimu Asia noma abaNsundu.
Njengoba odokotela bachazela abazali bami, uma umuntu enalesi sifo, amangqamuzana abomvu egazi awayikhiqizi i-hemoglobin eyanele, iprotheni ethuthela umoya-mpilo emangqamuzaneni omzimba. Ngenxa yalokho, amangqamuzana ami awawutholi umoya-mpilo owanele. Amangqamuzana abomvu egazi awahlali isikhathi eside egazini lami ngoba abhujiswa yisibindi nobende futhi kuwakhiphe. Lezi zitho zibhubhisa amangqamuzana abomvu angaphilile noma asegugile.
Abazali bami batshelwa ukuthi okuwukuphela kwendlela yokwelapha i-thalassemia kwakuwukumpontshelwa igazi njalo futhi kukhishwe izakhi zensimbi ezinqwabelanayo. Nokho, njengoba odokotela bachaza, ukwelapha ngokumpontshelwa kubangela ukunqwabelana kwezakhi zensimbi enhliziyweni nasesibindini, futhi lokhu kungaba yingozi. Ukumpontshelwa—indlela yokwelapha enqanda ukufa kwabantu iminyaka eyishumi yokuqala yokuphila kwabo—ngokuvamile kugcwalisa ubuthi bokusansimbi okuyibona obuba yingozi kakhulu kamuva. Abantu abane-thalassemia abampontshelwa njalo, njengami, ngokuvamile babulawa yisifo senhliziyo bengakafiki naseminyakeni engu-30 ubudala.
Ukuphila “Okunqunyelwe Isikhathi”
Kusukela ngisemncane, ngangiphila ethunzini lokufa. Ngiswele amazwi okuchaza indlela okunzima ngayo ukuphila ngaphansi kwesimo esinjalo. Ngangingenayo imigomo yesikhathi esizayo kanye nethemba lokuthi ngiyoke ngibe umuntu omdala njengabanye. Nganginomuzwa wokuthi i-thalassemia engiphethe injengebhomu elicushiwe.
Ukukhathazeka kwabazali bami ngempilo yami kwabenza baqapha kakhulu. Ngakhula ngohlu olude lwezinto “okungafanele ngizenze” kanye neminye imithetho, enjengokuthi: “Ungagijimi!” “Ungaxhamazeli!” “Qaphela!”
Isimo sami senza umama ongumOrthodox ongumGreki wayishisekela kakhulu inkolo. Wayefuna usizo ngentshiseko ezithombeni zenkolo. Ukuze angisize, wayengiyisa emathempelini akude ayenedumela lokwelapha futhi wayengithengela amakhubalo ahlukahlukene. Kwachithwa imali eningi kulezi zinto—kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Ngangikholelwa kuNkulunkulu futhi ngimthanda, nakuba ngangingenalwazi lokuthi ukhulekelwa kanjani. Lapho ngiphelelwa yithemba, ngangithandaza ngezinyembezi, ngithi: “Nkulunkulu, uma ukhona ngempela futhi ungithanda, ngicela ungisize.”
Ukuthungatha Induduzo
Njengoba ngangikhula, impilo yami yawohloka ngokushesha, ngokuyinhloko ngenxa yokunqwabelana kwesakhi sokusansimbi egazini. Njengengxenye yokwelashwa, ngangisebenzisa umshini onciphisa okusansimbi egazini. Njalo ebusuku ngangifaka inaliti esikhunjeni esiswini ukuze umuthi omunca okusansimbi ungene emzimbeni wami ubusuku bonke. Njalo ebusuku ngangikhuthazelela ubuhlungu obukhulu. Ngokuvamile ngangifisa ukufa ngalezo zikhathi zokungalali ebusuku. Nganginomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayengazinaki izicelo zami zosizo.
Lapho ngineminyaka engu-16 ubudala, ngaqala ukuzibandakanya neqembu lentsha elalikhonze umculo onesigqi esinamandla. Ngenxa yokuthungatha induduzo, ngathola ukuthi umculo odumisa unya, ubudlova nobuSathane wawuyimpumuzo ngandlela-thile. Phela, njengoba ngangizungezwe ububi, ngangivumelana nombono wokuthi kunamandla aphakeme amabi alawula indawo yonke. Kodwa ngokushesha imiphumela yezidakamizwa nobuSathane yaqala ukuvela obala. Abangane bami babehlala bebalekela amaphoyisa.
Ukumpontshelwa igazi njalo kwashiya izibazi emzimbeni wami. Ukunqwabelana kwesakhi esisansimbi emzimbeni kwenza amehlo ami agqunqa futhi kwashintsha isikhumba sami saba phuzi. Izingubo engangizigqoka zangenza ngabukeka kabi nakakhulu—izingubo ezimnyama nebhantshi lesikhumba, elalihlotshiswe ngezinkinobho nezingebhezi, okwakuyizici zabantu engangijwayelene nabo. Ngenhlanhla, ngangingazithinti izidakamizwa.
Njengoba ngangiqhubeka ngilalela umculo onesigqi esinamandla ogcizelela ukufa, izidakamizwa, amademoni, ukusebenzisa imimoya negazi, ngaba nomuzwa wokuthi ngangibuswa uSathane. Ebusuku ngangicindezeleka futhi ngiphila ngezinyembezi. Kwakuphakathi nalesi sikhathi esilusizi ekuphileni kwami lapho kwavela khona inhlansi yethemba.
Ukuphila Kwami Kuyashintsha
Ngolunye usuku lapho ngineminyaka engu-20 ubudala, umngane wami wanginika incwadi ayeyithole koFakazi BakaJehova. Yayinesihloko esithi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?a Wayengayifuni le ncwadi, kodwa lapho ngiyiphenya, ngahlabeka umxhwele. Yabonisa ngokucacile ukuthi izimiso zeBhayibheli zingakuthuthukisa ukuphila komuntu. Ngahlatshwa umxhwele futhi ukufunda ngokushushiswa kwamaKristu okuqala nokuzimisela kwawo ukudela ukuphila ngenxa yezinkolelo zawo. Lapho ngiqeda ukufunda le ncwadi, ngangifuna ukutshela abanye ngengangikufundile. Kungaleso sikhathi-ke lapho ngahlangana khona noManolis, indoda eyayazi uJehova nomyalezo weBhayibheli ngoba ezinye zezihlobo zayo zazingoFakazi BakaJehova. Wangiyisa endaweni yokuhlangana yoFakazi BakaJehova, futhi ehlobo lango-1990, ngaqala ukutadisha nabo iBhayibheli.
Ngokutadisha iBhayibheli, ngafunda ukuthi uMdali wethu uyasikhathalela ngempela nokuthi akuyena obangela ukugula nobuhlungu okuhlasele iningi lethu. (1 Petru 5:7) Ngafunda ukuthi isono nokufa kwalethwa nguSathane kuleli zwe nokuthi maduzane uJehova uzoqeda imisebenzi kaSathane ngokususa lesi simiso esidala futhi alethe izwe elisha eliphelele esikhundleni saso. (Heberu 2:14) Ngaphansi kwezimo zepharadesi, abantu abesaba uNkulunkulu bayobuyiselwa ekupheleleni kobuntu. Khona-ke, akekho oyothi, “Ngiyagula.”—Isaya 33:24.
Ngesikhathi esifanayo, ngafunda ukuthi iBhayibheli lisitshela ukuba ‘sidede egazini.’ (IzEnzo 15:20, 29; Genesise 9:4) Njengoba unembeza wami wawuqala ukulolongwa nokuqeqeshwa yizindinganiso nezimiso eziphakeme zeBhayibheli, ngashukumiseleka ukuba ngizenzele isinqumo ngokuphathelene nokumpontshelwa igazi. Nganquma ukuthi ngangingeke ngiphinde ngikuvume.
Iminyaka engaphezu kwengu-20, ngangenziwe ngakholelwa ukuthi okuwukuphela kwendlela engangingaphila ngayo kwakuwukumpontshelwa igazi njalo. Ngokulalela umyalo kaNkulunkulu, ingabe ngangizobe ngizifaka ekufeni? Abazali bami babezocabangani ngokwenqaba kwami igazi? Ingabe odokotela nezinye izisebenzi zezokwelapha babezongicindezela?
Ukwenza Izinqumo Ezibucayi
Ngomthandazo oqotho ngaphonsa konke ukukhathazeka kwami kuJehova. (IHubo 55:22) Nganquma nokufuna ezinye izindlela zokwelapha. Ngemva kokucwaninga ngokucophelela, ngathola ukuthi ngangingase ngidle ukudla okukhethwe kahle okunesakhi sokusansimbi namavithamini amaningi esikhundleni sokumpontshelwa igazi. Ngaphezu kwakho konke okunye, ngangizimisele ukuvumelana nomthetho kaNkulunkulu oseBhayibhelini.
Njengoba kwakulindelekile, abazali bami baphatheka kabi kakhulu. Babenze konke okusemandleni abo ukungigcina ngiphila kusukela ebuntwaneni, kodwa manje ngase ngenqaba ukumpontshelwa igazi! Nokho, ekugcineni bathi babezosihlonipha isinqumo sami kule ndaba.
Ngabe sengichaza umbono wami ongokwenkolo kodokotela esibhedlela, ngabatshela nokuthi ngangizolwela ukuthola ezinye izinqubo zokwelapha esikhundleni segazi. Odokotela babemathintanyawo ukuvumelana nezifiso zami.
Lapho ngisampontshelwa igazi esikhathini esidlule, ngangakhé ubungane nenye intsha ene-thalassemia. Manje ukuma kwami endabeni yegazi kwayixaka. Omunye wangitshela sakudlala ethi ngokushesha “ngangizothwalwa ngebhokisi”—inkulumo yesiGreki esho ukuthi ngangizofa. Ngeshwa, wayephakathi kweziguli ezinhlanu ezafa ngenxa yokuthi zazimpontshelwe igazi elinezifo!
Kusukela ngo-August 1991, angibange ngisampontshelwa igazi. Ngokuphambene nazo zonke izibikezelo, ngiyaphila futhi ngiwumqemane. Ngokudla ukudla okunamavithamini nokusansimbi okuningi, ngiye ngalondoloza impilo enhle, naphezu kwezinkinga eziyaye zivele ngezikhathi ezithile nokulinganiselwa okubangelwa i-thalassemia.
Nokho, okuhle nakakhulu ukuthi nginokuphila okunenjongo, ukuphila okucetshiswe ubuhlobo obuseduze noMdali wami, uJehova uNkulunkulu. Ngo-July 1992, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. UManolis, umngane wami othandekayo owangixhumanisa nebandla lobuKristu loFakazi BakaJehova elingisekelayo, naye wabhapathizwa ngalolo suku. Ngemva kwezinyanga ezingu-18, sashada. Kamuva ngajabulela ukubona umama nodadewethu beba yizinceku zikaJehova ezibhapathiziwe. Umbono kababa ngoFakazi BakaJehova usushintshile, futhi ngezinye izikhathi uba khona emihlanganweni yebandla.
Ngiye ngafunda ukuthi nakuba ukufa kuyisitha, akusona isitha okufanele sesatshwe. (IHubo 23:4) Kungakhathaliseki ukuthi siyaphila noma siyafa, singabakaJehova. Ukuphila kwethu kusezandleni zakhe. (Roma 14:8) Ngiyombonga njalo ngokungisindisa ekuphileni okungenalo ithemba. Yebo, uye wangiholela ethembeni lokuphila okuphakade!—IsAmbulo 21:1-4.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 21]
Ngangithungatha induduzo
[Isithombe ekhasini 22]
Nginomyeni wami, uManolis