Ukubaluleka Kwangempela Kwegazi
“Umphakathi womhlaba wonke unomthombo ofanayo wokuphila: igazi. Lingamandla okuphila akubo bonke abantu, kungakhathaliseki ibala labo, uhlanga noma inkolo.”—Umongameli woMkhandlu-jikelele weZizwe Ezihlangene.
AKUNGABAZEKI ukuthi leyo ngcaphuno iqukethe iqiniso elithile. Igazi libalulekile ekuphileni kwabo bonke abantu. Liyigugu. Nokho, ingabe uyaqiniseka ukuthi kuphephile futhi kuwukuhlakanipha ukuba abantu baphe abanye lolo ketshezi ngenjongo yokwelapha?
Njengoba sesibonile, izindinganiso zokuphepha emhlabeni wonke ziyahlukahluka kakhulu, futhi ukwelashwa ngegazi kuyingozi ngaphezu kwalokho abaningi abakucabangayo. Ngaphezu kwalokho, odokotela balisebenzisa ngezindlela ezihlukene kakhulu igazi ngenxa yemfundo, amakhono nemibono abanayo. Kodwa abaningi sebeyakuxwaya ukumpompela igazi. Inani elikhulu futhi elandayo lodokotela libonisa ukuthi likhetha izindlela zokwelapha ezikugwemayo ukusetshenziswa kwegazi.
Lokhu kusibuyisela embuzweni ophakanyiswe ekuqaleni kwesihloko sokuqala salolu chungechunge. Yini ngempela eyenza igazi libe igugu kangaka? Uma ukusetshenziswa kwegazi ekwelapheni kuya ngokuya kungabazeka, ingabe ikhona enye injongo efezwa yigazi?
UMdali Wethu Kanye Negazi
Ezinsukwini zikaNowa, ukhokho waso sonke isintu, uNkulunkulu washaya umthetho ophawulekayo. Nakuba anika abantu ilungelo lokudla inyama yezilwane, wabenqabela ukuba badle igazi. (Genesise 9:4) Wabanika nesizathu, ethi igazi lifana nomphefumulo, noma ukuphila kwesilwane. Kamuva wathi: “Umphefumulo [noma ukuphila] usegazini.” Ngokombono woMdali, igazi lingcwele. Limelela isipho sokuphila esiyigugu esisemphefumulweni ngamunye. UNkulunkulu wasisho ngokuphindaphindiwe lesi simiso.—Levitikusi 3:17; 17:10, 11, 14; Duteronomi 12:16, 23.
Ngemva nje kokumiswa kwenkolo yamaKristu eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, amakholwa anikwa umyalo kaNkulunkulu wokuba ‘adede egazini.’ Lo mthetho owenqabela igazi wawungasekelwe ezizathwini zezempilo, kodwa wawusekelwe ebungcweleni begazi. (IzEnzo 15:19, 20, 29) Abanye bathi lo mthetho ovela kuNkulunkulu usebenza kuphela ekulidleni igazi, kodwa igama elithi “ukudeda” lisho lukhulu. Uma udokotela esitshela ukuba sidede otshwaleni, besingeke sizizwe sikhululekile ukuzijova ngabo.
IBhayibheli lichaza nokuthi kungani igazi lingcwele kangaka. Igazi likaJesu Kristu elachitheka, elimelela ukuphila kobuntu akunikelela isintu, liyisihluthulelo sethemba lamaKristu. Lisho ukuthethelelwa kwezono nethemba lokuphila okuphakade. Lapho umKristu ededa egazini, empeleni ubonisa ukholo lwakhe ekutheni yigazi likaJesu Kristu elachitheka kuphela elingamkhulula ngempela futhi lisindise ukuphila kwakhe.—Efesu 1:7.
OFakazi BakaJehova baziwa ngokunamathela kule miyalo yeBhayibheli. Bakwenqaba konke ukumpontshelwa igazi liphelele noma izingxenye zalo ezine eziyinhloko—amangqamuzana abomvu namhlophe, i-plasma nama-platelet. Uma kuziwa ezingxenyaneni ezithathwe kulezo zingxenye—kanye nemikhiqizo equkethe lezo zingxenyana—iBhayibheli alisho lutho ngazo. Ngakho-ke, uFakazi ngamunye uzenzela isinqumo kulezi zindaba. Ingabe lesi sinqumo esisekelwe eBhayibhelini sisho ukuthi oFakazi bayakwenqaba ukwelashwa noma babheka impilo nokuphila kwabo njengento engasho lutho? Cha!—Bheka ibhokisi elithi “OFakazi BakaJehova Nempilo.”
Eminyakeni yamuva odokotela abaningi baye baqaphela ukuthi oFakazi baye bazuza ngokwempilo ngenxa yokunamathela ezindinganisweni zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, omunye udokotela ohlinza izinzwa usanda kutusa ukuba kukhethwe ezinye izindlela esikhundleni sokumpompela igazi. Uthe: “Kuyinto okuphephe kakhulu ukuyenza, hhayi koFakazi BakaJehova kuphela, kodwa kubo bonke abantu.”
Izinqumo ezinkulu ezithinta impilo zingabangela ukucindezeleka okukhulu futhi ngokuvamile zinzima. Uma kubhekwa umkhuba ovamile wokumpompela igazi, phawula amazwi kachwepheshe wamaphaphu futhi ongumqondisi wezokwelapha uDkt. Dave Williams: “Kubalulekile ukuba sihloniphe izifiso zabantu, . . . futhi kufanele siqaphe kakhulu ukuthi yini esiyifaka emizimbeni yethu.” Lawo mazwi ayiqiniso kakhulu namuhla kunanini ngaphambili.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 11]
Bayini Abathwali Bomoya-mpilo Abenziwe Nge-hemoglobin?
Ingqamuzana ngalinye elibomvu legazi linamangqamuzana angaba yizigidi ezingu-300 e-hemoglobin. I-hemoglobin yakha cishe ingxenye eyodwa kwezintathu zengqamuzana elibomvu elivuthiwe. Ingqamuzana ngalinye lineprotheni i-globin kanye nesithako sombala okuthiwa i-heme—esine-athomu lokusansimbi. Lapho ingqamuzana elibomvu lidlula emaphashini, amangqamuzana omoya-mpilo angena kulo anamathele kula mangqamuzana e-hemoglobin. Ngemva kwemizuzwana, lo moya-mpilo uthunyelwa ezicutshini zomzimba ukuyosekela ukuphila kwamangqamuzana.
Sekunabathaki bemithi abasebenza nge-hemoglobin, bayikhiphe emangqamuzaneni abomvu egazi lomuntu noma lenkomo. Le hemoglobin ibe isihlungwa kukhishwe ukungcola, ithakwe namanye amakhemikhali futhi ihlanzwe, ixutshwe noketshezi oluthile, bese ifakwa emabhodleleni. Lowo mkhiqizo—ongakavunyelwa emazweni amaningi—ubizwa ngokuthi umthwali womoya-mpilo owenziwe nge-hemoglobin (hemoglobin-based oxygen carrier), noma i-HBOC. Njengoba i-heme kuyiyona eyenza igazi libe nombala obomvu tébhu, iphayinti le-HBOC lifana ncamashi nephayinti lamangqamuzana abomvu egazi, ingxenye eyinhloko ethathwe kuyo.
Ngokungafani namangqamuzana abomvu egazi, okufanele aqandiswe futhi alahlwe ngemva kwamasonto ambalwa, i-HBOC ingagcinwa ngaphandle kwesiqandisi futhi isetshenziswe ngemva kwezinyanga. Futhi njengoba isuke ingasenalo ungwengwezi lwamangqamuzana kanye nezakhi zamasosha ayisivikelo, alukho usongo olubangelwa ukusabela kabi komzimba ngenxa yokungafani kwegazi. Nokho, uma iqhathaniswa nezinye izingxenyana zegazi, i-HBOC iphakamisa izinselele ezinkulu kumaKristu aqaphile, afuna ukulalela umthetho kaNkulunkulu ngegazi. Ngani? Uma nje i-HBOC isenziwa ngegazi, kungase kube nezinkinga ezimbili. Okokuqala, i-HBOC yenza umsebenzi oyinhloko wamangqamuzana abomvu, ayingxenye yegazi ebalulekile. Okwesibili, i-hemoglobin, okuthathwe kuyo i-HBOC, yakha ingxenye enkulu kakhulu yalowo mkhiqizo. Ngakho, uma kuziwa kulo mkhiqizo neminye efana nawo, amaKristu abhekana nesinqumo esinzima. Kumelwe athandaze futhi azindle ngokucophelela ngezimiso zeBhayibheli eziphathelene nobungcwele begazi. Njengoba sinesifiso esiqotho sokulondoloza ubuhlobo obuhle noJehova, ngamunye kumelwe aqondiswe unembeza wakhe oqeqeshwe iBhayibheli.—Galathiya 6:5.
[Isithombe]
INGQAMUZANA LE-HEMOGLOBIN
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12]
Ukukhetha Okungcono
“Inani elandayo lezibhedlela linenye inqubo yokwelapha abantu abangayikhetha: ukuhlinzwa ‘ngaphandle kwegazi,’” kubika i-Wall Street Journal. Leli phephabhuku lithi: “Le nqubo ekuqaleni eyasungulwa ukuze kunakekelwe oFakazi BakaJehova, isiyindlela evamile yokwelapha, futhi izibhedlela eziningi zikhuthaza umphakathi ukuba wamukele izinqubo zazo zokuhlinza ngaphandle kwegazi.” Izibhedlela emhlabeni wonke zithola ukuthi kunezinzuzo eziningana, ikakhulukazi kwabagulayo, lapho zisebenzisa izinqubo ezinciphisa ukumpontshelwa igazi. Njengamanje, kunezinkulungwane zodokotela ezelapha iziguli ngaphandle kokuzimpompela igazi.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12]
OFakazi BakaJehova Nempilo
OFakazi BakaJehova, abanye babo abangodokotela nabahlengikazi, baziwa emhlabeni wonke ngokwenqaba ukumpontshelwa igazi eliphelele noma izingxenye zalo eziyinhloko. Ingabe lokho kuma kwabo njengeqembu ngokumelene nalo mkhuba kubangelwa imfundiso yabantu noma inkolelo yokuthi ukholo lomuntu lungazelapha izifo? Akulona neze iqiniso lelo.
Njengoba bebheka ukuphila kwabo njengesipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu, oFakazi balwela ukwenza konke okusemandleni abo ukuba baphile ngokuvumelana neBhayibheli, abakholelwa ukuthi ‘liphefumulelwe uNkulunkulu.’ (2 Thimothewu 3:16, 17; IsAmbulo 4:11) Leyo ncwadi ikhuthaza abakhulekeli bakaNkulunkulu ukuba bagweme imikhuba elimaza impilo noma efaka ukuphila engozini, njengokuminza, ukubhema, ukuphuza ngokweqile nokusebenzisa izidakamizwa ngenjongo yokuzijabulisa.—IzAga 23:20; 2 Korinte 7:1.
Ngokugcina umzimba wethu nendawo esizungezile kuhlanzekile futhi sivivinye umzimba ukuze sibe nempilo enhle, sisuke senza ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. (Mathewu 7:12; 1 Thimothewu 4:8) Lapho oFakazi BakaJehova begula, babonisa ukuthi banengqondo ngokufuna usizo lwezokwelapha nangokwamukela eziningi zezindlela zokwelapha ezikhona. (Filipi 4:5) Kuyiqiniso ukuthi balalela umyalo weBhayibheli othi ‘baqhubeke bededa egazini,’ ngakho bafuna ukwelashwa ngaphandle kwegazi. (IzEnzo 15:29) Ngokuvamile bathola izinga eliphakeme lezokwelapha ngenxa yokukhetha ngale ndlela.