Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 9/8 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlala Ezweni Manje
  • Ukuzibulala EFrance
  • Ukukhetha Izinkolelo Zenkolo Ezizwana Nawe
  • Ikhofi Nobuthi
  • Indoda Yeqhwa NgeSabatha?
  • Ubuchopho Babantu Abadala Bukhiqiza Amangqamuzana Ezinzwa Amasha?
  • Ukucindezeleka Okunzima Kuhlotshaniswa Nokuxhashazwa Kwezingane
  • Ojosaka Abasindayo
  • Iwayini—Selinamakhulu Amathathu Eminyaka Likhona
  • Imifula Yomhlaba Isenkingeni Enkulu
  • Ukuzibulala—uhlupho Entsheni
    I-Phaphama!—1998
  • Okwenza Abantu Balahle Ithemba Ngokuphila
    I-Phaphama!—2001
  • Inkinga Yomhlaba Wonke
    I-Phaphama!—2001
  • Ukuzibulala—Umqedazwe Ofihlekile
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 9/8 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Indlala Ezweni Manje

I-State of the World 2000 ibika ukuthi: “I-World Health Organization (WHO) ilinganisela ukuthi cishe abantu abayisigamu kuwo wonke amazwe—abacebile nabampofu—abondlekile ngandlela-thile.” Kulinganiselwa ukuthi abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,2 emhlabeni wonke abondlekile. Ngaphezu kwalokho, abanye abayizigidigidi kuthiwa babulawa ‘indlala ecashile,’ okubhekisela kulabo ababonakala sengathi bondleke kahle kodwa bebe bengenawo amavithamini namaminerali adingekayo. I-Worldwatch Institute, ekhipha umbiko we-State of the World minyaka yonke ithi: “Nanamuhla isandile imbude yokuthi indlala ibangwa ukungabi bikho kokudla. Iqiniso liwukuthi indlala iwumphumela wezinqumo zomuntu . . . Ukuthi abantu baphila kahle, abesifazane banikwa siphi isikhundla nokuthi ohulumeni bayabanaka abantu babo—lezi yizinto ezinethonya elikhulu ekutheni ubani odlayo nokuthi ubani ongadli kunokuthi kukhona ukudla okungakanani ezweni.”

Ukuzibulala EFrance

Iphephandaba i-Monde libika ukuthi: “Abantu abadala abangamaphesenti angu-30 eFrance baye bacabanga ukuzibulala.” Kulabo okwaxoxwa nabo kulokhu kuhlola kokuqala okumayelana nokuzibulala eFrance, abangamaphesenti angu-13 bathi babeye bakucabangela kabanzi ukuzibulala futhi abanye abangamaphesenti angu-17 bavuma ukuthi kwakuke kwafika engqondweni. Nokho, ngokukaMichel Debout, uprofesa wesayensi yokuhlobana kwezempilo namacala esibhedlela saseyunivesithi eSaint-Étienne, inani langempela likhulu kakhulu, ngoba abanye abayivezi imicabango enjalo ngenxa yokuzizwa benecala. Iningi lalabo abahlolwa libheka ukuzibulala “njengesenzo sokuphelelwa yithemba” esibangelwa yizinkinga zezenhlalo hhayi izimo zasekhaya. Unyaka ngamunye, kunabangu-160 000 abazama ukuzibulala eFrance futhi kulinganiselwa ukuthi bangu-12 000 abazibulalayo.

Ukukhetha Izinkolelo Zenkolo Ezizwana Nawe

Ucwaningo olwenziwa umhloli wemibono uGeorge Gallup, Jr., lubonisa ukuthi abantu abaningi e-United States babheka inkolo ‘njengosaladi oyingxube.’ Iphephandaba laseCanada i-National Post libika ukuthi esikhundleni sokulandela “izimiso zezinkolelo eziyisiko, abantu [baseNyakatho] Melika ‘bakhetha’ lokho abafuna ukukukholelwa, ngokuvamile bexuba imibono yenkolo eyodwa noma ezimbili noma ngaphezulu ukuze benze isimiso sezinkolelo zomuntu siqu.” Lolu cwaningo lwembula nokuthi “kunokuntuleka okusobala kolwazi ngeBhayibheli, izimfundiso eziyisisekelo namasiko enkolo yomuntu” nokuthi “ngokuvamile ukholo oluvunywayo lukha phezulu, abantu abazi ukuthi yini abayikholelwayo nokuthi kungani beyikholelwa,” kusho leli phephandaba. UReginald Bibby, uprofesa wezokuhlalisana kwabantu e-University of Lethbridge, e-Alberta, eCanada, uthi: “Iningi lisazihlanganisa namasiko avamile amaKatolika namaProthestani, kodwa likhetha izinkolelo, imikhuba nezinkonzo ezithile—njengokubhapathizwa, imishado nemingcwabo.”

Ikhofi Nobuthi

Ngokocwaningo lwamuva, emanzini kampompi ikhofi lingasusa “amaphesenti angu-78 kuya kwangu-90 ezithako zensimbi ezinamandla ezincibilikile, njengomthofu nethusi, ngenxa yokuthi izinhlamvu zekhofi, ezinama-molecule angenawo ugesi zidonsa izithako zensimbi ezinamandla kagesi,” kubika iphephandaba i-Australian. Usokhemisi wemvelo uDkt. Mike McLaughlin uthi: “Uma ikhofi lifakwe kakhulu, kulapho lizisusa khona kangcono lezi zinto.” Kwenziwa ukuhlola okufanayo nangezinkambi zetiye, kodwa nakuba itiye lisusa ingxenye yesithathu yomthofu, alilisusi kangako ithusi.

Indoda Yeqhwa NgeSabatha?

Ukukhithika kakhulu kweqhwa kwa-Israel ngobusika banyakenye kuye kwabangela imibuzo ephicayo kumaJuda angama-Orthodox kule ndawo: Ingabe kuvumelekile ukushayana ngeqhwa ngeSabatha? Kuthiwani ngokwakha indoda yeqhwa? Ngokwengosi yezindaba i-IsraelWire, owayekade engumfundisi omkhulu kwa-Israeli, uMordehai Eliyahu, manje usevele neziqondiso kulawo makholwa angaqiniseki ukuthi yikuphi okuvumelekile nokungavumelekile. Umfundisi wachaza ukuthi ukwakha indoda yeqhwa “kuwumsebenzi,” yize noma kwenzelwa ukuzijabulisa. Ngakho-ke lo msebenzi ungena ngaphansi kwezinto ezenqatshelwe ngeSabatha. Ngakolunye uhlangothi, ukushayana ngeqhwa akuwona umsebenzi, ngakho-ke kuvumelekile. Nokho, kunombandela owodwa. Bonke abadlalayo kufanele bavumelane ngokushayana, bangashayi abantu abadlulayo ngeqhwa.

Ubuchopho Babantu Abadala Bukhiqiza Amangqamuzana Ezinzwa Amasha?

I-New York Times ithi: “Sekungamashumi eminyaka kucatshangwa ukuthi abantu bazalwa benawo wonke amangqamuzana obuchopho aphelele.” Yize noma emuva ngo-1965, ukuhlola ngezilwane ezithile kwabonisa ukuthi ubuchopho bazo babukhiqiza amangqamuzana ezinzwa amasha, izazi zezinzwa eziningi zazikholelwa ukuthi lokhu akwenzeki kubantu. Nokho, phakathi neshumi leminyaka elidlule, buye banqwabelana ubufakazi obubonisa ukuthi ubuchopho buyawakhiqiza amangqamuzana ezinzwa amasha nokuthi bungase buhlale buzivuselela. Ngonyaka odlule abacwaningi bathola ukuthi amangqamuzana amasha akheka engxenyeni yobuchopho bomuntu ehambisana nenkumbulo yesikhashana. Abanye ososayensi manje bakholelwa ukuthi “kungenzeka ubuchopho buyazivuselela njalo.”

Ukucindezeleka Okunzima Kuhlotshaniswa Nokuxhashazwa Kwezingane

I-Dallas Morning News ithi: “Abesifazane abaxhashazwa ngokomzimba noma ngokobulili lapho beseyizingane bangase bahlushwe ukusabela kabi ekucindezelekeni ukuphila kwabo konke.” Abacwaningi e-Emory University e-Atlanta baqhathanisa amazinga ama-hormone okucindezeleka nokushaya kwenhliziyo kwabesifazane abake baxhashazwa ngaphambili nawalabo abangakaze baxhashazwe, ngesikhathi laba besifazane benza umsebenzi ocindezelayo. Laba abaxhashazwa beseyizingane babenamazinga aphakeme ama-hormone okucindezeleka nenhliziyo eshaya ngamandla uma becindezelekile. Leli phephandaba lithi abacwaningi baphetha ngokuthi “kungase kube nokuphazamiseka okungapheli ezinguqukweni zamakhemikhali ngenxa yendlela imizimba yabo esabela futhi ilawule ngayo ukucindezeleka.”

Ojosaka Abasindayo

Ukuhlola okwenziwa i-American Academy of Orthopedic Surgeons kwabonisa ukuthi kunokuhlobana okukhulu phakathi kokuphathwa yiqolo namahlombe kwezingane kanye nojosaka abasindayo ezibagaxayo. Ngemva kokugcwalisa ojosaka bazo ngezincwadi zesikole, ukudla nesiphuzo, amathuluzi okudlala umculo nezingubo zokushintsha, ezinye izingane zigaxa ojosaka abangamakhilogremu angu-18. Izazi zezifo zezingane zixwayisa ngokuthi izingane ezifunda esikoleni sabaqalayo zingagcina sezinezinkinga ezinkulu zamaqolo, kuhlanganise nokugoba komgogodla, uma zigaxa imithwalo esinda kangaka zonke izinsuku uma ziya esikoleni. Iphephandaba laseMexico City i-Excelsior libika ukuthi abanye ochwepheshe basikisela kothisha-nhloko nakothisha ukuba isisindo sojosaka abaphathwa yizingane singabi ngaphezu kwamaphesenti angu-20 esisindo somzimba wayo noma ukuba ojosaka baqhutshwe “ngamasondo, babe namabhande asokhalweni futhi babe neziponji kule ndawo abahlala ngayo emhlane.”

Iwayini—Selinamakhulu Amathathu Eminyaka Likhona

I-Times yaseLondon ibika ukuthi kunamabhodlela amabili ewayini atholakalé emvuthulukeni yesakhiwo saseLondon esabhidlizwa ngo-1682. Isivalo sikakhokho selinye sase sibolile, futhi iwayini elingaphakathi lase liphenduke laba uviniga; kodwa esinye isivalo sikakhokho, esasibanjwe ucingo nengcina, sasisavaleke ngcí. Esenzakalweni sokunambitha iwayini esasihlelwe iMuseum of London, ochwepheshe bewayini banambitha ingcosana yaleli wayini eselinamakhulu eminyaka abalidonsa ngomjovo ebhodleleni. Baphetha ngokuthi kungenzeka ukuthi kwakuyiMadeira ebabayo futhi bathi ukunambitheka kwalo “kusenjengoba kwakunjalo, liyashelela, liyazoyiza futhi lithakwe kahle.”

Imifula Yomhlaba Isenkingeni Enkulu

Iphephandaba i-USA Today libika ukuthi: “Imifula emikhulu emhlabeni engaphezu kwesigamu iyoma noma ingcolile.” I-World Commission on Water for the 21st Century ithi imifula eminingi iye “yasha noma yangcoliswa” ngenxa yokusetshenziswa kakhulu noma ukusetshenziswa kabi kwezwe namanzi. Le khomishane ithi ukungcoliswa kwale mithombo yamanzi engokwemvelo “kusongela impilo nokuphila kwabantu abathembele kuyo ukuze bathole amanzi okunisela, okuphuza nawezimboni.” Ngokuthakazelisayo, phakathi kwemifula emikhulu engu-500 emhlabeni wonke, imifula emibili “esenempilo” yi-Amazon eseNingizimu Melika neCongo ese-Afrika. Isizathu? Lo mbiko uthi: “Yomibili inezikhungo zezimboni ezimbalwa eduze nosebe lwayo.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela